Ingabe Kuningi Ngokweqile Okufanele Sikufunde?
Umbhangqwana oyizithunywa zevangeli wawuhleli ogwini lolwandle eNtshonalanga Afrika ubuka ubuhle benyanga. “Kazi umuntu wazi okungakanani ngenyanga, futhi kungakanani okusafanele sikufunde ngayo?” kusho indoda.
Umkayo yena wathi: “Ukube nje besingabuka umhlaba uhamba njengoba sibuka le nyanga—kazi abantu bazi okungakanani ngomhlaba, futhi kungakanani okusadingeka bakufunde? Futhi cabanga nje! Akukhona kuphela ukuthi umhlaba uzungeza ilanga kodwa sonke isimiso sethu sonozungezilanga siyahamba. Lokhu kusho ukuthi cishe ngeke siphinde sibe kule ndawo esikuyo endaweni yonke. Empeleni, ukuthi sikuphi njengamanje sazi kuphela ngokuziqhathanisa nelanga nezinkanyezi. Sinolwazi oluningi ngezinto ezithile, kodwa singasho sithi asazi nakwazi ukuthi sikuphi!”
LEYO micabango iveza amaqiniso athile ayisisekelo. Kubonakala kunokuningi okusafanele sikufunde. Yiqiniso, ngamunye wethu ufunda izinto ezintsha nsuku zonke. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi sifunda okungakanani, kubonakala sengathi asikwazi ukufunda konke esingathanda ukukwazi.
Yiqiniso, ngaphezu kokuba nekhono lokufunda izinto ezintsha, ikhono lokugcina ulwazi selithuthuke kakhulu. Ulwazi oluqongelelwe isintu selwande kakhulu ngenxa yobuchwepheshe. Ama-hard disk e-computer asekwazi ukugcina ulwazi oluningi kangangokuthi kwadingeka kuqanjwe amagama amasha ezibalo okuwachaza. I-CD-ROM encane ingagcina ukwaziswa okuningi; ikwazi ukugcina ukwaziswa okungama-megabyte angu-680 noma ngaphezulu. I-DVD evamile ingagcina ukwaziswa okungangena kuma-CD-ROM acishe abe ngu-7, futhi aseyatholakala angagcina ukwaziswa okuningi kakhulu.
Izindlela zesimanje zokudlulisela ukwaziswa ziyamangalisa. Imishini yokunyathelisa inyathelisa amaphephandaba, omagazini nezincwadi ngesivinini esikhulu. Umuntu osebenzisa i-Internet umane nje acindezele inkinobho abese ethola ukwaziswa okungenamkhawulo. Ngalezi zindlela nangezinye eziningi, ukusakazwa kokwaziswa kwanda ngokushesha kangangokuthi akekho umuntu ongakufunda konke. Le nsada yokwaziswa ngezinye izikhathi ifaniswa nolwandle, lona olukhulu kangangokuthi kumelwe sifunde ukubhukuda kulo, kodwa singazami ukuluphuza lonke. Ngenxa yobuningi bolwazi siyaphoqeleka ukuba sikhethe.
Esinye isizathu sokuba sikhethe ukuthi ulwazi oluningi olutholakalayo aluzuzisi njalo. Empeleni, olunye lwalo aluluhle, akusizi nokuba nalo. Khumbula ukuthi ulwazi luwukwaziswa—kungakhathaliseki ukuthi luhle noma lubi, luyakha noma luyabhidliza. Okwenza kube nzima ngokwengeziwe ukuthi ezinye izinto ezibhekwa abaningi njengeziyiqiniso kuye kwatholakala ukuthi azilona iqiniso. Kukangaki nje amazwi ezikhulu ezihlonishwa kakhulu etholakala kamuva ukuthi ayiphutha noma angamanga! Ngokwesibonelo, cabanga ngomgcini-mibhalo wase-Efesu yasendulo owayebhekwa njengesikhulu esihlakaniphile. Wathi: “Ngubani ngempela esintwini ongazi ukuthi umuzi wabase-Efesu ungumgcini wethempeli lika-Arthemisi omkhulu nowomfanekiso owawa ezulwini?” (IzEnzo 19:35, 36) Nakuba lokhu kwakubonakala kwaziwa yiwo wonke umuntu—abaningi babethi lokho akunakuphikwa—kwakungelona iqiniso ukuthi leso sithombe sasiwe ezulwini. Yingakho iBhayibheli Elingcwele lixwayisa amaKristu ukuba akuqaphele lokho “okubizwa ngokungeyikho ngokuthi ‘ulwazi.’”—1 Thimothewu 6:20.
Isizathu esinamandla sokuba silukhethe ulwazi ukuthi ukuphila kwethu manje kufushane kakhulu. Kungakhathaliseki ukuthi umdala kangakanani, akungabazeki ukuthi kunemikhakha yolwazi ongathanda ukuyicwaninga, kodwa uyaqaphela ukuthi ngeke uphile isikhathi eside ngokwanele ukuze ukwazi ukwenza kanjalo.
Ingabe le nkinga iyoke iphele? Ingabe uyoke ube khona umkhakha wolwazi oyokwandisa isikhathi sokuphila size singapheli? Ingabe ulwazi olunjalo selukhona kakade? Uma lukhona, ingabe bonke abantu bayokwazi ukuluthola? Ingabe luyoke lufike usuku lapho lonke ulwazi luyobe luqukethe lokho esikulindele—iqiniso? Umbhangqwana oyizithunywa zevangeli okukhulunywe ngawo ekuqaleni uye wathola izimpendulo ezanelisayo zaleyo mibuzo, futhi nawe ungazithola. Sicela ufunde isihloko esilandelayo, esizokunikeza ithemba lokufunda kuze kube phakade.