Singabhekana Nanoma Ikuphi Ukulingwa!
INGABE kumanje nje ubhekene nokulingwa ekuphileni kwakho? Ingabe uzizwa udumazeke kakhulu futhi wehluleka ukubhekana nakho? Ingabe ngezinye izikhathi uyesaba ukuthi inkinga yakho ihlukile futhi ayinakuxazululeka? Uma kunjalo, yima isibindi! Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi ukulingwa esibhekene nakho, iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu angasinika amandla ukuze sikukhuthazelele.
IBhayibheli liyavuma ukuthi izinceku zikaNkulunkulu ‘ziyohlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene.’ (Jakobe 1:2) Phawula igama elithi “okuhlukahlukene” (ngesiGreki poi·kiʹlos). Ngokwendlela elalisebenza ngayo endulo, leli gama lisho ukuthi “ezininginingi” noma “[into] enemibala eminingi” futhi ligcizelela “ukuba nhlobonhlobo kokulingwa.” Empeleni, enkulumweni yansuku zonke lisho ukuthi “okunemibala eminingi.” Ngakho, ngokomfanekiso ‘ukulingwa okuhlukahlukene’ kuwukulingwa okuqhamuka ngemibala ehlukahlukene. Noma kunjalo, uJehova uyasisekela ukuze sibhekane nazo zonke. Kungani singaqiniseka ngalokho?
‘Umusa Ongafanelwe KaNkulunkulu Ubonakaliswa Ngezindlela Ezihlukahlukene’
Umphostoli uPetru uphawula ukuthi amaKristu “enziwa lusizi yizilingo ezihlukahlukene.” (1 Petru 1:6) Kamuva encwadini yakhe ephefumulelwe, uthi ‘umusa ongafanelwe kaNkulunkulu ubonakaliswa ngezindlela ezihlukahlukene.’ (1 Petru 4:10) Amazwi athi “ngezindlela ezihlukahlukene” anegama elinomsuka ofanayo nowaleli lesiGreki sokuqala. Siphawula ngala mazwi, isazi seBhayibheli sithi: “Lona umqondo ojulile. . . . Ukubiza umusa [noma umusa ongafanelwe] kaNkulunkulu ngokuthi poikilos kusho ukuthi akukho mbala wesimo sesintu ongenakunqotshwa umusa kaNkulunkulu.” Siyaqhubeka: “Azikho izimo ezingaba khona, akukho nhlekelele, ingozi noma isidingo esiphuthumayo umusa kaNkulunkulu ongeke wakwazi ukusisingatha, futhi umusa kaNkulunkulu ongeke usinqobe noma ubhekane naso ngokuphumelelayo. Akukho lutho ekuphileni umusa kaNkulunkulu ongenakukwazi ukubhekana nakho. Leli gama elicacile elithi poikilos lisikhumbuza ukuthi ngempela umusa kaNkulunkulu onemibala eminingi ungakwazi ukusisiza sibhekane nazo zonke izinto.”
Umusa Ongafanelwe Usisiza Sikhuthazelele Ukulingwa
NgokukaPetru, enye indlela umusa ongafanelwe kaNkulunkulu obonakaliswa ngayo ingabantu abahlukahlukene abakha ibandla lobuKristu. (1 Petru 4:11) Yileyo naleyo nceku kaNkulunkulu inezipho ezingokomoya, noma amakhono angaba umthombo wesikhuthazo kulabo ababhekene nokulingwa. (Roma 12:6-8) Ngokwesibonelo, amanye amalungu ebandla angabafundisi beBhayibheli abanekhono. Amazwi abo anokuqonda akhuthaza abanye ukuba bakhuthazele. (Nehemiya 8:1-4, 8, 12) Abanye benza ukuhambela kokwalusa njalo emakhaya alabo abadinga usizo. Lokho kuhanjelwa kuyizikhathi ezikhuthazayo, ‘ukududuzwa kwezinhliziyo.’ (Kolose 2:2) Lapho ababonisi benza lokho kuhambela okuqinisa ukholo, badlulisela isipho esingokomoya. (Johane 21:16) Kunabanye ebandleni abaziwa ngemfudumalo, isihawu nokuba nesisa endleleni abaphatha ngayo abakholwa nabo abadatshukiswe ukulingwa. (IzEnzo 4:36; Roma 12:10; Kolose 3:10) Uzwela nosizo olungokoqobo oluboniswa yilabo bafowethu nodadewethu abanothando luwukubonakaliswa okukhulu, noma “umbala” womusa ongafanelwe kaNkulunkulu.—IzAga 12:25; 17:17.
‘UNkulunkulu Wenduduzo Yonke’
Ngaphezu kwakho konke, uJehova uyasiduduza. ‘UnguNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.’ (2 Korinte 1:3, 4) Ukuhlakanipha okutholakala eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe namandla esiwathola emoyeni wakhe ongcwele kuyizindlela eziyinhloko uJehova aphendula ngazo imithandazo yethu lapho sicela usizo. (Isaya 30:18, 21; Luka 11:13; Johane 14:16) Singaqiniswa isithembiso esiphefumulelwe esabhalwa umphostoli uPawulu. Wathi: “UNkulunkulu uthembekile, futhi ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.”—1 Korinte 10:13.
Yebo, kungakhathaliseki ukuthi izilingo zethu “zimbala” muni noma zinjani, njalo kuyohlale ‘kunombala’ noma ukubonakaliswa komusa ongafanelwe kaNkulunkulu oyosisiza ukuba sibhekane nakho. (Jakobe 1:17) Ukusekela kukaJehova izinceku zakhe okufika ngesikhathi nokufanele—kungakhathaliseki izindlela ezingahlukahluka ngazo izilingo noma izinselele—kuwuhlobo olulodwa nje lobufakazi ‘bokuhlakanipha kukaNkulunkulu okuhlukahlukene kakhulu.’ (Efesu 3:10) Awuvumi yini?
[Izithombe ekhasini 31]
UJehova uyasisiza ukuba sibhekane nokulingwa