AmaKristu Abonakalisa Inkazimulo KaJehova
“Ayajabula amehlo enu ngoba ayabona, nezindlebe zenu ngoba ziyezwa.”—MATHEWU 13:16.
1. Imuphi umbuzo ofika engqondweni mayelana nendlela ama-Israyeli asabela ngayo kuMose phambi kweNtaba iSinayi?
AMA-ISRAYELI ayebuthene phambi kweNtaba iSinayi ayenesizathu esihle sokusondelana noJehova. Ingani wayewakhulule eGibhithe ngesandla esinamandla. Wayenakekele izidingo zawo, wawanika ukudla namanzi ehlane. Ngemva kwalokho, wawasiza anqoba ibutho lama-Amaleki elaliwahlasela. (Eksodusi 14:26-31; 16:2–17:13) Lapho bekanise ehlane phambi kweNtaba iSinayi, abantu babethuswe ukuduma kwezulu nokubaneka kangangokuthi baze bathuthumela. Kamuva, babona uMose ehla eNtabeni iSinayi, ubuso bakhe bubonakalisa inkazimulo kaJehova. Nokho, kunokuba lokhu kubenze bazibuze ukuthi kwakwenzekeni futhi babe nokwazisa, baqhela. “Besaba ukusondela [kuMose].” (Eksodusi 19:10-19; 34:30) Kungani babesaba ukubona inkazimulo kaJehova, owayebenzele lukhulu kangaka?
2. Yini okungenzeka yenza ama-Israyeli esaba lapho ebona inkazimulo kaNkulunkulu eyayibonakaliswa uMose?
2 Cishe ukwesaba kwama-Israyeli kulesi senzakalo kwakuhlobene nalokho okwakwenzeke ngaphambili. Lapho engamlaleli ngamabomu uJehova ngokwenza ithole legolide, wawafundisa ngokuwajezisa. (Eksodusi 32:4, 35) Ingabe asithola isifundo esijezisweni sikaJehova, asazisa? Iningi alizange. Lapho esezokufa, uMose wakhumbula isenzakalo sethole legolide kanye nezinye zokungalaleli kwama-Israyeli. Wathi kubantu: “Nadlubulunda emyalweni kaJehova uNkulunkulu wenu, anilubonisanga ukholo kuye futhi anililalelanga izwi lakhe. Niye nadlubulunda kuJehova ngokuziphatha kwenu kusukela osukwini enganazi ngalo.”—Duteronomi 9:15-24.
3. UMose wayegubuzela uma kwenzenjani?
3 Cabanga ngalokho uMose akwenza lapho ama-Israyeli esaba. Ukulandisa kuthi: “Lapho uMose eqeda ukukhuluma nabo wazimboza ubuso ngomgubuzelo. Kodwa lapho uMose engena [etabernakele] phambi kukaJehova ukuba akhulume naye, wayewususa umgubuzelo aze aphume. Wayephuma akhulume nabantwana bakwa-Israyeli lokho ayesuke ekuyaliwe. Abantwana bakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose, ukuthi isikhumba sobuso bukaMose sasikhipha imisebe; uMose wawubuyisela umgubuzelo ebusweni bakhe kwaze kwaba yilapho engena ukuba akhulume [noJehova].” (Eksodusi 34:33-35) Kungani uMose ayegubuzela ngezinye izikhathi? Yini esingayifunda kulokhu? Izimpendulo zale mibuzo zingasisiza ukuba sihlaziye obethu ubuhlobo noJehova.
Amathuba Angasetshenziswanga
4. Umphostoli uPawulu wavezani ngalokho okwakushiwo ukugubuzela kukaMose?
4 Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi ukuzimboza kukaMose ngomgubuzelo kwakuhlobene nesimo sezinhliziyo nezingqondo zama-Israyeli. UPawulu wabhala: “Abantwana bakwa-Israyeli abakwazanga ukubukisisa ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe . . . Amandla abo engqondo ayethuntubezekile.” (2 Korinte 3:7, 14) Yeka isimo esidabukisayo! Ama-Israyeli ayeyisizwe sikaJehova esikhethiwe, futhi wayefuna asondelane naye. (Eksodusi 19:4-6) Kodwa wona awafunanga ukubukisisa inkazimulo kaNkulunkulu. Kunokuba aphendulele izinhliziyo nezingqondo zawo kuJehova azinikele kuye ngothando, amfulathela ngomqondo othile.
5, 6. (a) AmaJuda ekhulu lokuqala ayefana ngani nama-Israyeli osuku lukaMose? (b) Imuphi umehluko owawukhona phakathi kwalabo abamlalela uJesu nalabo abangamlalelanga?
5 Kulokhu, sithola isimo esifanayo ekhulwini lokuqala C.E. Ngesikhathi uPawulu eguqukela ebuKristwini, isivumelwano soMthetho sase sithathelwe indawo isivumelwano esisha, esimlamuleli waso nguJesu Kristu, uMose Omkhulu. Ngamazwi nangezenzo, uJesu wayibonakalisa ngokuphelele inkazimulo kaJehova. UPawulu wabhala ngoJesu ovusiwe: ‘Uwukubonakaliswa kwenkazimulo kaNkulunkulu nomfanekiso okuyiwonawona wobuqu bakhe uqobo.’ (Hebheru 1:3) Yeka ithuba elihle amaJuda ayenalo! Ayengalalela amazwi okuphila okuphakade ekhulunywa iNdodana kaNkulunkulu uqobo lwayo! Ngokudabukisayo, iningi lalabo uJesu abashumayeza alilalelanga. Mayelana nalabo bantu, uJesu wacaphuna isiprofetho uJehova ayesisho ngo-Isaya: “Inhliziyo yalaba bantu iye yaba lukhuni, nangezindlebe zabo bezwile bangasabela, futhi baye bacimeza amehlo abo; ukuze bangalokothi babone ngamehlo abo bezwe nangezindlebe zabo, bathole umqondo wako ngezinhliziyo zabo bese bebuya, ngibaphulukise.”—Mathewu 13:15; Isaya 6:9, 10.
6 Kwakunomehluko omkhulu phakathi kwamaJuda nabafundi bakaJesu, uJesu athi ngabo: “Ayajabula amehlo enu ngoba ayabona, nezindlebe zenu ngoba ziyezwa.” (Mathewu 13:16) AmaKristu eqiniso alangazelela ukwazi nokukhonza uJehova. Ayakujabulela ukufeza intando yakhe, njengoba yambulwe eBhayibhelini. Ngenxa yalokho, amaKristu agcotshiwe abonakalisa inkazimulo kaJehova enkonzweni yawo yesivumelwano esisha, futhi nezinye izimvu zenza okufanayo.—2 Korinte 3:6, 18.
Okwenza Izindaba Ezinhle Zigutshuzelwe
7. Kungani kungasimangazi ukuthi iningi labantu liyazenqaba izindaba ezinhle?
7 Njengoba sibonile, osukwini lukaJesu nolukaMose, iningi lama-Israyeli lalenqaba ithuba eliyingqayizivele elaliwavulekele. Kwenzeka okufanayo nasesikhathini sethu. Iningi labantu liyazenqaba izindaba ezinhle esizishumayelayo. Akusimangazi lokhu. UPawulu wabhala: “Manje, uma izindaba ezinhle esizimemezelayo eqinisweni zigutshuzelwe, zigutshuzelwe phakathi kwalabo ababhubhayo, phakathi kwalabo unkulunkulu walesi simiso sezinto aye waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa.” (2 Korinte 4:3, 4) Ngaphezu kwemizamo kaSathane yokufihla izindaba ezinhle, abantu abaningi bazimboza ubuso ngoba bengafuni ukubona.
8. Ukungazi kubaphuphuthekisa kanjani abaningi, futhi singakugwema kanjani ukuthinteka ngendlela efanayo?
8 Amehlo angokomfanekiso abantu abaningi aphuphuthekiswe ukungazi. IBhayibheli lithi izizwe “zisebumnyameni ngengqondo, futhi zihlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu, ngenxa yokungazi okukuzo.” (Efesu 4:18) Ngaphambi kokuba abe umKristu, uPawulu, indoda eyayinolwazi ngoMthetho, wayephuphuthekiswe ukungazi kangangokuthi washushisa ibandla likaNkulunkulu. (1 Korinte 15:9) Nokho, uJehova wamambulela iqiniso. UPawulu uyachaza: “Isizathu sokuba ngiboniswe isihe sasiwukuba uKristu Jesu angisebenzise njengesibonelo esiphambili, ekuboniseni konke ukubekezela kwakhe njengesiboniso kulabo abayoba nokholo kuye ukuze bathole ukuphila okuphakade.” (1 Thimothewu 1:16) NjengoPawulu, abaningi ababekade beliphikisa iqiniso leBhayibheli manje sebeyamkhonza uNkulunkulu. Lesi isizathu esihle sokuqhubeka sishumayela ngisho nakulabo abasiphikisayo. Okwamanje, ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu njalo futhi sithole umqondo walo, siyavikeleka ekwenzeni ngokungazi ngendlela engamjabulisi uJehova.
9, 10. (a) AmaJuda ekhulu lokuqala abonisa kanjani ukuthi awafundiseki futhi awazimisele ukushintsha imibono yawo? (b) Kukhona yini ukufana kweLobukholwa namuhla? Chaza.
9 Umbono ongokomoya wabantu abaningi ufiphele ngoba abafundiseki futhi abazimisele ukushintsha imibono yabo. AmaJuda amaningi amenqaba uJesu nezimfundiso zakhe ngoba ayebambelele ngenkani eMthethweni KaMose. Yiqiniso, akuwona wonke ayenjalo. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba uJesu evusiwe, “isixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.” (IzEnzo 6:7) Nokho, mayelana neningi lamaJuda, uPawulu wabhala: “Kuze kube namuhla noma nini lapho uMose efundwa, umgubuzelo uphezu kwezinhliziyo zabo.” (2 Korinte 3:15) Cishe uPawulu wayekwazi lokho uJesu ayekushilo kubaholi benkolo bamaJuda: “Nihlola imiBhalo, ngoba nicabanga ukuthi niyoba nokuphila okuphakade ngayo; yiyo kanye le efakaza ngami.” (Johane 5:39) ImiBhalo ababeyihlola ngokukhulu ukucophelela lokhu kwakufanele ibasize babone ukuthi uJesu unguMesiya. Nokho, amaJuda ayezicabangela okwawo, futhi ngisho neNdodana kaNkulunkulu eyayenza izimangaliso ayikwazanga ukuwashintsha.
10 Kunjalo nangabaningi kweLobukholwa namuhla. NjengamaJuda ekhulu lokuqala, “banentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.” (Roma 10:2) Nakuba abanye belitadisha iBhayibheli, abafuni ukukukholwa lokho elikushoyo. Bayenqaba ukwamukela ukuthi uJehova ufundisa abantu bakhe ngesigaba sakhe senceku ethembekileyo neqondayo samaKristu agcotshiwe. (Mathewu 24:45) Nokho, thina siyaqonda ukuthi uJehova ufundisa abantu bakhe, nokuthi selokhu kwathi nhló amaqiniso kaNkulunkulu aqondakala kancane kancane. (IzAga 4:18) Ukuvuma ukufundiswa uJehova kusenza sibusiswe ngokwazi intando nenjongo yakhe.
11. Ukukholwa kwabantu yilokho okufunwa yibo kulifihle kanjani iqiniso?
11 Abanye baphuphuthekiswa ukuthi bakholwa yilokho okufunwa yibo. Kwabikezelwa ukuthi abanye babeyobahleka usulu abantu bakaNkulunkulu nomyalezo abawumemezelayo mayelana nokuba khona kukaJesu. Umphostoli uPetru wabhala: “Ngokwesifiso sabo, leli qiniso liyabaphunyuka,” lokuthi uNkulunkulu waletha uzamcolo ezweni lesikhathi sikaNowa. (2 Petru 3:3-6) Ngokufanayo, amaKristu amaningi okuzisholo avumela phezulu ukuthi uJehova ubonisa isihe nomusa, futhi uyathethelela; kodwa ayalishalazela noma alenqabe iqiniso lokuthi akamkhululi umuntu esijezisweni. (Eksodusi 34:6, 7) AmaKristu eqiniso ayaqikelela ukuthi ayakuqonda lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela.
12. Amasiko enkolo abaphuphuthekise kanjani abantu?
12 Abantu abaningi abasontayo baphuphuthekiswe amasiko enkolo. UJesu wathi kubaholi benkolo bosuku lwakhe: “Nilenzé ize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu.” (Mathewu 15:6) AmaJuda ayekuvuselele ngentshiseko ukukhulekela okuhlanzekile ngemva kokubuya ekudingisweni eBhabhiloni, kodwa abapristi uqobo baqala ukuziqhenya nokuzibona belungile. Imikhosi engokwenkolo yaba eyokugcina icala, yangabe isahambisana nokumhlonipha ngobuqotho uNkulunkulu. (Malaki 1:6-8) Ngesikhathi sikaJesu, ababhali nabaFarisi base benezele inqwaba yamasiko eMthethweni KaMose. UJesu wabadalula labo bantu ukuthi bangabazenzisi ngoba babengasaziqondi izimiso zokulunga uMthetho owawusekelwe kuzo. (Mathewu 23:23, 24) AmaKristu eqiniso kumelwe aqikelele ukuthi awavumeli amasiko enkolo enziwe abantu ukuba awaphambukise ekukhulekeleni okuhlanzekile.
‘Ukubona Lowo Ongabonakali’
13. Iziphi izindlela ezimbili uMose abona ngazo inkazimulo kaNkulunkulu ngezinga elithile?
13 UMose wacela ukubona inkazimulo kaNkulunkulu entabeni, futhi walibona ingemuva lenkazimulo kaJehova. Lapho engena etabernakele, wayengawufaki umgubuzelo. UMose wayeyindoda enokholo olujulile, eyayifisa ukwenza intando kaNkulunkulu. Nakuba abusiswa ngokuboniswa inkazimulo kaJehova kancane embonweni, ngomqondo othile wayesembonile kakade uNkulunkulu ngamehlo okholo. IBhayibheli lithi uMose “waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.” (Hebheru 11:27; Eksodusi 34:5-7) Futhi wabonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu hhayi nje ngaleyo misebe eyaphuma ebusweni bakhe isikhathi esithile, kodwa nangemizamo yakhe yokusiza ama-Israyeli ukuba amazi uJehova futhi amkhonze.
14. UJesu wayeyibona kanjani inkazimulo kaNkulunkulu, futhi yini ayeyijabulela?
14 Ezulwini, uJesu wayeyibona ngokuqondile inkazimulo kaNkulunkulu isikhathi esingenakulinganiswa, kungakadalwa ngisho namazulu nomhlaba. (IzAga 8:22, 30) Sonke leso sikhathi, baba nobuhlobo obujulile obunothando olukhulu. UJehova uNkulunkulu wabonisa izibulo layo yonke indalo yakhe uthando olunesisa esikhulu futhi elikhonzile. UJesu naye wenza okufanayo ngokubonisa uthando lwakhe olujulile ngoMniki-kuphila wakhe osezulwini. (Johane 14:31; 17:24) Babethandana ngokuphelele njengoBaba neNdodana. NjengoMose, uJesu wayekujabulela ukubonakalisa inkazimulo kaJehova ezintweni ayezifundisa.
15. AmaKristu ayibukisisa kanjani inkazimulo kaNkulunkulu?
15 NjengoMose noJesu, oFakazi bakaNkulunkulu banamuhla abasemhlabeni bamagange ukubukisisa inkazimulo kaJehova. Abazange bazifulathele izindaba ezinhle ezikhazimulayo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Lapho kuba khona ukuphendukela kuJehova [ngenjongo yokwenza intando yakhe], umgubuzelo uyasuswa.” (2 Korinte 3:16) Sitadisha imiBhalo ngoba sifuna ukwenza intando kaNkulunkulu. Siyayazisa inkazimulo ebonakaliswa ubuso beNdodana kaJehova eyiNkosi egcotshiwe, uJesu Kristu, futhi silingisa isibonelo sayo. NjengoMose noJesu, sibusiswe ngenkonzo, ukufundisa abanye ngoNkulunkulu okhazimulayo esimkhulekelayo.
16. Kungani sibusisekile ngokwazi iqiniso?
16 UJesu wathandaza: “Ngikudumisa obala, Baba, . . . ngoba uzifihlile lezi zinto kwabahlakaniphile nakongqondongqondo wazambulela izingane.” (Mathewu 11:25) UJehova wenza abantu abaqotho nabathobekile ngenhliziyo baqonde izinjongo nobuntu bakhe. (1 Korinte 1:26-28) Uyasinakekela, asivikele, futhi usifundisa ukuze sizuze—sithole okungcono kakhulu ekuphileni. Kwangathi singasebenzisa wonke amathuba okusondela kuJehova, siwazise amalungiselelo akhe amaningi okumazi ngokuseduze.
17. Iziphi izindlela esingazi ngazo izimfanelo zikaJehova ngokwengeziwe?
17 UPawulu wabhalela amaKristu agcotshiwe: “Sibonakalisa njengezibuko inkazimulo kaJehova ngobuso obungagutshuzelwe, [futhi] siguqulelwa emfanekisweni ofanayo kusuka enkazimulweni kuya enkazimulweni.” (2 Korinte 3:18) Kungakhathaliseki ukuthi ithemba lethu elasezulwini noma elasemhlabeni, lapho simazi ngokwengeziwe uJehova—izimfanelo nobuntu bakhe njengoba kwembulwe eBhayibhelini—siba njengaye ngokwengeziwe. Uma sizindla ngokwazisa ngokuphila, ngenkonzo nangezimfundiso zikaJesu Kristu, siyozibonakalisa ngokwengeziwe izimfanelo zikaJehova. Yeka ukuthi kusijabulisa kanjani ukwazi ukuthi siletha udumo kuNkulunkulu wethu, esizama ukubonakalisa inkazimulo yakhe!
Uyakhumbula?
• Kungani ama-Israyeli esaba ukubona inkazimulo kaNkulunkulu eyayibonakaliswa uMose?
• Izindaba ezinhle ‘zazigutshuzelwe’ ngaziphi izindlela ekhulwini lokuqala? Zigutshuzelwe ngaziphi izindlela osukwini lwethu?
• Siyibonakalisa kanjani inkazimulo kaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 19]
Ama-Israyeli awakwazanga ukubuka ubuso bukaMose
[Izithombe ekhasini 21]
NjengoPawulu, abaningi ababekade beliphikisa iqiniso leBhayibheli manje sebeyamkhonza uNkulunkulu
[Izithombe ekhasini 23]
Izinceku zikaJehova ziyakujabulela ukubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu