Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 9/1 k. 3
  • Ingabe Ubuqotho Buyazuzisa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ubuqotho Buyazuzisa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imfanelo Etuswa Kakhulu Kodwa Eyivelakancane
  • Bhekani Abathembekile!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukubhekana Nenselele Yokwethembeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • “Wena Wedwa [Uqotho]”
    Sondela KuJehova
  • Ukwethembeka—Kunentengo Engakanani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 9/1 k. 3

Ingabe Ubuqotho Buyazuzisa?

“UMSHUWALENSE wakho wezokwelapha umba eqolo,” kusho uKarl, osebenzela inkampani yezomshuwalense.a “Uma ungashintshela kowethu, uzokonga imali engu-R120 ngenyanga, okuyimali eningi kabi.”

UJens waphendula: “Mhlawumbe kuyiqiniso lokho okushoyo, kodwa sekuyiminyakana ngikulo mshuwalense. Abantu bawo baye bangisiza kakhulu esikhathini esidlule, futhi ngifuna ukuhlala ngiqotho kubo.”

UKarl waphendula: “Kuhle ukuba qotho Jens, kodwa lobu buqotho bakho bukudlela imali!”

UKarl wayeqinisile. Ngokuvamile, ukuba qotho kumuntu othile kungase kusho ukulahlekelwa imali.b Kudinga nesikhathi, amandla nokuzibophezela ngokomzwelo. Ingabe ubuqotho buyazuzisa ngempela?

Imfanelo Etuswa Kakhulu Kodwa Eyivelakancane

Kuyinhlolo-vo eyenziwa i-Allensbach Opinion Research Institute eJalimane, amaphesenti angu-96 alabo abaveza uvo lwabo kule nhlolo-vo bathi ubuqotho buyimfanelo efiselekayo. Inhlolo-vo yesibili eyenziwa yiyona i-Allensbach kubantu abaneminyaka engu-18 kuya kwengu-24 yabonisa ukuthi ababili kwabathathu kulaba ababuzwa bathi ubuqotho buyimfanelo enhle impela.

Nakuba ukuba qotho, noma ukwethembeka, kutuswa kabanzi, kuvele kwenzeke okuhlukile uma sekufuneka ukuba umuntu abe qotho, noma athembeke ngempela. Ngokwesibonelo, emazweni amaningana aseYurophu, imibhangqwana eshadile noma amalungu omkhaya ayathukela ethembekile komunye nomunye. Abangane bavame ukungathembeki kubangane babo. Kanti ukwethembana okwakukhona esikhathini esidlule phakathi komqashi nesisebenzi naphakathi kophethe ibhizinisi namakhasimende akhe empeleni akusekho manje. Kungani kunjalo?

Ngezinye izikhathi ukuphila kwamanje okuhlale kuphuthuma kwenza umuntu angabi naso isikhathi noma isineke sokuzibophezela kokuthile, okudinga ukuba qotho. Abantu abaye badunyazwa abanye abantu mhlawumbe sebeyakugwema manje ukuba qotho komunye umuntu. Abanye bangase bathande ukuba bagcine nje ngokujwayelana nabantu, bangabi nesibopho sokwethembeka kubo.

Kungakhathaliseki isizathu, ubuqotho buyimfanelo etuswa kakhulu kodwa eyivelakancane. Yingakho kuphakama le mibuzo: Ingabe ubuqotho buyazuzisa? Uma buzuzisa, kufanele sibe qotho kubani, futhi sibe qotho ngaziphi izindlela? Iziphi izinzuzo zokuba qotho?

[Imibhalo yaphansi]

a Kulesi sihloko nakwesilandelayo amanye amagama ashintshiwe.

b Nakuba elithi “ubuqotho” nelithi “ukwethembeka” engavamile ukusetshenziswa emongweni ofanayo, kulezi zihloko aye asetshenziswa ngomqondo ofanayo kwezinye izindawo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]

Ubuqotho buyimfanelo etuswa kakhulu kodwa eyivelakancane

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela