Indaba Yokuphila
Ukukhuthazela Njengesosha LikaKristu
ILANDISWA UYURII KAPTOLA
“Sengiyabona manje ukuthi ngempela unokholo!” Lawo mazwi ashiwo umuntu engangingamlindele—induna yebutho lempi laseSoviet—futhi anginika amandla engangiwadinga ngaleso sikhathi. Ngangibhekene nesigwebo eside ejele futhi ngangithandaze kuJehova ngicela ukuba angisekele. Ngangizodonsa kanzima isikhathi eside futhi kwakuzodingeka ngikhuthazele futhi ngiqine.
NGAZALWA ngo-October 19, 1962, futhi ngakhulela engxenyeni esentshonalanga ye-Ukraine. Ngalowo nyaka, ubaba naye owayenguYurii, wahlangana noFakazi BakaJehova. Ngokushesha waba umkhulekeli kaJehova wokuqala endaweni yakithi. Izikhulu ezaziphikisa oFakazi BakaJehova zaqaphela ukuthi naye wayeshumayela.
Nokho, iningi lomakhelwane lalibahlonipha abazali bami ngenxa yezimfanelo zabo zobuKristu nokukhathalela kwabo abanye abantu. Kusukela sisebancane, abazali bami basebenzisa wonke amathuba ukuba bagxilise kimi nakodadewethu abathathu uthando ngoNkulunkulu, futhi lokhu kwangisiza ngakwazi ukubhekana nezinselele eziningi engahlangabezana nazo esikoleni. Enye yaphakama lapho sonke njengabafundi kwakudingeka sifake ibheji elibonisa ukuthi ungomunye wama-Lenin’s October Children. Ngenxa yokungathathi hlangothi njengomKristu, angizange ngilifake lelo bheji ngakho ngabonakala ukuthi ngangihlukile.—Johane 6:15; 17:16.
Kamuva, lapho sengifunda ibanga lokuqala, kwakudingeka bonke abafundi bajoyine inhlangano yentsha yamaKhomanisi ebizwa ngokuthi iYoung Pioneers. Ngelinye ilanga, kwathiwa ikilasi lethu maliye emcimbini wokubuthwa owawuzoqhutshelwa emabaleni esikole. Ngangithuke ngiphelile, ngilindele ukuba yinhlekisa nokukhacwa. Bonke abafundi ngaphandle kwami babeze nezikhafu zabo ezibomvu ezintsha zamaPioneer, futhi abafundi bama bashaya ujenga phambi kukathishanhloko, othisha, nabafundi abasemakilasini aphezulu. Lapho abafundi abasemakilasini aphezulu betshelwa ukuba basibophe izikhafu, ngabheka phansi ngethemba ukuthi akekho ozongibona.
Ukuyiswa Emajele Akude Kakhulu
Lapho ngineminyaka engu-18 ubudala ngagwetshwa iminyaka emithathu ngenxa yokungathathi-hlangothi njengomKristu. (Isaya 2:4) Unyaka wokuqala ngawudonsa edolobheni laseTrudovoye, eSifundeni SaseVinnitskaya e-Ukraine. Ngesikhathi ngilapho, ngahlangana nabanye oFakazi BakaJehova abangaba ngu-30. Sabelwa ukuba sisebenze ngababili ezindaweni eziqhelelene, njengoba izikhulu zazingafuni sihlangane.
Ngo-August 1982, mina no-Eduard—omunye uFakazi—sahanjiswa ngesitimela ngamatilogo eziboshwa sayiswa ejele elisenyakatho ye-Ural Mountains kanye nelinye iqembu leziboshwa. Kwadingeka sibekezelele ukushisa okuxakayo izinsuku ezingu-8 simpintshene saze safika eJele LaseSolikamsk, eSifundeni SasePermskaya. Mina no-Eduard safakwa ezitokisini ezihlukene. Ngemva kwamasonto amabili, ngatshingwa eVels esenyakatho ekude, esifundeni saseKrasnovishersky.
Safika lapho sekuphakathi kwamabili, kumnyama bhuqe. Nakuba kwakumnyama, induna yathi masiwele umfula ngesikebhe. Sasingawuboni umfula, singasiboni naleso sikebhe! Noma kunjalo, saphuthaza siphuthazile saze sasithola isikebhe, futhi nakuba sasesaba, sakwazi ukuwuwela lowo mfula. Sesingale komfula, saqonda endaweni eyayilokoza ukukhanya egqumeni eliseduze, futhi sathola amatende ambalwa lapho. Kwakuzoba ikhaya lethu elisha leli. Ngangihlala etendeni elithe ukuvuleka kanye nezinye iziboshwa ezingaba ngu-30. Ebusika sasibekezelela amakhaza ashubisa umnkantsha. Ngezinye izikhathi amazinga ayehla aze afike ku-40°C ngaphansi kwezinga-qhwa, kanti netende lelo lalingafudumali nokufudumala. Umsebenzi oyinhloko weziboshwa kwakuwukugawula izihlahla, kodwa mina ngangakha amaqhugwana eziboshwa.
Ukudla Okungokomoya Kufika Nakule Ndawo Yethu Ecezile
Kwakuyimi kuphela uFakazi kule ndawo; nokho uJehova akazange angishiye. Ngelinye ilanga, kwafika iphasela livela kumama, owayesahlala entshonalanga ye-Ukraine. Lapho unogada evula iphasela lami, into yokuqala ayibona kwaba iBhayibheli elincane. Walithatha waliphenyaphenya. Ngazama ukucabanga engangingakusho ukuze bangangithatheli leli gugu lami elingokomoya. Khona manjalo unogada wabuza ngasankahlu: “Kuyini kona lokhu?” Ngisamelwe ingqondo ngingazi ukuthi ngizophendula ngithini, induna eyayimi eduze yaphendula: “Isichaza-mazwi leso.” Ngathi ukube ngiyoke ngikhulume! (UmShumayeli 3:7) Le nduna yabe isisesha lonke iphasela yabe isinginikeza lona kanye neBhayibheli lami eliyigugu. Ngangijabule ngifile, ngaze ngayipha namantongomane ayekuleli phasela. Ngesikhathi ngithola leli phasela, ngavele ngazi ukuthi uJehova wayengangikhohliwe. Ngomusa, wangisiza futhi wanginakekela ngokomoya.—Hebheru 13:5.
Ukuphikelela Emsebenzini Wokushumayela
Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, ngamangala lapho ngithola incwadi evela komunye umzalwane owayeboshiwe naye endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-400. Wayengicela ukuba ngifune indoda ethile eyayibonise isithakazelo okwakungenzeka ukuthi yayisisekamu lethu. Kwakungekhona neze ukuhlakanipha ukubhala incwadi enjena ngoba izincwadi zethu zazihlolwa. Akumangazi-ke ukuthi omunye wezikhulu wangibizela ehhovisi lakhe wangixwayisa ngamagama aqatha ukuthi ngingalokothi ngishumayele. Wabe esethi mangisayine incwadi ethi ngangizoyeka ukushumayeza abanye ngezinkolelo zami. Ngaphendula ngokuthi ngangingaqondi ukuthi kungani kufanele ngisayine incwadi enjalo ngoba wonke umuntu wayazi kakade ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova. Ngamtshela nokuthi ezinye iziboshwa zazifuna ukwazi ukuthi ngiboshelweni. Kwakufanele ngiziphendule ngithini? (IzEnzo 4:20) Lesi sikhulu sabona ukuthi sasingenakungithusa, ngakho sanquma ukungixosha. Ngabe-ke sengithunyelwa kwelinye ikamu.
Ngashintshelwa edolobhaneni laseVaya eliqhele ngamakhilomitha angu-200. Izikhulu zakuhlonipha ukuma kwami kobuKristu futhi zanginikeza umsebenzi ongahlangene nezempi—okokuqala ngasebenza njengombazi, kamuva ngasebenza ngogesi. Nayo le misebenzi yayinezazo izinselele. Ngesinye isikhathi kwathiwa mangithathe amathuluzi ami ngiye ehholo lendawo. Amasosha ajabula lapho engibona. Ayenenkinga ngamanye amalambu angasebenzi ayehlobise izifanekiselo ezihlukahlukene zasempini. Ayefuna ngiwasize silungise izinto ezazidinga ukulungiswa ngoba ayelungiselela ukugubha iRed Army Day egujwa minyaka yonke. Ngemva kokuyicabangela ngomthandazo le ndaba, ngawatshela ukuthi ngangingeke ngikwazi ukwenza lolo hlobo lomsebenzi. Ngawanikeza amathuluzi ami ngangena indlela. Angibika kuyisekela-mqondisi, futhi kwangimangaza ukuthi wazilalela izikhalo zawo futhi wawaphendula kanje: “Ngiyamhlonipha ngaleso senzo. Uyindoda ephila ngezimiso.”
Ngithola Isikhuthazo Kumuntu Engingamlindele
Ngo-June 8, 1984, ngemva kokuvalelwa iminyaka emithathu egcwele, ngadedelwa. Lapho nje ngibuyela e-Ukraine kwadingeka ngiyobika ehhovisi lezokubuthelwa impi. Izikhulu zangitshela ukuthi ezinyangeni eziyisithupha ngangisazobizelwa enkantolo ngakho zangicebisa ngokuthi kungangcono ngivele ngihambe kule ndawo. Ngakho ngahamba e-Ukraine futhi ekugcineni ngathola umsebenzi eLatvia. Isikhashana esithile ngakwazi ukushumayela nokuhlanganyela neqembu elincane loFakazi ababehlala enhloko-dolobha iRiga nasezindaweni eziseduze. Nokho, ngemva konyaka owodwa kuphela, kwaphinda sona leso, ngabizelwa empini futhi. Ngatshela isikhulu sasehhovisi lokubhalisa ukuthi ngangenqabile ngaphambilini ukungenela inkonzo yezempi. Sangithethisa: “Uyayazi into oyenzayo nje? Sizoke sibone ukuthi uzothini esikhulwini sombutho wezempi!”
Sangiphelezela sangisa esitezi sesibili lapho kwakunesikhulu sombutho wezempi sihlezi kubhazabhaza wetafula. Lesi sikhulu sangilalelisisa njengoba ngangisichazela ukuma kwami sabe sesingitshela ukuthi ngisenesikhathi sokucabangisisa ngesinqumo sami ngaphambi kokuya ekomitini yezokubuthwa. Ngesikhathi siphuma ehhovisi lesikhulu sombutho wezempi, lesi sikhulu esasingithethisile ekuqaleni savuma: “Sengiyabona manje ukuthi ngempela unokholo!” Lapho ngivela phambi kwekomiti yezokubuthwa, ngaphinde ngakuchaza ukuma kwami kokungathathi-hlangothi, futhi yangidedela.
Ngaleso sikhathi, ngangihlala ehostela. Ngobunye ubusuku, ngezwa othile engqongqoza kancane emnyango. Ngavula umnyango ngathola kumi indoda egqoke isudu iphethe nesikhwama. Yazichaza yathi: “Ngivela emnyangweni wezokuPhepha Kukazwelonke. Ngiyazi ukuthi unezinkinga ezithile nokuthi uzovela phambi kwenkantolo.” Ngayiphendula: “Yebo, kunjalo.” Le ndoda yabe isiqhubeka: “Singakusiza uma uvuma ukusisebenzela.” Ngayiphendula: “Cha, angikwazi ukwenza lokho. Ngizohlala ngiqotho ezinkolelweni zami zobuKristu.” Yahamba ngaphandle kokuzama ukungishintsha umqondo.
Ngibuyela Ejele Futhi Ngiyaqhubeka Nokushumayela
Ngo-August 26, 1986, iNkantolo Kazwelonke YaseRiga yangigwebela ukusebenza ngempoqo iminyaka emine futhi ngayiswa eRiga Central Prison. Ngafakwa esitokisini esikhulu nezinye iziboshwa ezingu-40, futhi ngazama ukuzishumayeza zonke lezo ziboshwa. Ezinye zazithi ziyakholelwa kuNkulunkulu; ezinye zangenza inhlekisa nje. Ngangiphawulile ukuthi amanye amadoda ayehlangana njengamaqembu, kwabe sekuthi ngemva kwamasonto amabili, abaholi bala maqembu bangitshela ukuthi angivunyelwe ukushumayela ngoba ngangingavumelani nemithetho abayibekile nakuba yayingalotshwe ndawo. Ngabachazela ukuthi yiso kanye isizathu esangifaka ejele—ngangiphila ngemithetho ehlukile.
Ngaqhubeka nokushumayela ngokuqapha, futhi lapho ngithola abathile ababethanda ukulalela izinto eziphathelene noNkulunkulu ngafunda iBhayibheli nabo bobane. Phakathi nezingxoxo zethu, babezibhala phansi izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, ngayiswa ekamu elinesimiso sokuqapha esinqala eValmiera, lapho ngasebenza khona ngogesi. Ngakwazi ukutadisha iBhayibheli nomunye owayesebenza ngogesi, futhi ngemva kweminyaka emine waba nguFakazi kaJehova.
Ngo-March 24, 1988, ngasuswa kuleli kamu elinesimiso sokuqapha esinqala ngayiswa kwelinye ikamu eliseduze. Lokhu kwaba isibusiso ngempela ngoba ngakhululeka kakhudlwana. Nganikwa umsebenzi ezindaweni ezihlukahlukene lapho kwakwakhiwa khona futhi ngangihlala ngifuna amathuba okushumayela. Ngangivame ukungabi sekamu, ngishumayela kuze kuhlwe, kodwa angikaze ngibe nenkinga lapho sengibuyela ekamu.
UJehova wayibusisa imizamo yami. Bambalwa oFakazi ababehlala kule ndawo, kodwa edolobheni kwakunoFakazi oyedwa vo, uVilma Krūmin̗a—udade osekhulile. Mina noDade Krūmin̗a saqala ukufunda iBhayibheli nentsha eningi. Ngezinye izikhathi abazalwane nodade babeza besuka eRiga bahlanganyele nathi enkonzweni, futhi amanye amaphayona avamile ayeza esuka kude impela eLeningrad (manje eyiSt. Petersburg). Ngosizo lukaJehova, saqala izifundo zeBhayibheli eziningana, futhi ngokushesha ngabhalisela inkonzo yamaphayona, ngibika amahora angu-90 ngenyanga emsebenzini wokushumayela.
Ngo-April 7, 1990, icala lami labukezwa ePeople’s Court eValmiera. Lapho icala liqala, ngavele ngamazi umshushisi. Wayeyinsizwa engangike ngaxoxa nayo ngeBhayibheli! Wangibona, wamoyizela kodwa akangasho lutho. Ngisakhumbula kahle ukuthi lathini ijaji kimi ngalolo suku: “Yurii, isinqumo esasithatha eminyakeni emine edlule sokukugquma ejele sasingekho emthethweni. Kwakungafanele ulahlwe ngecala.” Ngase ngikhululekile!
Isosha LikaKristu
Ngo-June 1990, kwadingeka ukuba ngiphinde ngiye ehhovisi lezokubuthwa ngiyofuna imvume yokuhlala eRiga. Ngangena kulo lelo hhovisi elalinobhazabhaza wetafula eminyakeni emine edlule lapho ngangitshele khona isikhulu sombutho wezempi ukuthi ngangingeke ngingenele inkonzo yezempi. Kulokhu, lesi sikhulu sasukuma sangibingelela, sangixhawula, sabe sesithi: “Kungiphathisa amahloni ukuthi kwadingeka ubhekane nakho konke owabhekana nakho. Ngicela uxole ngendlela izinto ezenzeka ngayo.”
Ngasiphendula: “Ngiyisosha likaKristu, futhi kumelwe ngiphile ngokuvumelana nomsebenzi wami. Ngosizo lweBhayibheli, nawe ungakuthola lokho uKristu akuthembisa abalandeli bakhe—ukuphila okujabulisayo nekusasa eliphakade.” (2 Thimothewu 2:3, 4) Lesi sikhulu saphendula: “Ngisanda kuthenga iBhayibheli, futhi ngiyalifunda.” Ngangiphethe incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.a Ngavula isahluko esikhuluma ngesibonakaliso sezinsuku zokugcina ngasibonisa indlela isiprofetho seBhayibheli esihlobana ngayo nesikhathi sethu. Sigcwele ukwazisa, lesi sikhulu sangixhawula futhi sangifisela impumelelo emsebenzini wami.
Ngalesi sikhathi, insimu eLatvia yayimhlophe ngempela ilungele ukuvunwa. (Johane 4:35) Ngo-1991, ngaqala ukukhonza njengomdala webandla. Kwakunabadala abamisiwe ababili kuphela ezweni lonke! Ngemva konyaka, ukuphela kwebandla elalikhona eLatvia lahlukaniswa—kwaba nebandla elikhuluma isiLatvia elinye likhuluma isiRashiya. Ngaba nelungelo lokukhonza nebandla elikhuluma isiRashiya. Kwaba nokwanda ngokushesha kangangokuthi ngonyaka owalandela, ibandla lethu lahlukaniswa laba amabandla amathathu! Uma ngibheka emuva, kusobala ukuthi uJehova wayeziqondisa ngokwakhe izimvu zakhe enhlanganweni yakhe.
Ngo-1998, ngamiswa ukuba ngikhonze njengephayona elikhethekile eJelgava, idolobha eliqhele ngamakhilomitha angu-40 eningizimu-ntshonalanga yeRiga. Ngalowo nyaka, ngaba ngomunye wabokuqala eLatvia abamenyelwa eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo esaqhutshwa ngolimi lwesiRashiya eSolnechnoye, eduze kwaseSt. Petersburg, eRussia. Kulesi sikole, ngabona ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthanda abantu ukuze uphumelele enkonzweni. Okwangihlaba umxhwele kakhulu ngaphezu kwezinto esasizifunda esikoleni kwaba uthando nesithakazelo esasiboniswa umkhaya waseBethel nabafundisi balesi sikole.
Kwaqopheka umlando futhi ekuphileni kwami ngo-2001 lapho ngishada nodade othandekayo uKarina. UKarina wangijoyina enkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele, futhi nsuku zonke ngiyakhuthazeka lapho ngibona umkami ebuya enkonzweni yasensimini ejabule. Ngempela, kuyinjabulo enkulu ukukhonza uJehova. Izinto ezibuhlungu kakhulu engabhekana nazo ngaphansi kombuso wamaKhomanisi zangifundisa ukuthembela kuye ngokuphelele. Noma ikuphi ukuzidela kuyafaneleka uma umuntu efisa ukugcina ubuhlobo bakhe noJehova futhi asekele ukubusa kwakhe. Ukusiza abanye bafunde ngoJehova kuye kwenza ukuphila kwami kwaba nenjongo. Kube yilungelo elimangalisayo kimi ukukhonza uJehova “njengesosha elihle likaKristu.”—2 Thimothewu 2:3.
[Umbhalo waphansi]
a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova, kodwa manje ayisanyatheliswa.
[Isithombe ekhasini 10]
Ngagwetshelwa ukusebenza ngempoqo iminyaka emine eRiga Central Prison
[Isithombe ekhasini 12]
NginoKarina enkonzweni