Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 9/15 k. 3
  • WayewuNkulunkulu Noma Umuntu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • WayewuNkulunkulu Noma Umuntu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthola Imicebo ‘Ethukuswe Ngokucophelela Kuye’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Landela Ukukhanya Kwezwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • UJesu Kristu—Ingabe Wathunywa UNkulunkulu?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 9/15 k. 3

WayewuNkulunkulu Noma Umuntu?

“MINA ngiwukukhanya kwezwe. Umuntu ongilandelayo akasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyoba nokukhanya kokuphila.” (Johane 8:12) La mazwi ashiwo uJesu Kristu. Indoda efundile yangekhulu lokuqala yabhala lokhu ngaye: “Kuye kuthukuswé ngokucophelela yonke imicebo yokuhlakanipha neyolwazi.” (Kolose 2:3) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lithi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Kudingeka sibe nolwazi olunembile ngoJesu ukuze sanelise isidingo sethu esingokomoya.

Kuwo wonke umhlaba abantu baye bezwa ngoJesu Kristu. Ithonya lakhe emlandweni wesintu alinakungatshazwa. Empeleni, ikhalenda elisetshenziswa ezingxenyeni eziningi zomhlaba lisekelwe onyakeni okucatshangwa ukuthi wazalwa ngawo. I-World Book Encyclopedia iyachaza: “Abantu abaningi babhekisela eminyakeni engaphambi kwalowo nyaka ngokuthi B.C., noma before Christ (ngaphambi kukaKristu). Basebenzisa u-A.D., noma anno Domini (ngonyaka weNkosi yethu) uma bekhuluma ngezinsuku ezingemva kwalowo nyaka.”

Kodwa, kunemibono ephikisanayo ngokuthi wayengubani uJesu. Kwabanye, wayemane nje engumuntu ovelele owashiya okuthile okuphawulekayo emlandweni. Nokho, abanye bayamkhulekela njengoNkulunkulu uMninimandla onke. Ezinye izazi ezingamaHindu ziye zafanisa uJesu Kristu nonkulunkulu wamaHindu uKrishna, abaningi abathi ungunkulunkulu ophinde wazalwa. Ingabe uJesu wayengumuntu nje, noma wayengothile okufanele akhulekelwe? Empeleni wayengubani? Wayevelaphi? Wayenjani? Ukuphi manje? Njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, incwadi equkethe ulwazi oluningi ngoJesu inikeza izimpendulo eziyiqiniso zale mibuzo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela