Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 10/15 k. 3
  • Imfundo Enjani Engakwenza Uphumelele Ekuphileni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imfundo Enjani Engakwenza Uphumelele Ekuphileni?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imfundo—Yisebenzisele Ukudumisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Imfundo—Lokho Ekufunayo, Nalokho Ekunikelayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ingabe IBhayibheli Limelene Nemfundo?
    I-Phaphama!—1998
  • Imfundo Enenjongo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 10/15 k. 3

Imfundo Enjani Engakwenza Uphumelele Ekuphileni?

WAKE waxakwa izinkinga waze wazizwa sengathi umuka nomsinga? Cabanga nje ukuthi ungacindezeleka kangakanani uma ubungenza iphutha lapho uzama ukuxazulula lezo zinkinga! Akekho ozalwa ekwazi ukuxazulula zonke izinkinga ngendlela ephumelelayo, enze izinqumo ezifanele ngaso sonke isikhathi. Isiza lapha-ke imfundo. Ungayitholaphi imfundo engakuhlomisela ukuba ukwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila?

Abaningi, abancane nabadala, bayavuma ukuthi ukufunda kubaluleke kakhulu. Ezinye izazi zize zithi “zikholelwa ngokuphelele ukuthi awusoze wakwazi ukuthola umsebenzi [okahle] ungenazo izicucwana zasekolishi.” Nokho, abantu banezidingo eziningi kakhulu ngaphezu kokuthola izinto ezibonakalayo. Ngokwesibonelo, ingabe imfundo ephakeme iyakusiza ukuba ube umngane womshado, umzali, noma umngane okahle? Kuyiqiniso ukuthi abantu abahlonishwayo ngenxa yezinto abazifezile ezibonisa ukuhlakanipha bangase babe nobuntu obungathandeki, bahluleke ukwakha imikhaya ejabulayo, noma bagcine bezibulele nokuzibulala.

Njengoba inkolo iwumthombo wemfundo, abanye balindela ukuba ibaqondise, kodwa bayadumazeka ngenxa yokuthi ayibanikezi usizo lokubhekana nobunzima bokuphila. Ebonisa ukuba yiqiniso kwalokhu, u-Emiliaa waseMexico uthi: “Eminyakeni engu-15 edlule nganginomuzwa wokuthi kuphelile phakathi kwami nomyeni wami. Sasixabana njalo, ngehluleka nokumyekisa utshwala. Ngangivame ukushiya izingane zami zodwa ngihambe ngiyomfuna. Ngangikhathazeke kakhulu emoyeni. Ngaya kaningana esontweni ngifuna okungangisiza ngithole isisombululo. Nakuba ngezinye izikhathi lalisetshenziswa iBhayibheli, angitholanga seluleko esasingangisiza ngokuqondile ngixazulule le nkinga engangibhekene nayo; akekho noyedwa oweza kimi wazongitshela ukuthi ngenzenjani. Ukuya esontweni ngihlalahlale khona nokuphindaphinda imithandazo akuzange kunganelise.” Kusuka inkungu kwabanye lapho bebona ukuthi ukuphila kwabaholi babo benkolo akukona isibonelo. Ngenxa yalesi sizathu, abaningi ababe besayibheka inkolo njengendawo lapho umuntu engaqeqeshwa noma afundiswe khona ukuze aphumelele ekuphileni.

Ngakho ungase uzibuze, ‘Hlobo luni lwemfundo okufanele ngiluthole ukuze ngiphumelele ekuphileni?’ Ingabe ubuKristu beqiniso bungawuphendula lo mbuzo obalulekile? Kuzoxoxwa ngalokhu esihlokweni esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

a Igama lishintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela