Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 11/1 kk. 13-14
  • Isihlengo Sibonisa Ukulunga KukaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isihlengo Sibonisa Ukulunga KukaNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isihlengo​—⁠Yisipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Isihlengo—Isipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • UJehova Ulungiselela “Isihlengo Sabaningi”
    Sondela KuJehova
  • Isihlengo Esifanelanayo Ngabo Bonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 11/1 kk. 13-14

Isihlengo Sibonisa Ukulunga KukaNkulunkulu

NGEMVA kokuhlubuka kuka-Adamu no-Eva, uJehova wabonisa ukuthi injongo yakhe kwakuwukuba aveze iNzalo eyayizochotshozwa esithendeni. (Genesise 3:15) Lokhu kwagcwaliseka lapho izitha zikaNkulunkulu zibulala uJesu Kristu esigxotsheni sokuhlushwa. (Galathiya 3:13, 16) UJesu wayengenasono, njengoba unina owayeyintombi amkhulelwa ngokuyisimangaliso ngamandla omoya ongcwele. Ngakho, igazi lakhe elachitheka lalingaba isihlengo esikhulula abantu, ababezuze isono nokufa ku-Adamu.—Roma 5:12, 19.

Akukho okungavimba uNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, ukuba agcwalise izinjongo zakhe. Ngakho, ngemva kokona komuntu, kwafana nokuthi inani lesihlengo lase likhokhiwe ngokombono kaJehova futhi wayengasebenzelana nabantu ababenokholo ezithembisweni zakhe ukuthi ziyogcwaliseka. Lokhu kwenza ukuba abantu abanesono abayinzalo ka-Adamu abanjengo-Enoke, uNowa no-Abrahama, bakwazi ukuhamba noNkulunkulu futhi abe umngane wabo ngaphandle kokungcolisa ubungcwele bakhe.—Genesise 5:24; 6:9; Jakobe 2:23.

Abanye abantu ababenokholo kuJehova benza izono ezimbi kakhulu. Omunye walaba kwakuyiNkosi uDavide. Ungase ubuze, ‘UJehova wayengaqhubeka kanjani ebusisa iNkosi uDavide ngemva kokuba iphinge noBhati-sheba futhi yenza ukuba umyeni wakhe, u-Uriya, abulawe?’ Isizathu esiyinhloko siwukuphenduka okuqotho nokholo lukaDavide. (2 Samuweli 11:1-17; 12:1-14) Ngesisekelo somhlatshelo kaJesu Kristu owawusazokwenziwa, uNkulunkulu wayengaxolela izono zikaDavide ophendukayo futhi alondoloze ubulungisa kanye nokulunga kwaKhe. (IHubo 32:1, 2) Lifakazela lokhu, iBhayibheli lichaza ubuhle obafezwa isihlengo sikaJesu, okungukuthi ‘ukubonisa ukulunga kukaNkulunkulu siqu, ngoba wayethethelela izono ezenzeka esikhathini esidlule nakule nkathi yamanje.’—Roma 3:25, 26.

Yiqiniso, isintu sithola izinzuzo ezinkulu ngenxa yenani legazi likaJesu. Ngenxa yesihlengo, izoni eziphendukayo zingajabulela ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, isihlengo siyokwenza ukuba abafileyo bavuselwe ezweni elisha likaNkulunkulu. Lolo vuko luyohlanganisa izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezafa ngaphambi kokuba uJesu akhokhe isihlengo ngisho neningi elafa lingazi futhi lingamkhulekeli uNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Ngaleso sikhathi, ngesisekelo sesihlengo, uJehova uyonika bonke abantu abamlalelayo ukuphila okuphakade. (Johane 3:36) UJesu wachaza ngokwakhe: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Isintu siyothola zonke lezi zinto ngenxa yelungiselelo likaNkulunkulu lesihlengo.

Nokho, isici esivelele ngesihlengo, akuzona izinzuzo esizithola ngaso. Okubaluleke kakhulu yilokho isihlengo sikaKristu esikwenzayo egameni likaJehova. Sifakazela ukuthi uJehova unguNkulunkulu wobulungisa obuphelele ongasebenzelana nabantu abanesono futhi aqhubeke ehlanzekile futhi engcwele. Ukube kwakungazange kube injongo kaNkulunkulu ukulungiselela isihlengo, ngabe akekho umuntu ozelwe u-Adamu, ngisho no-Enoke, uNowa no-Abrahama, owayengahamba noJehova noma abe umngane wakhe. Umhubi wakuqaphela lokhu wabe esebhala: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama?” (IHubo 130:3) Yeka indlela okufanele simbonge ngayo uJehova ngokuthumela iNdodana yakhe ethandekayo ukuba ize emhlabeni, sibonge noJesu ngokunikela ngokuzithandela ngokuphila kwakhe ukuze asihlenge!—Marku 10:45.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela