Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 11/1 k. 14
  • Ukuziphatha Okuhle Kuthela Izithelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuziphatha Okuhle Kuthela Izithelo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amandla Okubingelela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Ukubonisa Imikhuba Emihle Njengezikhonzi ZikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ukukhulisa Abantwana Bakho Ukuba Bathande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 11/1 k. 14

Ukuziphatha Okuhle Kuthela Izithelo

ESIQHINGINI esincane esingekude nasogwini oluseningizimu yeJapan, omunye umama nabantwana bakhe abathathu baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Bebona lokhu, omakhelwane bakuleyo ndawo engayodwa futhi esadla ngoludala baqala ukungamnaki lo mama noma nini lapho behlangana khona. Uyalandisa: “Okwakungiphatha kabi kunokunganginaki kwabo ukuthi babengamnaki ngisho nomyeni wami nabantwana bami.” Noma kunjalo, watshela abantwana bakhe: “Kumelwe siqhubeke sibabingelela omakhelwane bethu ngenxa yegama likaJehova.”—Mathewu 5:47, 48.

Uma besekhaya, wayefundisa abantwana bakhe ukuba babe nenhlonipho nakuba benganakwa. Njengoba babevame ukuvakashela indawo eneziphethu ezinamanzi ashisayo, endleleni abantwana babeprakthiza ukubingelela emotweni. Kwakuthi njalo lapho bengena esakhiweni, la bantwana babingelele ngenjabulo bathi, “Konnichiwa!”—“Sanibona!” Lo mkhaya waqhubeka ubingelela wonke umuntu owawuhlangana naye, ngisho noma omakhelwane baqhubeka bengavumi. Noma kunjalo, abantu bagcina bekuqaphele ukuziphatha okuhle kwala bantwana.

Ekugcineni, omunye umakhelwane wavuma ngokuthi “Konnichiwa” nomunye walandela. Ngemva kweminyaka emibili, cishe wonke umuntu edolobheni wayesevuma lapho ebingelelwa yilo mkhaya. Omakhelwane baqala ukubingelelana bodwa futhi baqala ukuba nobungane ngokwengeziwe kulo mkhaya. Isekela lomphathi-dolobha lalifuna ukuklomelisa la bantwana ngeqhaza ababa nalo kulolu shintsho. Kodwa unina walitshela ukuthi babenza nje lokho okufanele kwenziwe amaKristu. Kamuva, emqhudelwaneni wezinkulumo wakuleso siqhingi, enye yamadodana yalandisa indlela unina ayebaqeqeshe ngayo ukuba babingelele abanye ngenhlonipho kungakhathaliseki ukuthi bayavuma noma cha. Le ndodana yathola umklomelo wokuqala, inkulumo yayo yanyatheliswa ephephandabeni lendawo. Namuhla, lo mkhaya ujabula kakhulu ngokuthi ukulalela kwawo izimiso zobuKristu kuye kwaba nemiphumela emihle. Ukushumayela izindaba ezinhle kwabanye kulula nakakhulu uma abantu benobungane.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela