Ukuziphatha Okuhle Kuthela Izithelo
ESIQHINGINI esincane esingekude nasogwini oluseningizimu yeJapan, omunye umama nabantwana bakhe abathathu baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Bebona lokhu, omakhelwane bakuleyo ndawo engayodwa futhi esadla ngoludala baqala ukungamnaki lo mama noma nini lapho behlangana khona. Uyalandisa: “Okwakungiphatha kabi kunokunganginaki kwabo ukuthi babengamnaki ngisho nomyeni wami nabantwana bami.” Noma kunjalo, watshela abantwana bakhe: “Kumelwe siqhubeke sibabingelela omakhelwane bethu ngenxa yegama likaJehova.”—Mathewu 5:47, 48.
Uma besekhaya, wayefundisa abantwana bakhe ukuba babe nenhlonipho nakuba benganakwa. Njengoba babevame ukuvakashela indawo eneziphethu ezinamanzi ashisayo, endleleni abantwana babeprakthiza ukubingelela emotweni. Kwakuthi njalo lapho bengena esakhiweni, la bantwana babingelele ngenjabulo bathi, “Konnichiwa!”—“Sanibona!” Lo mkhaya waqhubeka ubingelela wonke umuntu owawuhlangana naye, ngisho noma omakhelwane baqhubeka bengavumi. Noma kunjalo, abantu bagcina bekuqaphele ukuziphatha okuhle kwala bantwana.
Ekugcineni, omunye umakhelwane wavuma ngokuthi “Konnichiwa” nomunye walandela. Ngemva kweminyaka emibili, cishe wonke umuntu edolobheni wayesevuma lapho ebingelelwa yilo mkhaya. Omakhelwane baqala ukubingelelana bodwa futhi baqala ukuba nobungane ngokwengeziwe kulo mkhaya. Isekela lomphathi-dolobha lalifuna ukuklomelisa la bantwana ngeqhaza ababa nalo kulolu shintsho. Kodwa unina walitshela ukuthi babenza nje lokho okufanele kwenziwe amaKristu. Kamuva, emqhudelwaneni wezinkulumo wakuleso siqhingi, enye yamadodana yalandisa indlela unina ayebaqeqeshe ngayo ukuba babingelele abanye ngenhlonipho kungakhathaliseki ukuthi bayavuma noma cha. Le ndodana yathola umklomelo wokuqala, inkulumo yayo yanyatheliswa ephephandabeni lendawo. Namuhla, lo mkhaya ujabula kakhulu ngokuthi ukulalela kwawo izimiso zobuKristu kuye kwaba nemiphumela emihle. Ukushumayela izindaba ezinhle kwabanye kulula nakakhulu uma abantu benobungane.