I-Armagedoni Ingabe Iwukubhubha Komhlaba?
I-ARMAGEDONI! Ingabe leli gama likwenza ucabange ukhukhulela-ngoqo wembubhiso noma ukusha komhlaba ungqongqe? Ambalwa amagama eBhayibheli ahlale esolimini lwabantu emazweni amaningi njengelithi “Armagedoni.” Leli gama liye lasetshenziswa kakhulu ekuchazeni ikusasa lesintu elifiphele. Abezokuzijabulisa baye benza abantu bacabanga izinto ezesabekayo “nge-Armagedoni” ezayo. Abaningi abaliqondi leli gama, abanye baliqonda ngokungeyikho. Kuningi okushiwoyo ngencazelo yalo, kodwa okuningi kwako akuvumelani nalokho okufundiswa yiBhayibheli nge-Armagedoni, okuyiyona ndawo ekhuluma ngaleli gama.
Njengoba iBhayibheli lihlobanisa i-Armagedoni ‘nokuphela kwezwe,’ awuvumi yini ukuthi kubalulekile ukukuqonda kahle lokho elikushoyo ngempela leli gama? (Mathewu 24:3, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Futhi bekungeke yini kube nengqondo ukufuna emthonjeni weqiniso ophakeme, iZwi likaNkulunkulu, ukuze uthole ukuthi iyini i-Armagedoni nokuthi iyokuthinta kanjani wena nomkhaya wakho?
Ukuhlola okunjalo kuzobonisa ukuthi i-Armagedoni ayikona ukubhubha komhlaba, kunalokho iyoba isiqalo esijabulisayo kubantu abafisa ukuphila nokuchuma ezweni elisha lokulunga. Uzoliqonda ngokucacile leli qiniso elibalulekile elisemiBhalweni njengoba uhlola lokho i-Armagedoni ekushoyo ngempela esihlokweni esilandelayo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 3]
UCABANGA UKUTHI IYINI I-ARMAGEDONI?
• Ukuqothulwa komhlaba ngezikhali zenuzi
• Inhlekelele yezindawo zemvelo
• Ukushayisana komhlaba nendikimba ethile esemkhathini
• Ukubhubhisa kukaNkulunkulu ababi