“Kumelwe Silalele Unkulunkulu Njengombusi Kunabantu”
‘UNkulunkulu Wethu Uyakwazi Ukusophula’
LESI senzakalo sasihloselwe ukuba sithuthumelise. Kwakumiswe isithombe segolide esikhulu ethafeni laseDura, okubonakala sengathi laliseduze nomuzi waseBhabhiloni. Isithombe sasizovulwa phakathi nomkhosi okhethekile okwakuzoba khona kuwo izikhulu zombuso okwakulindeleke ukuba zisikhothamele ngenkathi kukhala izinsimbi zomculo ezihlukahlukene. Inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari yayimemezele ukuthi noma ubani ongasikhulekeli lesi sithombe wayezophonswa esithandweni somlilo esishisa bhé. Ubani owayengalokotha angawulaleli lo myalo?
Okwamangaza ababebukele ukuthi izinsizwa ezintathu ezikhulekela uJehova futhi ezimesabayo—uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego—azizange zikhothame. Zazazi ukuthi ukwenza lokho kwakungqubuzana nokuzinikela kwazo kuJehova uNkulunkulu kuphela. (Duteronomi 5:8-10) Lapho ziyalwa ukuba zichaze isizathu sokuma kwazo ziqine, zatshela uNebukhadinezari ngesibindi: “Uma kumelwe kube njalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo uyakwazi ukusophula. Uyosophula esithandweni somlilo esivuthayo nasesandleni sakho nkosi. Kodwa uma kungenjalo, makwazeke kuwe, nkosi, ukuthi onkulunkulu bakho akubona onkulunkulu esibakhonzayo, futhi umfanekiso wegolide owumisile ngeke siwukhulekele.”—Daniyeli 3:17, 18.
Ngesikhathi la maHebheru amathathu ephonswa esithandweni somlilo, asinda ngokuyisimangaliso. UNkulunkulu wathumela ingelosi ukuba ivikele izinceku zakhe ezithembekile. Kodwa kakade zazikhethe ukufaka ukuphila kwazo engozini kunokuba zingamlaleli uJehova.a Ukuma kwazo kuyefana nokwabaphostoli bakaJesu Kristu, okwathi emakhulwini eminyaka angaphezu kwayisithupha kamuva batshela inkantolo ephakeme yamaJuda: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:29.
Izifundo Ezibalulekile Esizitholayo
UShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego bayizibonelo ezinhle kakhulu zokholo, ukulalela nobuqotho. La maHebheru amathathu abonisa ukholo kuJehova. Unembeza wawo oqeqeshwe ngemiBhalo awuzange uwavumele ukuba ahlanganyele kunoma isiphi isenzo sokukhulekela kwamanga noma sokushisekela ubuzwe. Ngokufanayo, namuhla amaKristu athembela ngokuphelele kuNkulunkulu weqiniso. Aqondiswa unembeza wawo oqeqeshwe ngeBhayibheli futhi ayenqaba ukuhlanganyela ezenzweni zokukhulekela kwamanga noma emikhosini engqubuzana nemithetho nezimiso zikaNkulunkulu.
AmaHebheru amathathu athembekile athembela kuJehova futhi enqaba ukuzizuzela noma yini uMbuso WaseBhabhiloni owawungawanika yona ngokungamlaleli uJehova, kungakhathaliseki ukuthi ukuqashelwa, isikhundla, noma udumo. Lezo zinsizwa zazizimisele ukuhlupheka nokufa kunokuba zonakalise ubuhlobo bazo noNkulunkulu. NjengoMose owayephila ngaphambi kwazo, ‘zaqhubeka zigxilile sengathi ziyambona Lowo ongabonakali.’ (Hebheru 11:27) Kungakhathaliseki ukuthi uJehova wayezozikhulula ekufeni noma cha, zazizimisele ukugcina ubuqotho kuye kunokuba zihlehle ukuze zingabulawa. Ngokusobala, ebhekisela esibonelweni sazo, umphostoli uPawulu ukhuluma ngabathembekile ‘abamisa amandla omlilo.’ (Hebheru 11:34) Ukholo nokulalela okunjalo kuboniswa izinceku zikaJehova njengoba zibhekene novivinyo lobuqotho bazo namuhla.
Kulokho okwenzeka kuShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego, sifunda nokuthi uNkulunkulu uyabavuza abaqotho kuye. Umhubi wahlabelela: “UJehova . . . ngeke abashiye abaqotho bakhe.” (IHubo 37:28) Namuhla, asinakulindela ukuba uNkulunkulu asikhulule ngokuyisimangaliso njengoba akhulula amaHebheru amathathu. Nokho, singaqiniseka ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nabuphi ubunzima, uBaba wethu osezulwini uzosisiza. UNkulunkulu angayisusa inkinga, asiphe amandla okuyikhuthazelela, noma asivuse uma sigcina ubuqotho kuze kube sekufeni. (IHubo 37:10, 11, 29; Johane 5:28, 29) Ukholo, ukulalela nobuqotho kuyanqoba njalo lapho ubuqotho bethu buvivinywa futhi sikhetha ukulalela uNkulunkulu kunabantu.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2006, July/August.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
UBUKWAZI YINI LOKHU?
• AmaHebheru amathathu ayesecela eminyakeni engu-30 ubudala ngesikhathi ebhekene nalolu vivinyo lobuqotho.
• Ngokusobala, isithando somlilo sabaselwa sashisa kakhulu ngangokunokwenzeka.—Daniyeli 3:19.