Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 11/15 k. 31
  • Fundisa Abantwana Bakho Ukuphendula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Fundisa Abantwana Bakho Ukuphendula
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Dumisa UJehova Ebandleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Khuthazanani Emihlanganweni Yebandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Iyiphi Indlela Engcono Kakhulu Yokulungiselela Imihlangano?
    Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Bambisisa Isivumo Sethemba Lakho Ngokungaxegi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 11/15 k. 31

Fundisa Abantwana Bakho Ukuphendula

UPERLA waseMexico uyakhumbula ukuthi lapho eseyintombazanyana, unina wayemsiza ukuba alungiselele izimpendulo ezimfushane ukuze aphendule eSifundweni Se-Nqabayokulinda. Manje uPerla unendodana eneminyaka emihlanu. Uyisiza kanjani? “Okokuqala kumelwe ngilungiselele. Lapho ngilungiselela, ngibheka nesigaba umfanyana wami angasiqonda, esilula kangangokuthi angasichaza ngamazwi akhe. Sibe sesigxila kuleso sigaba asibiza ngokuthi ‘isigaba sami.’ Ngiyamcela ukuba asichaze ngezibonelo azijwayele. Ngemva kwalokho siyiprakthiza kaningana impendulo. Sisebenzisa into elingana nombhobho ukuze azi ukuthi uzowubamba kanjani lapho ephendula. Ngijabula kakhulu ngokuthi ayipheli imihlangano engazange aphendule noma aphakamise isandla. Kaningi, ngaphambi kokuba imihlangano iqale uya kumqhubi amtshele ukuthi isiphi isigaba sakhe.”

UJens, umdala okhonza eqenjini elikhuluma isiHindi, unamadodana amabili, eneminyaka emibili ubudala neneminyaka emine. Lapho yena nomkakhe kanye nabantababo belungiselela imihlangano, basebenzisa indlela uJens ayifunda kubazali bakhe. Uthi: “Sikhetha izingxenye zendaba abantwana abangaziqonda. Sibe sesizama ukubafushanisela leyo ndaba noma ukubachazela amaphuzu ayinhloko aleso sihloko, ngemva kwalokho sibabuze imibuzo esifuna bayiphendule emhlanganweni. Zivame ukusimangaza izimpendulo zabo abazinikeza ngamazwi abo. Indlela abaphendula ngayo ikubonisa kahle lokho abasuke bekuqonda. Ngenxa yalokho, izimpendulo zabo zimdumisa ngempela uJehova futhi zibonisa ukholo lwabo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela