Wujabulele Umhlaba Wethu Omuhle
IZAZI ZEZINKANYEZI ziye zathola ukuthi ikhaya lesintu lincane kakhulu uma liqhathaniswa nendawo yonke enkulu kakhulu futhi engenamkhawulo. Azikho izinto eziphilayo eziye zatholakala kwamanye amaplanethi. Yiplanethi ewuMhlaba kuphela enezimo ezikahle ukuze yonke indalo iphile kahle.
Ngaphezu kwalokho, singakujabulela ukuphila kule mbulunga enhle. Yeka indlela okumnandi ngayo ukufudunyezwa ilanga ngosuku olubandayo! Ubani kithi ongahlabeki umxhwele lapho ebona ilanga liphuma nalapho seliyozilahla kunina? Yiqiniso, ilanga lethu lenza okungaphezu nje kokusijabulisa. Libaluleke kakhulu ukuze siqhubeke siphila.
Sekuyizigidigidi zeminyaka amandla elanga adonsela phansi ezinzise iplanethi yethu ewumhlaba kanye namanye amaplanethi futhi ewagcina esemzileni wawo. Njengoba izingane zifunda esikoleni, sonke isimiso sonozungezilanga sihamba emzileni sizungeze inkaba yomthala wethu iMilky Way. Kodwa ilanga limane nje lingenye yezinkanyezi ezingaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu ezisemthaleni wethu ezizungeza ngale ndlela.
Umthala iMilky Way useqoqweni lemithala engaba ngu-35. Amaqoqo amakhudlwana anezinkulungwane zemithala. Cishe isimiso sethu sonozungezilanga besingeke sizinze kangako ukube besiseqoqweni lemithala elikhulu neliminyene kakhulu. Encwadini yabo ethi The Privileged Planet, uGuillermo Gonzalez noJay W. Richards bathi, zimbalwa izindawo endaweni yonke “ezifanelekela ukuphila okuyinkimbinkimbi njengendawo yethu.”
Ingabe ukuphila kule planethi kwaqala ngephutha, mhlawumbe ngenxa “yokuqhuma okukhulu”? Noma ingabe ukuphila kunenjongo kule planethi enhle ewuMhlaba?
Abantu abaningi sebefike esiphethweni sokuthi ikhaya lethu eliwumhlaba laklanyelwa ngokukhethekile ukuba kuphilwe kulo.a Emakhulwini eminyaka amaningi adlule, umbhali wezinkondlo ongumHebheru wakhuluma ngomhlaba nangamazulu. Wabhala: “Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yeminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okulungiselele, uyini umuntu ofayo?” (IHubo 8:3, 4) Lo mbhali wezinkondlo wayekholelwa ukuthi kumelwe ukuba ukhona uMdali. Ingabe lesi yisiphetho esinengqondo kule nkathi yesayensi esiphila kuyo?
[Umbhalo waphansi]
a Bheka incwadi yamaHubo, ikakhulukazi isahluko 8.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 3]
“Uma umi kude, uMhlaba ubenyezela njengetshe eliyigugu eliluhlaza sasibhakabhaka endaweni engenalutho emnyama,” kusho i-Illustrated Science Encyclopedia—Amazing Planet Earth.
[Umthombo]
Globe: U.S. Fish & Wildlife Service, Washington, D.C./NASA