Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 2/15 k. 8
  • Isipho Saphakade Esivela KuMdali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isipho Saphakade Esivela KuMdali
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Uthembisa Ukuthi Lisekhona Ithemba Ngomhlaba
    I-Phaphama!—2023
  • Ingabe Abantu Bazowonakalisa Ngokuphelele Umhlaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ingabe Umhlaba Uzobhujiswa?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ubani Ozovikela Umhlaba Wethu?
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 2/15 k. 8

Isipho Saphakade Esivela KuMdali

AKUKUMANGAZI yini ukuthi izinto ososayensi abakholelwa ukuthi zibalulekile ukuze kube nokuphila kunoma iyiphi iplanethi ziyavela noma zishiwo ngokuqondile esahlukweni sokuqala seBhayibheli? Yiziphi lezo zinto?

Ukuze ukuphila kuqhubeke, kumelwe kube namanzi amaningi, njengoba kusho uGenesise 1:2. Izinga lokushisa noma lokubanda kumelwe libe sesilinganisweni esikahle ukuze amanzi akuyiplanethi aqhubeke ewuketshezi. Lokhu kudinga ukuba iplanethi iqhelelane nelanga ngebanga elifanele. Ukulandisa kukaGenesise kukhuluma ngokuphindaphindiwe ngelanga nendlela elithinta ngayo umhlaba.

Ukuze abantu bakwazi ukuhlala kuyiplanethi, kudingeka umoya oyizungezile ube namagesi athile. UGenesise 1:6-8 uyakhuluma ngalesi sici esibalulekile. Ukumila kwezimila, okuchazwe kuGenesise 1:11, 12, kwenza kube nomoyampilo omningi kuyiplanethi. Iplanethi enezilwane eziningi ezinhlobonhlobo kudingeka ibe nodedangendlale wezwe elimila uhlaza, njengoba kuchaza uGenesise 1:9-12. Okokugcina, ukuze kube nesimo sezulu esifanele, kumelwe iplanethi ithi ukutsheka futhi ihlale itsheke kanjalo—ngokuqondene nomhlaba, amandla enyanga adonsela phansi yiwona enza lo msebenzi ngokwengxenye. Ukuba khona kwalesi siphuphutheki nezinye izinzuzo zaso kuqokonyiswa uGenesise 1:14, 16.

Umlobi wasendulo, uMose, wakwazi kanjani ukuthola la maqiniso angenhla engasizwa nayisayensi yanamuhla? Ingabe uMose wamane nje waba nokuqonda okungavamile okwakungekho ngaleso sikhathi? Incazelo iwukuthi wayephefumulelwe uMdali wamazulu nomhlaba. Lokhu kuyaphawuleka ngempela uma uqaphela indlela ukulandisa kukaGenesise okunembe ngayo ngokwesayensi.

IBhayibheli liqinisekisa ukuthi izimanga esizibona endaweni yonke esizungezile zikhona ngenjongo. IHubo 115:16 lithi: “Ngokuqondene namazulu, wona angakaJehova, kodwa umhlaba uwuniké abantwana babantu.” Elinye ihubo lithi: “Usekelé umhlaba phezu kwezindawo zawo ezimisiweyo; ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.” (IHubo 104:5) Uma indawo yonke kuhlanganise neplanethi yethu enhle kwaklanywa futhi kwadalwa uMdali, ngokuqinisekile kunengqondo ukukholelwa ukuthi unalo ikhono lokukugcina kusesimweni esifanele. Lokhu kusho ukuthi ungabheka phambili ngokuqiniseka ekugcwalisekeni kwalesi sithembiso esihle kakhulu: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:29) Ngokuqinisekile, uNkulunkulu ‘akazange awudalele ize nje umhlaba, kodwa wawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa’ phakade abantu abanokwazisa nabavumayo ukuthi nguye owenza lezi zinto.—Isaya 45:18.

ImiBhalo ithi uJesu weza emhlabeni ukuze asifundise ngoNkulunkulu nangenjongo yaKhe yokunikeza isintu esilalelayo ukuphila okuphakade. (Johane 3:16) Siyaqiniseka ukuthi maduze uNkulunkulu ‘uzochitha abachitha umhlaba,’ abese esindisa abantu bazo zonke izizwe abathanda ukuthula nabamukela ilungiselelo lakhe lensindiso. (IsAmbulo 7:9, 14; 11:18) Yeka indlela ukuphila okuyoba mnandi ngayo njengoba abantu beyoqhubeka befunda futhi bejabulela izimangaliso zendalo kaNkulunkulu phakade!—UmShumayeli 3:11; Roma 8:21.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

NASA photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela