Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 3/1 kk. 3-4
  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Ukhetha Yiphi Inkolo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Ukhetha Yiphi Inkolo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ziqala Kanjani Izinkolo?
  • Izinkolo Zifuna Ukujabulisa Bani?
  • Ingabe Noma Iyiphi Inkolo Ilungile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izinkolo Zamanga Zimmelela Kabi UNkulunkulu
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Kuyokwenzekani Ezinkolweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Inkolo—Isiza Ngani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 3/1 kk. 3-4

Ingabe Kunendaba Ukuthi Ukhetha Yiphi Inkolo?

ININGI lethu lithanda ukukhetha phakathi kwezinto eziningi uma liyothenga ezitolo. Uma kunezinhlobonhlobo zezithelo nemifino emakethe, siyakwazi ukukhetha lezo esizithanda kakhulu nezizonika imikhaya yethu impilo. Uma isitolo sinezingubo zokugqoka ezibiza kahle ezinezitayela nemibala ehlukahlukene, singakwazi ukukhetha ezisifanelayo. Okunye ukukhetha umuntu akwenza ekuphileni kuya nje ngokuthi yini ayithandayo. Nokho, okunye kuthinta inhlalakahle yethu. Ngokwesibonelo, ukudla okunempilo esikukhethayo noma abangane abahlakaniphile bathinta inhlalakahle yethu. Kuthiwani-ke ngenkolo esiyikhethayo? Ingabe kufanele indlela yethu yokukhulekela imane nje iveze lokho esikuthandayo? Noma inomthelela omkhulu enhlalakahleni yethu?

Kunezinhlobonhlobo zezinkolo esingakhetha kuzo. Amazwe amaningi manje anika abantu inkululeko engokwenkolo, ngakho-ke abantu baya bekhululeka kakhudlwana ukushiya izinkolo zabazali babo. Ukuhlola okwenziwa e-United States kwembula ukuthi amaphesenti angu-80 abantu baseMelika “akholelwa ukuthi zonke izinkolo ziyisa ekusindisweni.” Ngokwalokho kuhlola, “oyedwa kwabahlanu ababuzwa wathi washintsha izinkolo lapho esekhulile.” Ukuhlola okwenziwa eBrazil kwembula ukuthi cishe amaphesenti angu-25 abo bonke abantu baseBrazil aye ayishintsha inkolo.

Kudala abantu babevame ukuphikisana kusuke omkhulu umsindo ngezinkolelo ezenza amasonto angefani. Manje sekuthiwa, ‘Akunandaba ukuthi ukhetha yiphi inkolo.’ Kodwa ingabe akunandaba ngempela? Ingabe inkolo oyikhethayo ingakuthinta ukuphila kwakho?

Njengoba nje abathengi abahlakaniphile beye babuze imibuzo ethile ngokuthi zivelaphi izinto abazithengayo, nawe uyobe ubonisa ukuhlakanipha uma ubuza, ‘Zaqala kanjani zonke lezi zinkolo ezihlukahlukene, futhi zaqalelwani?’ IBhayibheli linezimpendulo.

Ziqala Kanjani Izinkolo?

Kwa-Israyeli wasendulo, iNkosi uJerobowamu yaqala inkolo entsha cishe eminyakeni eyinkulungwane ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni. UJerobowamu wayeyinkosi yokuqala yombuso wasenyakatho ozimele wakwa-Israyeli. Wayebhekene nenselele yokwenza abantu babe mqondo munye ukuze afeze imigomo yakhe. “Inkosi yacebisana nabathile yenza amathole amabili egolide yathi kubantu: ‘Kungaphezu kwamandla enu ukukhuphukela eJerusalema. Nangu uNkulunkulu wakho, Israyeli.’” (1 AmaKhosi 12:28) Kusobala ukuthi le nkosi yayifuna ukusebenzisa inkolo ukuze yenze abantu bangayi eJerusalema, indawo ababevame ukukhulekela kuyo. Inkolo eyaqalwa uJerobowamu yaqhubeka ikhona amakhulu ngamakhulu eminyaka futhi yaholela ekubhujisweni kwezigidi ngesikhathi uNkulunkulu egcina ahlulele isizwe sakwa-Israyeli esiyizihlubuki. Inkolo kaJerobowamu yayiyicebo lokuthola amandla kwezombusazwe. Ezinye izinkolo zemibuso ezisekhona nanamuhla nazo zaqala ngoba abaholi bezama ukuba namandla kwezombusazwe.

Umphostoli uPawulu wembula esinye isisusa abantu abanaso sokuqala inkolo entsha lapho ethi: “Ngiyazi ukuthi ngemva kokuhamba kwami kuzongena izimpisi ezicindezelayo phakathi kwenu futhi ngeke ziwuphathe ngozwela umhlambi, naphakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda, akhulume izinto ezisontekile ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.” (IzEnzo 20:29, 30) Abaholi abaziqhayisayo ngokuvamile baqala izinkolo ukuze babe nabalandeli. Amasonto athi angawobuKristu aye aba maqembuqembu.

Izinkolo Zifuna Ukujabulisa Bani?

Isifiso sokwenza okufunwa iningi singase sishukumise abanye ukuba baqale inkolo entsha. Ngokwesibonelo, umagazini i-Economist wabika ngamasonto amakhulu e-United States. Lo magazini uthi la masonto ayanda ngoba “asekelwe esimisweni esisetshenziswa yibo bonke osomabhizinisi abaphumelelayo: ukuthi ikhasimende liza kuqala.” Amanye aba nezinkonzo “zokuzijabulisa lapho kubukwa khona ama-video, kube namadrama nomculo wesimanje.” Abanye abefundisi bala masonto bathi bafundisa amalungu abo ukuba “acebe, abe nempilo enhle futhi angabi nazinkinga.” Wona lo magazini uthi nakuba la masonto egxekwa ngokuthi asemkhakheni wezikaqed’ isizungu noma “wokuzifukula, amane nje enza okufunwa amalungu awo.” Lo mbiko uyaphetha: “Ukuxutshwa kwebhizinisi nenkolo kuye kwaphumelela ngendlela emangalisayo.”

Nakuba ezinye izinkolo zingase zingakubonisi obala ukuthi zisebhizinisini lokwenza imali, amasonto “enza okufunwa yiningi” asikhumbuza isixwayiso esanikezwa uPawulu. Wabhala: “Kuyokuba khona inkathi lapho bengayikuyibekezelela khona imfundiso ephilayo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe; futhi bayofulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, kuyilapho bephendulelwa ezindabeni ezingamanga.”—2 Thimothewu 4:3, 4.

Njengoba izinkolo eziningi zasungulwa ngenxa yesifiso sabathile sokuba namandla kwezombusazwe, isikhundla nokuthandwa, hhayi ngenxa yesifiso sokujabulisa uNkulunkulu, akumangazi ukuthi inkolo ihileleke ezintweni ezimbi njengokuhlukunyezwa kwabantwana, ukukhwabanisa, impi noma ubuphekula. Ngokuvamile inkolo iyakhohlisa. Wena ungakugwema kanjani-ke ukukhohliswa?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

Izinkolo eziningi zasungulwa ngenxa yesifiso sabathile sokuba namandla kwezombusazwe, isikhundla nokuthandwa, hhayi ngenxa yesifiso sokujabulisa uNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela