Indlela Yokubona Ukukhulekela Kweqiniso
IZINKOLO eziningi zithi izimfundiso zazo zivela kuNkulunkulu. Ngakho senza kahle ngokulalela amazwi omphostoli kaJesu, uJohane, owabhala: “Bathandekayo, ningakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumulelwe, kodwa zivivinyeni izinkulumo eziphefumulelwe ukuze nibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini, ngoba sekukhona abaprofethi abaningi bamanga ezweni.” (1 Johane 4:1) Singayivivinya kanjani imfundiso ukuze sibone ukuthi ivela kuNkulunkulu noma cha?
Zonke izinto ezivela kuNkulunkulu zibonisa ubuntu bakhe, ikakhulukazi imfanelo yakhe evelele, uthando. Ngokwesibonelo, izinzwa zethu zokuhogela ezenza sikwazi ukujabulela iphunga elimnandi lemifino, izimbali noma lesinkwa esisanda kubhakwa, zibonisa uthando lukaNkulunkulu. Ngamehlo ethu siyakwazi ukubuka ukushona kwelanga, uvemvane noma umntwana emomotheka futhi konke lokho kubonisa ukuthi uNkulunkulu uyasithanda. Kunjalo nangekhono lethu lokuzwa umculo omnandi, ukutshiyoza kwezinyoni, noma izwi lomuntu esimthandayo. Yize singaphelele, indlela esidalwe ngayo ibonisa ukuthi uNkulunkulu uyasithanda. Yingakho siye sizibonele thina ukuthi ayiqiniso amazwi kaJesu athi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Kuyasijabulisa ukubonisa uthando ngoba senziwe “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” (Genesise 1:27) Nakuba uJehova enezinye izimfanelo eziningi, uthando luyimfanelo yakhe evelele kunazo zonke ebuntwini bakhe.
Incwadi evela kuNkulunkulu kufanele ilwembule lolo thando lwakhe. Izinkolo zomhlaba zinezincwadi eziningi zasendulo. Ingabe lezo zincwadi ziyalwembula uthando lukaNkulunkulu?
Iqiniso liwukuthi izincwadi eziningi zasendulo zenkolo azichazi kangako ngokuthi uNkulunkulu usithanda kanjani nokuthi thina singamthanda kanjani. Ngakho, izigidi zabantu zihlala zisebumnyameni ngokuqondene nombuzo othi, “Kungani indalo isibonisa ukuthi uNkulunkulu unothando kodwa ububi nokuhlupheka kulokhu kuqhubeka?” Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liwukuphela kwencwadi yenkolo yasendulo eluchaza ngokuphelele uthando lukaNkulunkulu. Lisifundisa nendlela yokulubonisa.
Incwadi Efundisa Ngothando
IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lithi uJehova ‘unguNkulunkulu wothando.’ (2 Korinte 13:11) IBhayibheli lichaza indlela uthando olwamshukumisa ngayo uJehova ukuba aphe abantu bokuqala ukuphila okwakungenalo usongo lokugula nokufa. Kodwa ukuvukela igunya likaNkulunkulu kwalethela isintu ukuhlupheka. (Duteronomi 32:4, 5; Roma 5:12) UJehova wathatha isinyathelo ukuze alungise umonakalo. IZwi likaNkulunkulu lithi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) ImiBhalo Engcwele yenza kucace nakakhulu ukuthi uNkulunkulu uyasithanda lapho ichaza indlela aye alungiselela ngayo uhulumeni ophelele ophethwe uJesu ozobuyisela ukuthula esintwini esilalelayo.—Daniyeli 7:13, 14; 2 Petru 3:13.
IBhayibheli lisibeka ngamafuphi isibopho somuntu: “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala. Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ Kule miyalo emibili kusekelwe wonke uMthetho.” (Mathewu 22:37-40) IBhayibheli lithi liphefumulelwe uNkulunkulu. Njengoba kusobala ukuthi libonisa ubuntu bakhe, singaqiniseka ukuthi livela ‘kuNkulunkulu wothando.’—2 Thimothewu 3:16.
Ngokusebenzisa lesi simiso, singabona ukuthi iyiphi incwadi yasendulo ephuma kuNkulunkulu ngempela. Uthando lwenza kube lula nokuthola ukuthi obani abangabakhulekeli beqiniso, ngoba balingisa uthando lukaNkulunkulu.
Indlela Yokubona Abantu Abathanda UNkulunkulu
Abantu abamthanda ngempela uNkulunkulu babonakala kalula, ikakhulukazi manje njengoba siphila esikhathini iBhayibheli elisibiza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ Abantu baya ngokuya beba “abazithandayo, abathanda imali, . . . abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:1-4.
Ungababona kanjani abantu abathanda uNkulunkulu? IBhayibheli lithi: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.” (1 Johane 5:3) Uthando ngoNkulunkulu lushukumisa abantu ukuba bahloniphe izimiso zeBhayibheli zokuziphatha. Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu linemithetho ngobulili nomshado. Abantu abashadile kuphela abangaba nobuhlobo bobulili futhi umshado akufanele unqanyulwe. (Mathewu 19:9; Hebheru 13:4) Owesifazane othile waseSpain owafunda imfundiso yenkolo esikoleni waya emhlanganweni woFakazi BakaJehova owawudingida kakhulu imithetho yeBhayibheli yokuziphatha. Lona wesifazane wathi: “Ngaphuma ngakhekile, hhayi nje ngenxa yezinkulumo ezisekelwe emiBhalweni ezivula ingqondo, kodwa ngenxa yobunye obuphakathi kwalaba bantu, ukuziphatha kwabo okuphakeme nangenxa yesimilo sabo esihle.”
Ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu, amaKristu eqiniso abonakala nangendlela abonisa ngayo uthando ngomakhelwane bawo. Umsebenzi wawo obaluleke kakhulu ukukhuluma nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu, owukuphela kwethemba lesintu. (Mathewu 24:14) Ayikho into engazuzisa omakhelwane bawo phakade kunokubasiza ukuba babe nolwazi ngoNkulunkulu. (Johane 17:3) AmaKristu eqiniso abonisa uthando nangezinye izindlela. Asiza abahluphekile. Ngokwesibonelo, lapho ukuzamazama komhlaba kudala umonakalo omkhulu e-Italy, iphephandaba lendawo labika ukuthi oFakazi BakaJehova “basiza abantu abahluphekile ngezindlela ezingokoqobo, bengabheki ukuthi bangabayiphi inkolo.”
Ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu nomakhelwane, amaKristu eqiniso ayathandana kwawona. UJesu wathi: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:34, 35.
Ingabe uthando amaKristu eqiniso analo ngomunye nomunye luhluke ngokuphawulekayo? U-Ema, owesifazane osebenza emakhishini waphetha kanjalo. Usebenza eLa Paz, eBolivia, lapho ukunotha nokuba mpofu kuya ngokuthi usizwe sini. Wathi: “Mhla ngiqala ngqa ukuya emhlanganweni woFakazi BakaJehova, ngabona insizwa egqoke kahle ihlezi eduze kowesifazane ongumNdiya ixoxa naye. Ngangiqala ukukubona lokho. Ngaso leso sikhathi ngavele ngabona ukuthi kumelwe ukuba laba bantu bangabantu bakaNkulunkulu.” Nentokazi yaseBrazil, uMiriam yasho okufanayo: “Ngangingumuntu ongajabule, ngisho nasekhaya imbala. Uthando lwangempela ngaqala ukulubona phakathi koFakazi BakaJehova.” E-United States, umqondisi wezindaba wesiteshi sethelevishini esithile wabhala: “Ukube abantu abaningi bebephila ngendlela inkolo yenu ethi kufanele kuphilwe ngayo, izwe lethu ngabe alikho esimweni elikuso manje. Ngiyintatheli eyaziyo ukuthi inhlangano yenu isekelwe othandweni nasokholweni oluqinile kuMdali.”
Funa Ukukhulekela Kweqiniso
Uthando yisici esenza kube lula ukuhlukanisa ukukhulekela kweqiniso. UJesu wafanisa ukuthola ukukhulekela kweqiniso nokuthola indlela okuyiyonayona bese ukhetha ukuhamba ngayo. Leyo ukuphela kwendlela eholela ekuphileni okuphakade. UJesu wathi: “Ngenani ngesango elincane; ngoba ibanzi futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni, baningi abangena ngayo; kanti lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, bambalwa abayitholayo.” (Mathewu 7:13, 14) Linye kuphela iqembu lamaKristu eqiniso elihamba noNkulunkulu endleleni yokukhulekela kweqiniso. Ngakho, kunendaba ukuthi ukhetha yiphi inkolo. Uma uyithola leyo ndlela futhi ukhetha ukuhamba ngayo, uzobe uzitholele indlela engcono kakhulu yokuphila ngoba iyindlela yothando.—Efesu 4:1-4.
Cabanga ngenjabulo ongayithola njengoba uhamba endleleni yokukhulekela kweqiniso! Kunjengokuhamba noNkulunkulu. Angakufundisa ukuhlakanipha nothando ukuze ukwazi ukuba nobuhlobo obuhle nabanye. Angakufundisa injongo yokuphila, uqonde izithembiso zakhe futhi ube nethemba ngekusasa. Awusoze wazisola ngokufuna ukukhulekela kweqiniso.
[Isithombe ekhasini 5]
Phakathi kwezincwadi zenkolo zasendulo, yiBhayibheli kuphela elembula uthando lukaNkulunkulu
[Izithombe ekhasini 7]
Kulula ukubona amaKristu eqiniso ngoba abonisa uthando