Amademoni—Singamelana Kanjani Nawo?
“[Izingelosi] ezingasigcinanga isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo yokuhlala efanele [uNkulunkulu] uzigcine ngezibopho ezingunaphakade ngaphansi kwesigayegaye, uzigcinele ukwahlulelwa kosuku olukhulu.”—JUDE 6.
1, 2. Imiphi imibuzo ephakamayo mayelana noSathane uDeveli namademoni?
UMPHOSTOLI UPETRU uyaxwayisa: “Hlalani nisangulukile, qaphani. Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.” (1 Petru 5:8) Ngokuqondene namademoni, umphostoli uPawulu uthi: “Angifuni ukuba nibe abahlanganyeli namademoni. Anikwazi ukuphuza indebe kaJehova nibe niphuza indebe yamademoni; anikwazi ukudla ‘etafuleni likaJehova’ nibe nidla etafuleni lamademoni.”—1 Korinte 10:20, 21.
2 Nokho, uSathane uDeveli namademoni bangobani? Baba khona nini, kanjani? Ingabe badalwa uNkulunkulu? Linamandla kangakanani ithonya labo kubantu? Uma ikhona indlela esingazivikela ngayo kubo, iyiphi?
USathane Namademoni Baba Khona Kanjani?
3. Ingelosi kaNkulunkulu yaba kanjani uSathane uDeveli?
3 Ekuqaleni komlando wesintu ensimini yase-Edene, ingelosi ethile kaNkulunkulu yavukela. Ngani? Ngoba yayinganelisekile ngendima yayo elungiselelweni likaJehova lasezulwini. Lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, yabona ithuba lokubenza balalele futhi bakhulekele yona, hhayi uNkulunkulu weqiniso. Ngokuvukela uNkulunkulu nangokuyenga umbhangqwana wokuqala ukuba uphishekele inkambo yesono, le ngelosi yazenza uSathane uDeveli. Ngokuhamba kwesikhathi, ezinye izingelosi zazibandakanya nayo ekuvukeleni. Kanjani?—Genesise 3:1-6; Roma 5:12; IsAmbulo 12:9.
4. Izingelosi ezithile ezavukela zenzani ngaphambi kukaZamcolo wosuku lukaNowa?
4 ImiBhalo ephefumulelwe isitshela ukuthi esikhathini esithile ngaphambi kukaZamcolo omkhulu wosuku lukaNowa, izingelosi ezithile zaqala ukuba nesithakazelo esingavamile kwabesifazane emhlabeni. IBhayibheli lithi, ngenjongo engalungile, “amadodana kaNkulunkulu weqiniso [asezulwini] aqala ukuqaphela amadodakazi abantu, ukuthi ayebukeka; ayesezithathela abafazi, okungukuthi, wonke lawo ayewakhetha.” Lokhu kwakuphambene nemvelo, futhi abantwana abazalwa ngaleyo ndlela babeyingxube, bebizwa ngokuthi amaNefili. (Genesise 6:2-4) Izidalwa zomoya ezingamlalelanga uNkulunkulu zazibandakanya noSathane ekuvukeleni uJehova.
5. Lapho uJehova eletha imbubhiso ngoZamcolo omkhulu kwenzekani ngezingelosi ezavukela?
5 Lapho uJehova ebhubhisa isintu ngoZamcolo, amaNefili nonina abangabantu bafa. Izingelosi ezavukela zaphoqeleka ukuba zikhumule imizimba yabantu zibuyele endaweni yomoya. Nokho, zazingasenakubuyela ‘esikhundleni sazo sokuqala’ noNkulunkulu. Kunalokho, zavalelwa ‘esigayegayeni’ esingokomoya, esibizwa ngokuthi iThartharusi.—Jude 6; 2 Petru 2:4.
6. Amademoni abakhohlisa kanjani abantu?
6 Kusukela izingelosi ezimbi zalahla “isikhundla sazo sokuqala,” ziye zaba izincelebana zikaSathane ezingamademoni, zifeza izinjongo zakhe ezimbi. Kusukela ngaleso sikhathi, amademoni awabange esakwazi ukugqoka imizimba yabantu. Nokho, ayakwazi ukuyenga abesilisa nabesifazane ukuba benze izenzo ezihlukahlukene zobulili obuhlanekezelwe. Amademoni amatasa futhi adukisa isintu ngokusebenzelana nemimoya, okungahilela izinto ezinjengomlingo, ukuthakatha kanye nabantu abanemimoya. (Duteronomi 18:10-13; 2 IziKronike 33:6) Izingelosi ezimbi ziyoba nesigcino esifana nesikaDeveli—ukubhujiswa kwaphakade. (Mathewu 25:41; IsAmbulo 20:10) Nokho, okwamanje kudingeka simelane ngokuqinile nazo. Kuwukuhlakanipha ukucabanga ngendlela uSathane anamandla ngayo nendlela esingamelana ngayo naye namademoni akhe ngokuphumelelayo.
Unamandla Kangakanani USathane?
7. USathane unaliphi ithonya ezweni?
7 USathane uye wanyundela uJehova kuwo wonke umlando. (IzAga 27:11) Uye wathonya nengxenye enkulu yesintu. Eyoku-1 Johane 5:19 ithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” Yingakho uDeveli ayengalinga uJesu ngokumthembisa ukumnika igunya nenkazimulo yayo “yonke imibuso yomhlaba owakhiweyo.” (Luka 4:5-7) Ekhuluma ngoSathane, umphostoli uPawulu uthi: “Manje, uma izindaba ezinhle esizimemezelayo eqinisweni zigutshuzelwe, zigutshuzelwe phakathi kwalabo ababhubhayo, phakathi kwalabo unkulunkulu walesi simiso sezinto aye waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa, ukuze kungakhanyi ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo mayelana noKristu, ongumfanekiso kaNkulunkulu.” (2 Korinte 4:3, 4) USathane “ungumqambimanga noyise wamanga,” kodwa uzishaya “ingelosi yokukhanya.” (Johane 8:44; 2 Korinte 11:14) Unamandla nezindlela zokuphuphuthekisa izingqondo zababusi bezwe nabantu ababaphethe. Uye wakhohlisa isintu ngezinganekwane namanga angokwenkolo.
8. IBhayibheli libonisani ngethonya likaSathane?
8 Amandla nethonya likaSathane kwabonakala esikhathini somprofethi uDaniyeli, eminyakeni engaba amakhulu amahlanu ngaphambi kweNkathi yethu Evamile. Lapho uJehova ethuma ingelosi ukuba ihambise umyalezo okhuthazayo kuDaniyeli, leyo ngelosi yavinjwa “isikhulu sombuso wobukhosi wasePheresiya” esiwumoya. Le ngelosi ethembekile yabambezeleka izinsuku ezingu-21 kwaze kwaba yilapho kufika “uMikayeli, omunye wezikhulu eziphambili” ezoyisiza. Lokhu kulandisa kukhuluma ‘nangesikhulu saseGrisi’ esiyidemoni. (Daniyeli 10:12, 13, 20) KusAmbulo 13:1, 2, uSathane uvezwa ‘njengodrako’ onika isilo sasendle sezombusazwe “amandla aso nesihlalo saso sobukhosi negunya elikhulu.”
9. AmaKristu alwa nobani?
9 Shono umphostoli uPawulu abhala: “Asibambene negazi nenyama kodwa sibambene nawohulumeni, namagunya, nababusi bezwe balobu bumnyama, nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.” (Efesu 6:12) Ngisho nanamuhla, ibandla lamademoni elilawulwa uSathane uDeveli lisebenza isinyenyela, lithonya ababusi babantu nesintu sisonke ukuba benze izenzo ezinyantisayo zokuqothulwa kwezizwe, zobuphekula nezokubulala. Manje ake sihlole indlela esingamelana ngayo ngokuphumelelayo naleli bandla lomoya elinamandla.
Singazivikela Kanjani?
10, 11. Singamelana kanjani noSathane nezingelosi zakhe ezimbi?
10 Asikwazi ukumelana noSathane nezingelosi zakhe ezimbi ngawethu amandla, angokwenyama noma angokwengqondo. UPawulu uyaseluleka: “Qhubekani nizuza amandla eNkosini nasebukhulwini bamandla ayo.” Kudingeka sibheke kuNkulunkulu ukuze sithole isivikelo. UPawulu uyanezela: “Gqokani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli . . . Thathani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu, ukuze nikwazi ukuzabalaza ngosuku olubi, nokuba, ngemva kokuba senenze konke ngokuphelele, nime niqinile.”—Efesu 6:10, 11, 13.
11 UPawulu uwanxusa kabili amaKristu akanye nawo ukuba agqoke “zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu.” Igama elithi “zonke” lisikisela ukuthi ukwenza ngokunganaki ngeke kwanele ekumelaneni nokuhlasela kwamademoni. Yiziphi-ke izembatho ezibalulekile kulezi zembatho zempi ezingokomoya amaKristu azidinga ngokuphuthumayo namuhla ukuze amelane namademoni?
“Yimani Niqinile”—Kanjani?
12. AmaKristu angazibopha kanjani izinkalo zawo ngeqiniso?
12 UPawulu uyachaza: “Ngakho-ke, yimani niqinile izinkalo zenu ziboshwe ngeqiniso, futhi nigqoke isivikelo sesifuba sokulunga.” (Efesu 6:14) Lapha kukhulunywa ngezembatho ezimbili zempi, ibhande nesivikelo sesifuba. Isosha kwakudingeka ligcine ibhande lalo liqinile ukuze livikele amanyonga alo (ukhalo, imbilapho nesingezansi) futhi likwazi ukubamba inkemba. Ngokomfanekiso, kudingeka sizibophe siziqinise ngeqiniso leBhayibheli, ukuze siphile ngokuvumelana nalo. Sinaso yini isimiso sokufunda iBhayibheli nsuku zonke? Ingabe silifunda sonke njengomkhaya? Ingabe kuwumkhuba wethu ukuhlola itekisi losuku njengomkhaya? Ngaphezu kwalokho, siyahambisana yini nokuchazwa kwamaqiniso eBhayibheli ezincwadini ezilungiselelwa “inceku ethembekileyo neqondayo”? (Mathewu 24:45) Uma senza kanjalo, siyobe silwela ukusisebenzisa iseluleko sikaPawulu. Sinanama-video nama-DVD angasinikeza isiqondiso esingokomBhalo. Ukulibamba siliqinise iqiniso kungasisiza senze izinqumo ezihlakaniphile futhi kusivikele enkambweni engalungile.
13. Singayivikela kanjani inhliziyo yethu engokomfanekiso?
13 Isivikelo sesifuba esingokoqobo sasivikela isifuba, inhliziyo nezinye izibilini zesosha. UmKristu angayivikela inhliziyo yakhe engokomfanekiso—umuntu anguye ngaphakathi—ngokuhlakulela uthando ngokulunga kukaNkulunkulu nangokunamathela ezindinganisweni zaKhe zokulunga. Isivikelo sesifuba esingokomfanekiso sisivikela ukuba singalilulazi iZwi likaNkulunkulu. Lapho sifunda ‘ukuzonda okubi sithande okuhle,’ siyazinqanda izinyawo zethu “kuzo zonke izindlela ezimbi.”—Amose 5:15; IHubo 119:101.
14. Kusho ukuthini ‘ukugqokiswa kwezinyawo zethu ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle zokuthula’?
14 Izinyawo zamasosha aseRoma ngokuvamile zazigqokiswa kahle zilungele uhambo olude emigwaqweni yaseRoma eyayigcwele embusweni wakhona. Isho ukuthini kumaKristu inkulumo ethi “[izinyawo] zenu zigqokiswe ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle zokuthula”? (Efesu 6:15) Isho ukuthi sikulungele ukuthatha isinyathelo. Sikulungele ukuxoxa nabantu ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nganoma isiphi isikhathi esifanelekayo. (Roma 10:13-15) Ukuba matasa kwethu enkonzweni yobuKristu kuyasivikela ‘emaqhingeni’ kaSathane.—Efesu 6:11.
15. (a) Yini ebonisa ukuthi isihlangu esikhulu sokholo sibaluleke kakhulu? (b) Imiphi “imicibisholo evuthayo” engalimaza ukholo lwethu?
15 UPawulu uyaqhubeka: “Ngaphezu kwazo zonke izinto, thathani isihlangu esikhulu sokholo, eniyokwazi ngaso ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi.” (Efesu 6:16) Iseluleko sokuba sithathe isihlangu esikhulu sokholo sanduleliswe ngamazwi athi “ngaphezu kwazo zonke izinto,” okubonisa ukuthi le ngxenye yesembatho sempi ibaluleke kakhulu. Ukholo lwethu akumelwe luntule nganoma iyiphi indlela. Njengesihlangu esikhulu esivikelayo, lusivikela ‘emicibisholweni evuthayo’ kaSathane. Le “micibisholo evuthayo” ingamelelani namuhla? Ingamelela ukweyiswa, amanga nokuhlanekezelwa kwamaqiniso okuhlabayo, okusakazwa izitha nezihlubuki ezizama ukwenza ukholo lwethu lube buthaka. Le “micibisholo” ingaba nayizilingo zokuthanda izinto ezibonakalayo, ezisenza sixinwe ukuthenga impahla eningi zize zisiyenge ukuba sincintisane nalabo asebebanjwe ugibe lokuphila kokubukisa. Mhlawumbe baye bazibekelela ngokuthenga imizi emikhulu nezimoto ezingcono noma mhlawumbe babukisa ngamagugu abo okuhloba abizayo nangezitayela zokugqoka zamuva. Kungakhathaliseki ukuthi abanye benzani, kumelwe sibe nokholo oluqine ngokwanele ukuba luphebeze le “micibisholo evuthayo.” Silwakha futhi silulondoloze kanjani ukholo oluqinile?—1 Petru 3:3-5; 1 Johane 2:15-17.
16. Yini engasisiza ukuba sakhe ukholo oluqinile?
16 Singasondela kuNkulunkulu ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu esiqhutshwa njalo nangemithandazo eqotho. Singanxusa uJehova ukuba asinike ukholo oluqinile bese senza izenzo ezidingekayo ezivumelana nemithandazo yethu. Ngokwesibonelo, ingabe sisilungiselela ngokucophelela iSifundo Se-Nqabayokulinda samasonto onke sinomgomo wokuhlanganyela kuso? Ukholo lwethu luyoqina uma sitadisha iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo.—Hebheru 10:38, 39; 11:6.
17. ‘Singasamukela’ kanjani “isigqoko sokuzivikela sensindiso”?
17 UPawulu uphetha incazelo yakhe yezembatho zempi ezingokomoya ngalesi seluleko: “Yamukelani isigqoko sokuzivikela sensindiso, nenkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu.” (Efesu 6:17) Isigqoko sasivikela ikhanda nobuchopho besosha, isizinda sezinqumo. Ngokufanayo, ithemba lethu lobuKristu livikela amandla ethu engqondo. (1 Thesalonika 5:8) Kunokuba sigcwalise izingqondo zethu ngemigomo yezwe namaphupho okuthanda izinto ezibonakalayo, kufanele sigxilise ukucabanga kwethu ethembeni esilinikwe uNkulunkulu, njengoba nje uJesu enza.—Hebheru 12:2.
18. Kungani kungafanele sidebeselele isimiso sethu sokufunda iBhayibheli njalo?
18 Isembatho sokugcina esisivikela ethonyeni likaSathane namademoni akhe yizwi likaNkulunkulu, noma umyalezo wakhe olotshwe eBhayibhelini. Lesi ngesinye futhi isizathu esenza kudingeke singasidebeseleli isimiso sethu sokufunda iBhayibheli njalo. Ukuba nolwazi oluhle lweZwi likaNkulunkulu kusivikela emangeni kaSathane nasenkulumweni eyize yamademoni kanye nasemazwini enzondo ezihlubuki.
‘Qhubekani Nithandaza Ngezikhathi Zonke’
19, 20. (a) USathane namademoni akhe balindelwe yini? (b) Yini engasiqinisa ngokomoya?
19 Ukususwa kukaSathane, amademoni akhe nezwe elibi kuseduze. USathane uyazi ukuthi “unesikhathi esifushane.” Unolaka futhi ulwa nalabo “abagcina imiyalo kaNkulunkulu futhi benomsebenzi wokufakaza ngoJesu.” (IsAmbulo 12:12, 17) Kubalulekile ukuba simelane noSathane namademoni akhe.
20 Yeka indlela esingabonga ngayo ngesikhuthazo sokuba sigqoke zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu! UPawulu uphetha ingxoxo yakhe yezembatho zempi ezingokomoya ngalesi seluleko: “[Qhubekani] nithandaza ngomoya ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa ngezikhathi zonke. Ngenxa yaleyo njongo, hlalani niphapheme ngakho konke ukuqinisela nokunxusa ngenxa yabo bonke abangcwele.” (Efesu 6:18) Umthandazo ungasiqinisa ngokomoya futhi usisize ukuba sihlale siphapheme. Masiwalalelisise amazwi kaPawulu, siqhubeke sithandaza, ngoba lokhu kuyosisiza simelane noSathane namademoni akhe.
Ufundeni?
• USathane namademoni akhe baba khona kanjani?
• Unamandla kangakanani uDeveli?
• Singazivikela kanjani kuSathane nasemademonini akhe?
• Singazigqoka kanjani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 26]
“Amadodana kaNkulunkulu weqiniso aqala ukuqaphela amadodakazi abantu”
[Isithombe ekhasini 28]
Ungazisho yini izingxenye eziyisithupha zezembatho zethu zempi ezingokomoya?
[Izithombe ekhasini 29]
Ukwenza le misebenzi kusivikela kanjani kuSathane namademoni akhe?