Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 4/15 kk. 8-11
  • Lapho Izinto Ozilindele Zingafezeki

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Izinto Ozilindele Zingafezeki
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amaphupho Angenakufezeka
  • Ukulindela Izinto Ongazishongo
  • Khuluma Ngakho
  • ‘Shesha Ukuzwa’
  • Ingabe Sikulungele Ngempela Ukushada?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Lapho Udumazekile Ngomshado Wakho
    I-Phaphama!—2014
  • Ungawusindisa Umshado Wakho!
    I-Phaphama!—2001
  • “Umshado Mawuhlonishwe”
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 4/15 kk. 8-11

Lapho Izinto Ozilindele Zingafezeki

UKUDUMAZEKA kungaba khona kunoma imuphi umshado, ngisho noma ngesikhathi sokuqomisana indoda nowesifazane babebonakala befanelana kakhulu. Kodwa kungenzeka kanjani ukuba abantu ababili ababebonakala befanelana ngaphambi kokwenza izifungo zomshado bese kuthi kamuva babe impumalanga nentshonalanga?

IBhayibheli lithi labo abashadayo bayoba “nobuhlungu nosizi.” (1 Korinte 7:28, The New English Bible) Ngokuvamile, olunye lwalolo sizi lubangelwa ukungapheleli kobuntu. (Roma 3:23) Ngaphezu kwalokho, kungenzeka ukuthi oyedwa noma bobabili abangane bomshado abasebenzisi izimiso zeBhayibheli. (Isaya 48:17, 18) Nokho, ngezinye izikhathi indoda noma owesifazane bashada benamaphupho angenakufezeka. Lapho lokhu kwenzeka, ukungezwani kungaholela ezinkingeni ezingathí sina.

Amaphupho Angenakufezeka

Uma uyindoda noma umfazi kungenzeka washada kunezinto eziningana owawuzilindele, njengoba kwenzeka kubantu abaningi. Ake ucabange kancane ngohlobo lokuphila owawulufisa. Ingabe umshado wakho uyasilela kulokho owawukucabanga? Uma kunjalo, ungaphethi ngokuthi izinkinga ngeke zixazululeke. Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kungakusiza ukuba uqondise izinto.a (2 Thimothewu 3:16) Okwamanje, uyobe wenza kahle uma uhlolisisa ezinye zezinto okungenzeka ukuthi wawuzilindele emshadweni.

Ngokwesibonelo, abanye babecabanga ukuthi emshadweni kuyohlale kuboniswana uthando, njengasezindabeni eziqanjiwe ezinesiphetho esijabulisayo. Noma kungenzeka wawucabanga ukuthi wena noshade naye nizoba nesikhathi esiningi nindawonye noma ukuthi nobabili niyoxazulula zonke izingxabano kamnandi nangendlela ebonisa ukuvuthwa. Abaningi babecabanga ukuthi uma sebeshadile ngeke sisaba khona isidingo sokuzithiba ezindabeni ezingokobulili. Ngenxa yokuthi zonke lezi zinto ezivame ukulindelwa zingamaphupho, ngokuqinisekile kwabanye ziholela ekudumazekeni.—Genesise 3:16.

Elinye iphupho liwukuthi umshado ngokwawo uzokwenza ukuba umuntu ajabule. Yiqiniso, ukuba nomngane ekuphileni kungaba umthombo wenjabulo enkulu. (IzAga 18:22; 31:10; UmShumayeli 4:9) Kodwa ingabe kungalindelwa ukuba umshado uvele uqede zonke izinkinga ngokuyisimangaliso? Labo abacabanga kanjalo ngokuvamile basanguluka kabuhlungu!

Ukulindela Izinto Ongazishongo

Akuzona zonke izinto ezilindelwe eziwukweqisa. Kunalokho, ezinye zihilela izifiso ezifanele. Nokho, izinkinga zingavela ngenxa yokulindela izinto ezithile. Omunye oweluleka ngemishado uthi: “Ngivame ukubona abashadile bethukuthelelana ngenxa yokuthi omunye wabo ulindele ukuba isifiso esithile sigcwaliseke, kuyilapho omunye ebengazi ngaso.” Ukuze siqonde ukuthi lokhu kungenzeka kanjani, cabanga ngale ndaba elandelayo.

UDudu ushada noBongani, ohlala endaweni eqhele ngamakhilomitha amaningi ukusuka kubo kaDudu. Ngaphambi kokuba bashade, uDudu uyaqaphela ukuthi ukuthuthela endaweni entsha kuzoba nezinselele—ikakhulu ngoba ungumuntu onamahloni. Noma kunjalo, uyaqiniseka ukuthi uBongani uzomsiza ukuba ajwayele. Ngokwesibonelo, uDudu ulindele ukuthi uBongani uzomsekela futhi amsize ukuba ajwayelane nabangane bakhe. Nokho, lokhu akwenzeki. UBongani uvele azixoxele nabangane bakhe abaningi—amshiye yedwa uDudu osanda kufika. UDudu uzizwa enganakiwe, ngandlela-thile sengathi ulahliwe. Uyazibuza, ‘Kungani uBongani engenaluzwela kanje?’

Ingabe okulindelwe uDudu kuwukweqisa? Lutho neze. Umane nje ufuna ukuba umyeni wakhe amsize ukuba ajwayele indawo entsha. UDudu unamahloni, futhi uzizwa ekhungathekile njengoba ehlangana nabantu abaningi kakhulu angabazi. Nokho, iqiniso liwukuthi uDudu akakaze atshele uBongani indlela azizwa ngayo. Ngakho, uBongani akazi nakancane ukuthi uDudu ubhekene nani. Yini ezokwenzeka uma lesi simo siqhubeka? UDudu angaqala ngokuthukuthela, futhi njengoba isikhathi siqhubeka, angase acabange ukuthi umyeni wakhe akanandaba nakancane nemizwa yakhe.

Kungenzeka ukuthi nawe wake wazizwa udumazekile futhi ukhungathekile lapho oshade naye ebonakala engenandaba nezidingo zakho. Uma kunjalo, yini ongayenza?

Khuluma Ngakho

Ukungafezeki kwamaphupho kungabangela ukucindezeleka ngempela. (IzAga 13:12) Noma kunjalo, ungenza okuthile ngaleso simo. Isaga seBhayibheli sithi: “Ungabanxusa abanye uma uhlakaniphile futhi ukhuluma ngokuhlakanipha.” (IzAga 16:23, Contemporary English Version) Ngakho, uma unomuzwa wokuthi kukhona into oyilindele enengqondo kodwa engafezeki, xoxa ngaleyo ndaba nowakwakho.

Zama ukukhetha isikhathi esifanele, isimo esifanele namazwi afanele ukuze uveze okukukhathazayo. (IzAga 25:11) Khuluma ngomoya ophansi nangenhlonipho. Khumbula umgomo wakho—akukhona ukugxeka kodwa ukwazisa oshade naye okulindele nemizwa yakho.—IzAga 15:1.

Kungani kufanele wenze konke lokhu? Ingabe umngane womshado ocabangelayo angeke akwazi ukuvele aziqonde izidingo zakho? Kungenzeka umngane wakho unombono ohlukile ngezinto kodwa angakujabulela ukucabangela izidingo zakho uma ungamchazela zona. Akulona uphawu lokuba buthaka komshado noma ubufakazi bokuthi umngane wakho akanandaba, uma uveza okufunayo noma okudingayo.

Ngakho ungangabazi ukuxoxa nomngane wakho womshado. Ngokwesibonelo, esimweni esichazwe ekuqaleni, uDudu ubengase athi kuBongani: “Kumelwe ngivume ukuthi ngikuthola kuyinselele ngandlela-thile ukuhlangana nabantu abaningi kangaka engingabazi. Kuze kube yilapho sengijwayele ngicela ungisize ukuba ngijwayele wonke umuntu.”

‘Shesha Ukuzwa’

Manje ake ubheke le ndaba ngenye indlela. Ake sithi umngane wakho womshado uza kuwe, futhi ukhathazekile ngoba awukufezi lokho akulindele futhi okunengqondo. Uma lokho kwenzeka, mlalele umngane wakho! Zama ukungazivikeli. Kunalokho, ‘shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma, wephuze ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19; IzAga 18:13) Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—1 Korinte 10:24.

Ungakwenza lokhu ngokuzibeka esimweni somngane wakho womshado. IBhayibheli lithi: “Nina madoda, qhubekani nihlala [nomkenu] ngendlela efanayo ngokolwazi,” noma njengoba kusho inguqulo kaJ. B. Phillips, “nina madoda kufanele nizame ukuqonda omkenu enihlala nabo.” (1 Petru 3:7) Yiqiniso, abafazi benza kahle ngokwenza umzamo ofanayo kubayeni babo.

Khumbula, kungakhathaliseki ukuthi wena nomngane wakho ningase nifanelane kanjani, anibheki zonke izinto ngendlela efanayo. (Bheka ibhokisi elithi “Ukubuka Indawo Efanayo, Nibe Nemibono Engafani.”) Empeleni, lokhu kuyisibusiso, ngoba kuhle ukubheka izinto ngenye indlela. Wena nomngane wakho nize emshadweni nilindele okuthile okungafani okusekelwe ezintweni ezinjengesizinda somkhaya namasiko. Ngenxa yalokho, ningathandana ngokujulile kodwa nibe ningalindele izinto ezifanayo.

Ngokwesibonelo, amaKristu ashadile angase asazi kahle isimiso seBhayibheli sobunhloko. (Efesu 5:22, 23) Kodwa, ubunhloko kufanele buboniswe kanjani emkhayeni wenu, futhi ukuzithoba kufanele kuboniswe kanjani? Ingabe nobabili niqondiswa yilesi simiso seBhayibheli, futhi nenza imizamo eqotho yokusisebenzisa?

Kungenzeka nokuthi ninemibono engafani mayelana nezindaba zokuphila kwansuku zonke. Ubani ozokwenza imisebenzi ethile yasendlini? Nizozivakashela nini izihlobo, futhi nizochitha isikhathi esingakanani? Imibhangqwana engamaKristu ibonisa kanjani ukuthi ibeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwayo? (Mathewu 6:33) Maqondana nemali, kulula ukungena ezikweletini, ngakho kuyasiza ukonga. Nokho, kusho ukuthini ngempela ukonga? Izindaba ezinjengalezi kudingeka kuxoxwe ngazo ngokukhululekile nangenhlonipho, futhi lokho kuyozuzisa kakhulu.

Lezo zingxoxo zinganisiza ukuba nibe nokuthula okukhulu emshadweni wenu, ngisho noma zingakafezeki ezinye zezinto enanizilindele. Ngempela, niyosisebenzisa kangcono isiyalo somphostoli uPawulu: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.”—Kolose 3:13.

[Umbhalo waphansi]

a Imibhangqwana ingathola iseluleko esihle kakhulu encwadini ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]

UKUBUKA INDAWO EFANAYO, NIBE NEMIBONO ENGAFANI

“Ake ucabange ngesixuku sezivakashi sibuka indawo enhle. Nakuba lonke iqembu libuka indawo efanayo, umuntu ngamunye uyibona ngendlela ehlukile kweyomunye. Kungani? Kungenxa yokuthi umuntu ngamunye unendawo abuka ekuyo ehlukile. Abekho abantu ababili abami endaweni efana ncimishí. Ngaphezu kwalokho, akubona bonke abagxila engxenyeni efanayo yale ndawo. Umuntu ngamunye uthola isici esehlukile singesithakazelisa ngokukhethekile. Kungokufanayo nasemshadweni. Abekho abangane bomshado ababili abanombono ofana ncimishí ngezinto, ngisho noma befanelana kakhulu. . . . Ukukhulumisana kuhlanganisa nomzamo wokuhlanganisa lokhu kungafani kube ubuhlobo obunyamanye. Lokhu kudinga ukuba nizinike isikhathi sokuxoxa.”—INqabayokulinda, ka-August 1, 1993, ikhasi 4.

[Ibhokisi ekhasini 10]

LOKHO ONGAKWENZA MANJE

• Phinda uhlole owawukulindele. Ingabe kunengqondo? Ingabe ulindele okuningi kakhulu kumngane wakho womshado kunokufanele ukulindele?—Filipi 2:4; 4:5.

• Zama ukulungisa noma imaphi amaphupho onawo. Ngokwesibonelo, esikhundleni sokuthi, “Ngeke size singavumelani,” zimisele ukuthi nizosebenzela ekulungiseni ukungezwani ngokuthula.—Efesu 4:32.

• Xoxa ngowawukulindele. Ukukhuluma ngezinto kuyisinyathelo esiyinhloko sokufunda ukubonisa uthando nenhlonipho ngomunye nomunye.—Efesu 5:33.

[Isithombe ekhasini 9]

‘Shesha ukuzwa’ izinto ezikhathaza umngane wakho womshado

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela