Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 4/15 k. 31
  • Ukhubazekile—Kodwa Uyakushisekela Ukukhonza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukhubazekile—Kodwa Uyakushisekela Ukukhonza
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Unganikela Yini Ngesikhathi Nangamandla Akho?
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
  • Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso—Isici Esibalulekile Senkonzo Engcwele
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • “Kumelwe Nikwenze Nakanjani”
    I-Phaphama!—1991
  • Okuthile Okusha Ekwakheni Komhlaba Wonke
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 4/15 k. 31

Ukhubazekile—Kodwa Uyakushisekela Ukukhonza

LAPHO uqala ukubona uLeonardo, ungase ungacabangi ukuthi angasebenza esakhiweni. Zombili izandla zakhe zanqamuka engozini yasemsebenzini. Nokho, nakuba ekhubazekile, uLeonardo wayesebenza kanzima e-Acajutla, e-El Salvador, njengoba ungambona esithombeni.

Ukuze akwazi ukusebenza kuleso sakhiwo, uLeonardo wazenzela amathuluzi akhe. Unefosholo azifakela kulo inkintsho yensimbi, ngakho ufaka ingalo yakhe kuyo bese ngobuhlakani akhe udoti awufake ebhaleni. Esikhundleni sezibambo, wafaka izinsimbi eziyindilinga ukuze agqube ngazo ibhala. Yini eyamshukumisela ukuba ahlanganyele kulo msebenzi?

ULeonardo wayefuna ukuba nesandla ekwakhiweni kweHholo LoMbuso langakubo, noma indawo yokukhulekela yebandla loFakazi BakaJehova. Wayenezizathu eziningi zokuba angahlanganyeli kulo msebenzi wokwakha. Wayesebenza isikhathi esigcwele emsebenzini wokuziphilisa, ekhubazekile, futhi kakade wayekhonza ebandleni njengenceku ekhonzayo. Nokho, wayefuna ukwenza konke angakwenza ukuze akhonze uNkulunkulu nasesakhiweni.

Ingabe unomoya ofanayo ngokukhonza uNkulunkulu? Kunokusebenzisa ukukhubazeka kwakhe njengezaba, uLeonardo wasebenzisa ingqondo ukuba azenzele amathuluzi akhe siqu ukuze akwazi ukwenza umsebenzi ayengeke akwazi ukuwenza. Wayekhonza uNkulunkulu ‘ngayo yonke ingqondo yakhe.’ (Mathewu 22:37) Kungakhathaliseki ukuthi bakhubazekile noma cha, abasebenza ekwakheni amaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke banomoya wokuzinikela. Umphakathi wamukelekile emihlanganweni yabo, futhi nawe wamukelekile ukuba ube khona.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela