Ukufuna Ingokomoya
ENTSHUMAYELWENI yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Cishe uyavumelana nala mazwi. Abantu kuyo yonke indawo bayaqaphela ukuthi badinga ingokomoya ekuphileni kwabo futhi bacabanga ukuthi uma bengaba nalo, liyobenza bajabule. Nokho, lisho ukuthini igama elithi “ingokomoya”?
Esinye isichazamazwi sichaza ingokomoya ngokuthi “ukuqaphela noma ukunamathela ezimisweni ezingokwenkolo” sibuye sithi “izinga noma isimo sokuba umuntu ongokomoya.” Ngakho igama elithi “ingokomoya” nezinkulumo ezithi “ukuba ongokomoya,” noma “ukuba nomqondo ongokomoya” zibhekwa njengezichaza into eyodwa. Ukuze leli gama licaciswe nakangcono, cabanga ngalesi sifaniso: Umuntu onekhono kwezentengiselwano kuye kuthiwe unomqondo webhizinisi. Ngokufanayo, umuntu ozazisa kakhulu izinto ezingokomoya noma eziphathelene nenkolo kuthiwa unomqondo ongokomoya.
Kodwa-ke ingokomoya langempela lifinyelelwa kanjani? Nakuba cishe zonke izinkolo zithi ziyayazi indlela yokufinyelela ingokomoya, izindlela ezizinikezayo ziningi njengazo izinkolo. UmProthestani uthi wasindiswa emvuselelweni. UmKatolika ufuna ukuhlanganyela noNkulunkulu eMiseni. UmBuddha ufuna ukukhanyiselwa ngokuzindla. UmHindu uzama ukugqashula emjikelezweni wokuzalwa kaninginingi ngokuphila ukuphila kokuzincisha. Ingabe bonke laba bantu basendleleni yokufinyelela ingokomoya langempela? Ingabe zona lezi zindlela ziholela kulo?
Abaningi bathi impendulo yale mibuzo ingucha. Bathi ingokomoya lisho “ukukholelwa kodwa ukungazibandakanyi,” okungukuthi, ukukholelwa kunkulunkulu othile kodwa ungabi ilungu lenkolo. Abanye banomuzwa wokuthi elithi ingokomoya lisho isifiso sokuba nokuthula kwangaphakathi nenjongo ekuphileni, hhayi ukuba ilungu lenkolo ethile. Bagomela ngokuthi labo abafuna ingokomoya akudingeki neze balifune ezinkolweni. Kunalokho, kudingeka nje bazihlole ngaphakathi, bahlole imizwa yabo ejulile. Omunye umbhali uthi: “Ingokomoya langempela litholakala ngaphakathi kumuntu. Liyindlela yakho yokubonisa uthando, ukwamukela abantu abakuzungezile nokusebenzelana nabo. Alinakutholakala esontweni noma ngokuba nenkolelo ethile.”
Kusobala ukuthi abantu banemibono ehlukene ngempela ngendaba yengokomoya. Kunezincwadi eziningi ezithi zifundisa indlela yokufinyelela ingokomoya, kodwa abafundi bazo bavame ukuzithola benganelisekile nakancane futhi bedidekile. Nokho, kunencwadi enesiqondiso esingasethemba ezindabeni eziphathelene nengokomoya. Yincwadi enobufakazi bokuthi iphefumulelwe uNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:16) Ake sizwe indlela leyo ncwadi, iBhayibheli, elichaza ngayo ingokomoya nokubaluleka kwalo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
COVER: Background: © Mark Hamblin/age fotostock