Ingabe “ITestamente Elidala” Lisasebenza?
NGO-1786 udokotela ongumFulentshi wanyathelisa incwadi ethi Traité d’anatomie et de physiologie (Ingxoxo Yesayensi Yokuma Komzimba Neyokusebenza Kwezitho Zomzimba). Ibhekwa njengencwadi yokusebenza kwezinzwa enembe kunazo zonke kwezazikhona ngaleso sikhathi, futhi sekusele amakhophi ambalwa aye adayiswa ngamaRandi ayizinkulungwane ezingu-195 muva nje! Nakuba kunjalo, zimbalwa iziguli namuhla ezingethemba udokotela ohlinzayo oncika kuleyo ncwadi yezokwelapha esinamakhulu eminyaka. Inzuzo engokomlando nolimi lwaleyo ncwadi alumsizi umuntu ogulayo namuhla.
Abaningi bazizwa ngendlela efanayo ngalokho okubizwa ngokuthi iTestamente Elidala. Bayakuthanda ukulandisa kwalo ngomlando ka-Israyeli futhi bayazazisa izinkondlo zalo ezimnandi. Kodwa bayangabaza ukuthi kunengqondo ukulalela isiqondiso esesineminyaka engaphezu kwengu-2 400 sikhona. Ulwazi lwesayensi, ezentengiselwano, ngisho nokuphila komkhaya kuhluke kakhulu namuhla kunangesikhathi kulotshwa iBhayibheli. UPhilip Yancey, owayengumhleli we-Christianity Today, wabhala lokhu encwadini yakhe ethi Bible Jesus Read: “Ngezinye izikhathi liyaxaka, futhi izingxenye zalo ezinengqondo ziyabacasula abantu banamuhla. Ngenxa yalezi zizathu nezinye iTestamente Elidala, eliyizingxenye ezintathu kwezine zeBhayibheli, ngokuvamile alifundwa.” Lokho kucabanga akukusha.
Eminyakeni engaphansi kwengu-50 ngemva kokufa komphostoli uJohane cishe ngo-100 C.E., insizwa ecebile okuthiwa uMarcion yasho obala ukuthi amaKristu kufanele angalamukeli iTestamente Elidala. Ngokwesazimlando esiyiNgisi uRobin Lane Fox, uMarcion wathi “‘uNkulunkulu’ waseTestamenteni Elidala ‘wayeyiqaba uqobo lwalo’ owayethanda abaphangi namaphekula anjengenkosi yakwa-Israyeli uDavide. Ngakolunye uhlangothi, uKristu wayenguNkulunkulu ophakeme, omusha nohluke ngokuphelele. UFox uthi lezi zimfundiso “zaba ‘ubuMarcionism’ futhi zaqhubeka ziba nabalandeli, ikakhulu abantu baseMpumalanga abakhuluma ulimi lwesiSiriya futhi lokhu kwaqhubeka “iminyaka eminingi phakathi nekhulu lesine.” Eminye yale mibono isekhona nanamuhla. Ngenxa yalokho, ngemva kweminyaka engu-1 600, uPhilip Yancey, uthi “amaKristu asenolwazi oluncane lweTestamente Elidala futhi umphakathi wanamuhla awusenalo nhlobo.”
Ingabe iTestamente Elidala selithathelwe indawo? Singamhlobanisa kanjani ‘uJehova wamabutho’ oseTestamenteni Elidala ‘noNkulunkulu wothando nokuthula’ oseTestamenteni Elisha? (Isaya 13:13; 2 Korinte 13:11) Ingabe iTestamente Elidala lingakuzuzisa namuhla?