Ukukhetha Okuholela Enjabulweni
“UKUBE ngenze ngendlela ehlukile!” Kukangaki usho la mazwi enhliziyweni yakho? Sonke sifuna ukwenza ukukhetha esingeke sizisole ngakho kamuva, ikakhulu uma lokho kukhetha kuthinta ukuphila kwethu konke. Ngakho, singakwenza kanjani ukukhetha okuholela enjabulweni?
Okokuqala, kudingeka sibe nezimiso esingazethemba ngempela. Ingabe zikhona? Abantu abaningi bacabanga ukuthi azikho. Ngokwenhlolovo eyenziwa e-United States, amaphesenti angu-75 abafundi asebezophothula ekolishi akholelwa ukuthi ayikho into enhle nembi futhi umqondo wokuhle nokubi uyahlukahluka kuye “ngezimiso zomuntu nangokwahluka kwamasiko.”
Ingabe kunengqondo ngempela ukucabanga ukuthi izimiso zokuziphatha zimane ziyindaba yomuntu siqu noma umbono weningi? Cha, akunangqondo. Ukube abantu bebenenkululeko yokuzenzela noma yini abayithandayo, bekuyoba nezinxushunxushu. Ubani obengathanda ukuphila endaweni engenamithetho, engenazinkantolo nengenamaphoyisa? Ngaphezu kwalokho, umbono womuntu siqu awusona isiqondiso esingasethemba njalo. Singase sikhethe ukwenza okuthile esikholelwa ukuthi kulungile bese sibona kamuva ukuthi senze iphutha. Ngempela, wonke umlando wesintu ufakazela ukuba yiqiniso kwalo mthetho oseBhayibhelini: “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Ngakho, singasitholaphi isiqondiso lapho senza izinqumo ngezindaba ezibalulekile ekuphileni?
Umbusi osemusha okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele wenza ngokuhlakanipha waya kuJesu. Njengoba sibonile, lapho uJesu ephendula umbuzo wale nsizwa, wabhekisela eMthethweni kaNkulunkulu. UJesu wayazi ukuthi uJehova uNkulunkulu unguMthombo ophakeme kunayo yonke yolwazi nokuhlakanipha nokuthi uyakwazi okungcono kakhulu ngezidalwa zakhe. Ngakho, uJesu wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” (Johane 7:16) Ngempela, iZwi likaNkulunkulu liwumthombo esingawethemba wesiqondiso esiyosisiza sikhethe ngokuhlakanipha ekuphileni. Masixoxe ngezimiso ezimbalwa ezitholakala eZwini likaNkulunkulu, okuthi uma sizisebenzisa sithole injabulo.
UMthetho Wegolide
ENtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni, uJesu wafundisa isimiso esiyisisekelo esingasisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile lapho sisebenzelana nabanye. Nakhu akusho: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Lesi simiso sokuziphatha sivame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide.
Abanye baye basebenzisa inkulumo efanayo ngomqondo ohlanekezelwe: “Ningakwenzi kwabanye lokho eningeke nithande ukuba kwenziwe kini.” Ukuze ubone umehluko phakathi koMthetho Wegolide nalona ohlanekezelwe, cabanga ngomzekeliso kaJesu womSamariya othanda umakhelwane wakhe. UmJuda othile wayeshayiwe futhi washiywa eduze komgwaqo kusele umndondo. Umpristi nomLevi bambona kodwa bamdlula. Kungashiwo ukuthi benza ngokwalo Mthetho Wegolide ohlanekezelwe ngoba abenzanga lutho olunezela osizini lwale ndoda. Ngokungafani nabo, umSamariya owayedlula wama wayisiza. Wabopha amanxeba ayo futhi wayiyisa endlini yezihambi. Wenza kule ndoda lokho ayengathanda ukuba kwenziwe kuye. Wasebenzisa uMthetho Wegolide—futhi wakhetha kahle.—Luka 10:30-37.
Ziningi izindlela esingawusebenzisa ngazo lo mthetho wokuziphatha futhi sithole imiphumela ejabulisayo. Ake sithi umkhaya omusha uthuthela endaweni yakini. Kungani ungathathi isinyathelo kuqala sokuwazi futhi uwamukele? Ungase uwusize ukuba ujwayele indawo, uphendule imibuzo yawo futhi uwusize ngezidingo zawo. Ngokuthatha isinyathelo kuqala ubonise umakhelwane uthando, uyobe uqala ubuhlobo obuhle nomakhelwane bakho abasha. Futhi uyoba nokwaneliseka okulethwa ukwazi ukuthi wenze okujabulisa uNkulunkulu. Ingabe leso akusona isinqumo esihle?
Ukukhetha Okushukunyiswa Uthando Ngabanye
Ngaphezu koMthetho Wegolide, uJesu wanikeza esinye isiqondiso esiyokusiza ekukhetheni ngokuhlakanipha. Lapho ebuzwa ukuthi imuphi umyalo omkhulu kunayo yonke eMthethweni KaMose, uJesu waphendula: “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala. Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ Kule miyalo emibili kusekelwe wonke uMthetho, nabaProfethi.”—Mathewu 22:36-40.
Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wanika abafundi bakhe “umyalo omusha,” wokuba bathandane. (Johane 13:34) Kungani athi lowo myalo wawumusha? Ingani wayeshilo kakade ukuthi ukuthanda umakhelwane kwakungomunye wemiyalo emibili okusekelwe kuyo wonke uMthetho. EMthethweni KaMose, ama-Israyeli ayeyaliwe: “Kumelwe uthande omunye umuntu njengoba uzithanda wena.” (Levitikusi 19:18) Nokho, kulokhu uJesu wayeyala abafundi bakhe ukuba benze okungaphezu kwalokho. Ngabo lobo busuku, uJesu watshela abafundi bakhe ukuthi wayesezonikela ukuphila kwakhe ngenxa yabo. Wabe esethi kubo: “Yilo umyalo wami, ukuba nithandane njengoba nje nami nginithandile. Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.” (Johane 15:12, 13) Yebo, lo myalo wawumusha ngoba wawufuna ukuba umuntu abeke izithakazelo zabanye ngaphambi kwezakhe.
Kunezindlela eziningi esingabonisa ngazo uthando olungenabugovu, senze okungaphezu nje kokukhathalela izithakazelo zethu. Ngokwesibonelo, ake sithi uhlala efulethini futhi ufuna ukudlalela phezulu umculo owuthandayo kodwa omcasulayo umakhelwane wakho. Ingabe ubuyovuma ukunciphisa injabulo yakho ukuze umakhelwane wakho abe nokuthula? Ngamanye amazwi, ingabe ubuyobeka inhlalakahle yomakhelwane wakho ngaphambi kweyakho?
Cabanga nangesinye isimo. Ngolunye usuku kusebusika kubanda futhi likhithika eCanada, indoda ethile esikhulile yavakashelwa oFakazi BakaJehova ababili. Phakathi nengxoxo yabo, le ndoda yabonisa ukuthi yayingakwazi ukususa iqhwa elaliphambi komuzi wayo ngoba yayinesifo senhliziyo. Cishe ngemva kwehora, yezwa umsindo wefosholo. Lab’ oFakazi ababili babebuyile bezosusa iqhwa endleleni nasezitebhisini eziya emnyango wendlu yayo. Le ndoda yabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eCanada: “Namuhla ngizibonele mathupha uthando lweqiniso lobuKristu. Kungisize ngempela futhi kuye kwashintsha umbono ongemuhle enganginawo ngezwe lanamuhla. Kuyijulisile inhlonipho enkulu engase nginayo kakade ngemisebenzi yenu eniyenza emhlabeni wonke.” Yebo, ukukhetha ukusiza kungaveza imiphumela emihle kwabanye, kungakhathaliseki ukuthi kungase kubonakale kukuncane kangakanani esikwenzayo. Yeka injabulo etholakala ngokwenza ukukhetha okunjalo okubonisa ukuzidela!
Ukukhetha Okushukunyiswa Uthando NgoNkulunkulu
Esinye isici okumelwe sisicabangele lapho senza ukukhetha yileso uJesu asichaza ngokuthi umyalo omkhulu kunayo yonke—ukuthanda uNkulunkulu. Amazwi kaJesu ayebhekiswe kumaJuda kakade ayesezinikezele kuJehova njengesizwe. Noma kunjalo, umIsrayeli ngamunye kwakufanele akhethe ukuthi wayezokhonza uNkulunkulu wakhe ngomphefumulo wonke futhi amthande ngayo yonke inhliziyo.—Duteronomi 30:15, 16.
Ngokufanayo, ukukhetha okwenzayo kubonisa indlela ozizwa ngayo ngoNkulunkulu. Ngokwesibonelo, njengoba uya ukwazisa ukuthi iBhayibheli lizuzisa kangakanani, nawe kumelwe ukhethe. Uyozimisela yini ukuqala ukutadisha iBhayibheli ngendlela ehlelekile, unomgomo wokuba umlandeli kaJesu? Ngokuqinisekile, ukukhetha ukwenza lokho kuyokulethela injabulo, ngoba uJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.
Asazi ukuthi lo mbusi osemusha wazisola yini ngesinqumo sakhe. Nokho, siyayazi indlela umphostoli uPetru azizwa ngayo ngemva kokulandela uJesu Kristu iminyaka eminingi. Cishe ngo-64 C.E., njengoba ukufa kwakhe kwakusondela, uPetru wakhuthaza ayekholwa nabo: “Yenzani konke okusemandleni enu ukuba ekugcineni [uNkulunkulu] anithole ningenabala, ningenasici futhi nisekuthuleni.” (2 Petru 1:14; 3:14) Kusobala ukuthi uPetru akazange azisole ngokukhetha ayekwenze eminyakeni engu-30 ngaphambili, futhi wakhuthaza nabanye ukuba banamathele ekukhetheni ababekwenzile.
Ukulalela iseluleko sikaPetru kusho ukukhetha ukwamukela imithwalo yemfanelo yokuba omunye wabafundi bakaJesu nokugcina imiyalo kaNkulunkulu. (Luka 9:23; 1 Johane 5:3) Lokhu kungase kubonakale kunzima, kodwa sinalesi sithembiso sikaJesu esiqinisekisayo: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30.
Cabanga ngokuhlangenwe nakho kuka-Arthur. Lapho eneminyaka eyishumi ubudala, waqala ukufundela ukudlala ivayolini, enomgomo wokuba umdlali wevayolini okhokhelwayo. Ngenkathi eneminyaka engu-14, wayesedlala ivayolini emakhonsathini. Noma kunjalo, wayengajabule. Njalo uyise wayenemibuzo ngenjongo yokuphila futhi wayememela abafundisi benkolo emzini wakhe; kodwa, izimpendulo zabo zazingamgculisi neze. Njengomkhaya, babexoxa ngokuthi uNkulunkulu ukhona yini ngempela nangokuthi kungani evumela ububi. Uyise wabe eseqala ukuxoxa noFakazi BakaJehova. Leyo ngxoxo yamthinta inhliziyo, yaholela esifundweni seBhayibheli somkhaya wonke.
Ngokuhamba kwesikhathi, u-Arthur wasiqonda isizathu esingokomBhalo sokuvumela kukaNkulunkulu ukuhlupheka futhi wayiqonda ngokucacile injongo yokuphila. Ekanye namalungu amathathu omkhaya wakubo, u-Arthur wenza ukukhetha angazisoli ngakho. Wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova. Uthi: “Ngijabula kakhulu ngokuthi uJehova uye wangibusisa ngokwazi iqiniso nokuthi wangikhulula embangweni ovamile oba phakathi kwabaculi abakhokhelwayo. Abantu bangenza noma yini ukuze baphumelele.”
U-Arthur usakujabulela ukudlala ivayolini ukuze ajabulise abangane, kodwa ukuphila kwakhe akugxilile kuyo. Kunalokho, kugxile enkonzweni kaNkulunkulu. Ukhonza kwelinye lamahhhovisi egatsha oFakazi BakaJehova. Ngokungafani nombusi osemusha ocebile, kodwa njengo-Arthur nabanye abayizigidi, nawe ungenza ukukhetha okuyokulethela injabulo enkulu kakhulu—kokwamukela isimemo sikaJesu sokuba umlandeli wakhe.
[Isithombe ekhasini 6]
Isinqumo sakho singakuthinta kakhulu ukuphila kwabanye abantu
[Isithombe ekhasini 7]
Ingabe uzolitadisha iBhayibheli futhi ube umlandeli kaJesu?