Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 11/15 kk. 4-7
  • Ungaba Nokuphila Okunenjongo!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungaba Nokuphila Okunenjongo!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imali Nenjabulo Kunendima Yako
  • Ingabe Ukuzenzela Igama Kubalulekile?
  • Ukuphishekela Ukuba Ingcweti Noma Ukusiza Abanye Akwanele
  • Kumelwe Sanelise Isidingo Esazalwa Naso
  • Yini Eyigugu Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukuphishekela Injongo Yangempela Ekuphileni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ingabe ‘Ucebile KuNkulunkulu’?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”
    Incwajana Ethi “Bheka” (Lmn)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 11/15 kk. 4-7

Ungaba Nokuphila Okunenjongo!

ABANTU abaningi baphilela ukuthola imali nalokho okungathengwa ngayo. Abanye baphilela ukuzenzela igama ezweni. Abanye baphilela ukuba izingcweti ebucikweni babo. Kukhona nalabo abaphilela ukusiza abanye. Kodwa abaningi abazi ukuthi baphilelani noma ukuthi kungani belapha.

Kuthiwani ngawe? Ingabe wake wacabangisisa ngesizathu sokuba kwakho lapha? Kungani ungacabangi ngalokho okuphishekelwa abantu abathile ubone ukuthi kuyabalethela ngempela yini umuzwa wokufeza okuthile nokwaneliseka? Yini eyenza ukuphila kube nenjongo?

Imali Nenjabulo Kunendima Yako

KumShumayeli 7:12, iBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha kuyisivikelo njengoba nje nemali iyisivikelo; kodwa inzuzo yolwazi iwukuthi ukuhlakanipha kona kuyabalonda abaninikho.” Yebo, imali iwusizo. Uyayidinga imali ukuze uphile, ikakhulu uma unomthwalo wemfanelo wokondla umkhaya wakho.—1 Thimothewu 5:8.

Kungaba yini nje ukuphila ngaphandle kwezinye zezinjabulo ezitholakala ngemali? Nakuba uJesu Kristu, uMsunguli wobuKristu, avuma ukuthi wayengenandawo yokubeka ikhanda, ngezikhathi ezithile wayekujabulela ukudla okwehla esiphundu newayini elimnandi. Ngaphezu kwalokho, akazange akugweme ukugqoka ingubo ebizayo.—Mathewu 8:20; Johane 2:1-11; 19:23, 24.

Nokho, uJesu akazange aphilele ukuphishekela injabulo. Wayezazi izinto eziza kuqala. Wathi: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” Wabe eselandisa umfanekiso wendoda ethile eyayicebile eyathola isivuno esikhulu emasimini ayo futhi yazindla ngaphakathi: “Ngizokwenzenjani njengoba ngingasenandawo yokubuthela izilimo zami? . . . Ngizodiliza izinqolobane zami ngakhe ezinkulu kunazo, ngibuthele khona ukudla kwami nazo zonke izinto zami ezinhle; futhi ngizothi emphefumulweni wami: ‘Mphefumulo, unezinto eziningi ezinhle ezibekelelwe iminyaka eminingi; khululeka, udle, uphuze, uzijabulise.’” Yini eyayingalungile ngokucabanga kwale ndoda? UJesu waqhubeka nalo mfanekiso: “UNkulunkulu wathi [kuyo], ‘Muntu ongenangqondo, ngalobu busuku bayawufuna umphefumulo wakho kuwe. Khona-ke, ubani ozothola izinto ozibekelele?’” Ngisho noma le ndoda yayingazigcina izilimo zayo, lapho ifa yayingeke iyijabulele ingcebo eyayiyiqongelele. Ekuphetheni, watshela izilaleli zakhe lesi sifundo: “Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.”—Luka 12:13-21.

Yebo, siyayidinga imali ethile, futhi ukuzijabulisa kunendima okuyifezayo ekuphileni kwethu. Nokho, imali noma ukuzijabulisa akuyona into ebaluleke kunazo zonke ekuphileni. Ukuba ocebile kuNkulunkulu, okungukuthi, ukuphila ngendlela eyokwenza uthole umusa kaNkulunkulu, kuyinto ebaluleke kunazo zonke esingayiphishekela.

Ingabe Ukuzenzela Igama Kubalulekile?

Abantu abaningi baphilela ukuzenzela igama. Ukufisa ukuzenzela igama, ukhunjulwe abanye, akuyona into embi ngempela. IBhayibheli lithi: “Igama lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa komuntu.”—UmShumayeli 7:1.

Ngosuku lokufa, kuba sengathi umlando wakho konke ukuphila komuntu usuke usulotshiwe. Uma eye wenza izinto ezinhle, usuku lokufa kwakhe lungcono kakhulu kunosuku lokuzalwa kwakhe, kungakaziwa lutho ngaye.

Incwadi yeBhayibheli yomShumayeli yabhalwa yiNkosi uSolomoni. U-Absalomu, umfowabo omdala ngamzali munye, wafuna ukuzenzela igama. Nokho, amadodana akhe amathathu ayengagcina ngawo igama lakhe likhona ezizukulwaneni ngezizukulwane, kubonakala afa esemancane. Ngakho, wenzani u-Absalomu? ImiBhalo ithi: “U-Absalomu . . . wazimisela [insika], eseThafeni Eliphansi leNkosi, ngoba wathi: ‘Anginandodana ezogcina igama lami likhunjulwa.’ Ngakho waqamba leyo nsika ngegama lakhe.” (2 Samuweli 14:27; 18:18) Azikatholakali izinsalela zaleyo nsika. Abafundi beBhayibheli bazi u-Absalomu njengomvukeli onedumela elibi owakha uzungu lokuthatha isihlalo sobukhosi sikayise, uDavide.

Abaningi namuhla bazama ukukhunjulwa ngalokho abakufezayo. Bafuna udumo emehlweni abantu abaguquguquka njalo ezintweni abazithandayo. Nokho, kwenzekani kulolo dumo? Encwadini ethi The Culture of Narcissism, uChristopher Lasch uthi: “Esikhathini sethu, lapho impumelelo ihlotshaniswa kakhulu nokuzigcina ubukeka umusha, ukhanga futhi ungafani nabanye, udumo luyinto edlula ngokushesha kunanini ngaphambili, futhi labo abalutholayo bakhathazeka njalo ngokulahlekelwa yilo.” Ngenxa yalokho, osaziwayo abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa notshwala, ngokuvamile okunciphisa ukuphila kwabo. Ngempela, kuyize ukufuna udumo.

Ngakho, kufanele sizakhele kubani idumela elihle? Ekhuluma ngabathile ababegcina uMthetho wakhe, uJehova wathi ngomprofethi u-Isaya: “Ngiyobanika endlini yami nangaphakathi kwezindonga zami isikhumbuzo negama . . . Ngiyobanika igama kuze kube nini nanini, igama elingeke linqunywe.” (Isaya 56:4, 5) Ngenxa yokulalela kwabo uNkulunkulu, labo abamukelekayo kuye bayothola “isikhumbuzo negama.” UNkulunkulu uyowakhumbula amagama abo “kuze kube nini nanini,” bangabhujiswa. Yilelo gama iBhayibheli elisikhuthaza ukuba sizenzele lona—idumela elihle emehlweni kaJehova, uMdali wethu.

U-Isaya wayeprofetha ngesikhathi abantu abathembekile abayothola ngaso ukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni. “Ukuphila okuphakade” kulelo Pharadesi ‘kuwukuphila kwangempela’—ukuphila uNkulunkulu ayefuna ukuba abantu bakujabulele lapho ebadala. (1 Thimothewu 6:12, 19) Kunokuba siphile ukuphila okusheshe kuphele nokunganelisi, akufanele yini sizame ukufinyelela ukuphila okuphakade?

Ukuphishekela Ukuba Ingcweti Noma Ukusiza Abanye Akwanele

Izingcweti eziningi zinesifiso sokuthuthukisa umsebenzi wazo ukuze zifinyelele lokho ezikubheka njengokuphelela ebucikweni bazo. Ukuphila kwanamuhla kufushane kakhulu ukuba zikufeze lokho. Lapho eseminyakeni yawo-90, uHideo, ingcweti okukhulunywe ngayo esihlokweni esandulele, wazikhandla ukuze athuthukise amakhono akhe obungcweti. Ngisho noma ingcweti ingafinyelela izinga lapho seyanelisekile ngomsebenzi wayo, ngaleso sikhathi kungenzeka iyobe ingasakwazi ukwenza imisebenzi eminingi njengalapho isenamandla. Kodwa kuthiwani ukube yayingaphila phakade? Cabanga ngawo wonke amathuba okuthuthukisa ubuciko bayo eyayingaba nawo!

Yini engashiwo ngokuphishekela ukusiza abanye? Umuntu wenza into enhle uma ecabangela abampofu futhi esebenzisa anakho ukuze asize abahluphekayo. IBhayibheli lithi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Ukubonisa ukuthi uyayikhathalela inhlalakahle yabanye kunganelisa ngempela. Kodwa kungakanani umuntu oyedwa angakufeza ngisho noma esebenzisa ukuphila kwakhe konke ekwenzeni lokhu? Kulinganiselwe lokho thina bantu esingakwenza ekusizeni abanye abahluphekayo. Kungakhathaliseki ukuthi abantu baphana kangakanani kunesidingo esiyisisekelo abantu abaningi abangasinaki nesingakaze saneliswe ekuphileni kwabo. Isiphi leso sidingo?

Kumelwe Sanelise Isidingo Esazalwa Naso

ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wabhekisela esidingweni esiyisisekelo esizalwa naso lapho ethi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” (Mathewu 5:3) Ngakho, ngokweBhayibheli, injabulo yangempela ayitholakali ngokuphishekela ingcebo, udumo, ukufeza izinto zobungcweti noma ukusiza abampofu. Kunalokho, itholakala ngokwanelisa isidingo sethu esingokomoya—isidingo sokukhulekela uNkulunkulu.

Umphostoli uPawulu wakhuthaza labo ababengamazi uMdali ukuba bamfune. Wathi: “Ngomuntu oyedwa [uNkulunkulu] wenza zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba, wanquma izikhathi ezimisiwe nemikhawulo emisiwe yokuhlala kwabantu, ukuba zifune uNkulunkulu, uma zingamphumputha zimthole ngempela, nakuba, eqinisweni, engekude kulowo nalowo kithi. Ngoba ngaye siyaphila siyanyakaza futhi sikhona.”—IzEnzo 17:26-28.

Ukwanelisa isidingo sokukhulekela uNkulunkulu weqiniso kuyisihluthulelo sokuthola injabulo yangempela ekuphileni. Ukwanelisa isidingo sethu esingokomoya kusinika nethuba lokuthola “ukuphila kwangempela.” Cabanga ngesibonelo sikaTeresa, owaqopha umlando kuthelevishini ezweni lakubo lapho eba owesifazane wokuqala oNsundu waseMelika ongumdlali oqavile ochungechungeni lomdlalo wakhe uqobo othatha ihora lonke. Nokho, kungakabiphi wakushiya konke lokho. Isizathu? Wathi: “Ngiyaqiniseka ukuthi ukulalela iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu kuyindlela engcono kakhulu yokuphila.” UTeresa wayengafuni ukufaka ubuhlobo bakhe noNkulunkulu engozini ngokuba umdlali ochungechungeni lwethelevishini olukhazimulisa ubulili nobudlova. Wayeka ukuba umdlali kuthelevishini kodwa waqala ukuphila okwanelisa ngempela, ngoba waba ngumshumayeli wesikhathi esigcwele wezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ezama ukusiza abanye ukuba babe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu.

Mayelana nesinqumo sikaTeresa sokuyeka ukuba umdlali, owayengumngane wakhe wacashunwa ethi: “Ngaphatheka kabi ukumbona elahla lokho engangicabanga ukuthi wayenakho. Kodwa kusobala ukuthi wathola okuthile okubalulekile nokungcono.” Kamuva uTeresa washona engozini. Nokho, ngemva kokufa kwakhe, yena lo mngane wakhe wathi: “Wayejabule, futhi yilokho umuntu akufunayo ekuphileni. Bangaki kithi abangasho into efanayo?” Kulabo ababeka ubuhlobo babo noNkulunkulu kuqala ekuphileni kodwa baficwe ukufa, kunethemba elimangalisayo lovuko lapho sekubusa uMbuso.—Johane 5:28, 29.

UMdali unenjongo ngomhlaba nangesintu esihlala kuwo. Ufuna ukuba uyazi le njongo futhi ujabulele ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni. (IHubo 37:10, 11, 29) Manje yisikhathi sokufunda okwengeziwe ngoJehova, uMdali wamazulu nomhlaba, nangalokho akuhlosile ngawe. OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokujabulela ukukusiza ukuba uthole lolo lwazi. Sicela uthintane nabo, noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.

[Isithombe ekhasini 5]

Yini eyayingalungile ngokucabanga kwendoda ecebile yomfanekiso kaJesu?

[Isithombe ekhasini 7]

Ungakujabulela yini ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela