Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 4/15 kk. 21-25
  • Yini Eyenza Ukuphila Kwanelise?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Eyenza Ukuphila Kwanelise?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Ukulwela Ukufica Umoya’
  • Ingabe Ukuphishekela Injabulo Kuyosenza Sijabule?
  • Ingabe Izinto Ezibonakalayo Ziyosilethela Ukwaneliseka?
  • Hlobo Luni Lomsebenzi Oletha Ukwaneliseka Kwangempela?
  • “Thumela Isinkwa Sakho”
  • “Isibopho Esiphelele Somuntu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-21—UmShumayeli
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Ukuphila Kwakho—Iyini Injongo Yako?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 4/15 kk. 21-25

Yini Eyenza Ukuphila Kwanelise?

“Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe.” —UMSH. 12:13.

1, 2. Singazuza kanjani ngokucabangela incwadi yomShumayeli?

CABANGA ngomuntu obonakala enazo zonke izinto. Uyinkosi edumile, omunye wabantu abacebe kunabo bonke emhlabeni nohlakaniphe kunabo bonke esizukulwaneni sakhe. Nokho, naphezu kwazo zonke izinto azifinyelele, empeleni usazibuza, ‘Yini eyenza ukuphila kwanelise?’

2 Umuntu onjalo wake waba khona ngempela—eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule. Igama lakhe nguSolomoni, futhi encwadini yomShumayeli usichazela ngokufuna kwakhe ukwaneliseka. (UmSh. 1:13) Singafunda okuningi kokuhlangenwe nakho kwakhe. Yebo, ukuhlakanipha okusencwadini yomShumayeli kungasisiza sizibekele imigomo eyokwenza ukuphila kwethu kube nenjongo yangempela.

‘Ukulwela Ukufica Umoya’

3. Iliphi iqiniso elisangulukisayo ngokuphila kwabantu sonke okumelwe sibhekane nalo?

3 USolomoni usichazela ukuthi uNkulunkulu wadala izinto eziningi ezinhle emhlabeni—umthombo ongapheli nobabazekayo—eziyohlale zisithakazelisa futhi zisimangalisa. Nokho, asikwazi ngempela ukufunda konke ngendalo kaNkulunkulu ngoba ukuphila kwethu kufushane kakhulu. (UmSh. 3:11; 8:17) Njengoba iBhayibheli lisho, izinsuku zethu zimbalwa futhi zidlula ngokushesha. (Jobe 14:1, 2; UmSh. 6:12) Leli qiniso elisangulukisayo kufanele lisishukumisele ukuba sisebenzise ukuphila kwethu ngokuhlakanipha. Akulula lokhu kwazise ukuthi izwe likaSathane lingase lisiphambukise.

4. (a) Igama elithi “ize” lisho ukuthini? (b) Iziphi izinto abantu abaziphishekelayo ekuphileni esizoxoxa ngazo?

4 USolomoni usebenzisa igama elithi “ize” izikhathi ezingaba ngu-30 kumShumayeli ukuze agcizelele ingozi yokusebenzisa kabi ukuphila kwethu. Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “ize” libhekisela entweni engelutho, engenamsebenzi, engenanjongo, ewubala noma engenanzuzo ehlala njalo. (UmSh. 1:2, 3) Ngezinye izikhathi uSolomoni usebenzisa igama elithi “ize” ngomqondo ofanayo nenkulumo ethi ‘ukulwela ukufica umoya.’ (UmSh. 1:14; 2:11) Ngokusobala, wonke umzamo wokubamba umoya uyize. Noma ubani ozama ukwenza lokho wenza into engenambuyiselo. Ukuphishekela imigomo engahlakaniphile kuyokhungathekisa ngendlela efanayo. Ukuphila kulesi simiso kufushane kakhulu ukuba singakuchitha siphishekela izinto ezingazuzisi ngalutho. Ngakho, ukuze sigweme ukwenza lelo phutha, ake sihlole izibonelo ezimbalwa uSolomoni azinikeza zezinto abantu abavame ukuziphishekela ekuphileni. Okokuqala, sizoxoxa ngokuphishekela injabulo nezinto ezibonakalayo. Ngemva kwalokho, sizoxoxa ngokubaluleka kokusebenza.

Ingabe Ukuphishekela Injabulo Kuyosenza Sijabule?

5. USolomoni wakufunaphi ukwaneliseka?

5 Njengabantu abaningi namuhla, uSolomoni wazama ukuthola ukwaneliseka ngokuphishekela injabulo ekuphileni. Uthi: “Angizange ngiyigodlele inhliziyo yami noma yiluphi uhlobo lokuthokoza.” (UmSh. 2:10) Wayifunaphi injabulo? Ngokwesahluko sesibili sencwadi yomShumayeli, ‘wenamisa inyama yakhe ngewayini’—ngesikhathi esifanayo elondoloza ukuzithiba—futhi wenza imisebenzi enjengokwenza izingadi, ukuklama izigodlo, ukulalela umculo nokudla izibiliboco.

6. (a) Kungani kungekubi ukujabulela ezinye zezinto ezinhle ekuphileni? (b) Mayelana nokuzijabulisa, ikuphi ukulinganisela okudingekayo?

6 Ingabe iBhayibheli liyakulahla ukuba nesikhathi sokuzijabulisa nabangane? Lutho neze. Ngokwesibonelo, uSolomoni uthi ukujabulela ukudla lapho uphumule ngemva kokusebenza kanzima usuku lonke kuyisipho esivela kuNkulunkulu. (Funda umShumayeli 2:24; 3:12, 13.) Ngaphezu kwalokho, uJehova ngokwakhe ucela intsha ukuba ‘ijabule futhi inhliziyo yayo iyenzele okuhle’ ngendlela enengqondo. (UmSh. 11:9) Siyakudinga ukuphumula nokuzijabulisa okuhle. (Qhathanisa noMarku 6:31.) Nokho, ukuzijabulisa akufanele kube into eyinhloko ekuphileni kwethu. Kunalokho, kufanele kube njengokufaka ushukela emdokweni. Uzovuma ukuthi kungakhathaliseki ukuthi umuntu uzithanda kangakanani izinto ezinoshukela, uma efaka ushukela omningi emdokweni, ngeke awujabulele kanti ungamgulisa. Ngokufanayo, uSolomoni wathola ukuthi ukuphila okugxile enjabulweni ‘kwakuwukulwela ukufica umoya.’—UmSh. 2:10, 11.

7. Kungani kufanele sikhethe ngokucophelela ukuthi sizijabulisa ngani?

7 Ngaphezu kwalokho, akuzona zonke izinhlobo zokuzijabulisa ezinhle. Eziningi zazo ziyingozi kakhulu—ngokomoya nangokokuziphatha. Zingaki izigidi zabantu eziye zazifaka osizini ngenxa nje ‘yokufuna ukuba nesikhathi esimnandi,’ ngokusebenzisa kabi izidakamizwa, ukuzitika ngotshwala noma ngokugembula? Ngomusa, uJehova usixwayisa ngokuthi uma sivumela izinhliziyo noma amehlo ethu ukuba kusiholele ezintweni ezilimazayo, kumelwe sikulindele nokuvuna esikutshalile.—Gal. 6:7.

8. Kungani kuwukuhlakanipha ukuzindla ngokuphila kwethu?

8 Ngaphezu kwalokho, ukuphishekela injabulo ngokungalinganiseli kuyosithiya sehluleke ukuzinaka ngokufanele izinto ezibaluleke ngokwengeziwe. Khumbula, ukuphila kudlula ngokushesha futhi asikho isiqinisekiso sokuthi kulokhu kuphila kwethu okufushane siyohlale sinempilo enhle futhi singenazinkinga. Yingakho singase sizuze kakhulu ngokuya emngcwabeni—ikakhulu owomzalwane noma udade othembekile—kunokuya “endlini yokujabula” njengoba uSolomoni asho kamuva. (Funda umShumayeli 7:2, 4.) Kungani kunjalo? Lapho silalele inkulumo yomngcwabo futhi sicabanga ngokuphila kwenceku kaJehova ethembekile eshonile, singase sishukumiseleke ukuba sihlole okwethu ukuphila. Ngenxa yalokho, singaphetha ngokuthi sidinga ukulungisa imigomo yethu ukuze siyisebenzise ngokuhlakanipha iminyaka yethu esele.—UmSh. 12:1.

Ingabe Izinto Ezibonakalayo Ziyosilethela Ukwaneliseka?

9. Yini uSolomoni ayithola mayelana nokuba nengcebo?

9 Ngesikhathi uSolomoni eloba umShumayeli, wayengomunye wabantu abacebe kakhulu emhlabeni. (2 IziKr. 9:22) Wayekwazi ukuthola yonke into ayeyifuna. Wabhala: “Noma yini amehlo ami ayeyicela angizange ngiyidedisele kude nawo.” (UmSh. 2:10) Noma kunjalo, wathola ukuthi izinto ezibonakalayo ngokwazo azikulethi ukwaneliseka. Waphetha: “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo.”—UmSh. 5:10.

10. Yini eholela ekwanelisekeni nasengcebweni yangempela?

10 Naphezu kokuthi kuyadlula ukuba igugu kwezinto ezibonakalayo, ukuceba kusengakhanga kakhulu. Kwenye inhlolovo yamuva e-United States, amaphesenti angu-75 abo bonke abafundi basemayunivesithi abasonyakeni wabo wokuqala bathi umgomo oyinhloko ekuphileni kwabo ‘kuwukuba bacebe.’ Ake sithi bayawufinyelela, ingabe bayojabula ngempela? Akunjalo ngempela. Abacwaningi baye baphawula ukuthi empeleni, ukuqokomisa kakhulu izinto ezibonakalayo kuyisithiyo ekutholeni injabulo nokwaneliseka. USolomoni wasifinyelela kudala leso siphetho. Wabhala: “Ngaziqongelelela nesiliva negolide, nempahla engeyamakhosi kuphela . . . Futhi, bheka! konke kwakuyize nokulwela ukufica umoya.”a (UmSh. 2:8, 11) Ngokuhlukile, uma sisebenzisa ukuphila kwethu ukuze sikhonze uJehova ngenhliziyo yonke futhi kanjalo sithole isibusiso sakhe, siyothola ingcebo yangempela.—Funda izAga 10:22.

Hlobo Luni Lomsebenzi Oletha Ukwaneliseka Kwangempela?

11. ImiBhalo ibonisani ngokubaluleka komsebenzi?

11 UJesu wathi: “UBaba ulokhu esebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” (Joh. 5:17) Akungabazeki ukuthi uJehova noJesu bathola ukwaneliseka ngokusebenza. IBhayibheli libonisa ukwaneliseka uJehova aba nakho ngezinto azidala lapho lithi: “UNkulunkulu wabona konke ayekwenzile, bheka! kwakukuhle kakhulu.” (Gen. 1:31) Izingelosi ‘zaqala ukumemeza zihalalisa’ lapho zibona konke lokho uNkulunkulu ayekwenzile. (Jobe 38:4-7) Ngokufanayo, uSolomoni wakuqaphela ukubaluleka komsebenzi onenjongo.—UmSh. 3:13.

12, 13. (a) Yini eshiwo abantu ababili ngokwaneliseka abakuthola ngokusebenza ngobuqotho? (b) Kungani umsebenzi wokuziphilisa ungakhungathekisa ngezinye izikhathi?

12 Abantu abaningi bayakuqonda ukubaluleka kokusebenza ngobuqotho. Ngokwesibonelo, uJosé, umdwebi ophumelelayo, uthi, “Lapho uphumelela ukudweba isithombe osicabangayo, uzizwa sengathi ufinyelele esiqongweni sentaba ephakeme.” UMiguel,b ongusomabhizinisi, uthi: “Umsebenzi ukulethela ukwaneliseka ngoba ukwenza ukwazi ukondla umkhaya wakho. Ungakunikeza nomuzwa wokuthi ufeze okuthile.”

13 Ngakolunye uhlangothi, imisebenzi eminingi ayithakazelisi futhi inamathuba amancane okuba umuntu aveze amakhono anawo. Ngezinye izikhathi indawo osebenza kuyo iba umthombo wokukhungatheka futhi ophathwa kuyo ngisho nangendlela engenabulungisa. Njengoba uSolomoni ebonisa, umuntu oyivila angase anikezwe umvuzo wesisebenzi esikhuthele ngenxa yokuthi ujwayelene nabantu abasezikhundleni. (UmSh. 2:21) Kukhona nezinye izici ezingaholela ekudumazekeni. Lokho okuqala njengethuba lebhizinisi elithembisayo kungase kubhuntshe ngenxa yokuwa kwezomnotho noma ezinye izenzakalo ezingalindelekile. (Funda umShumayeli 9:11.) Ezikhathini eziningi umuntu osebenza kanzima ukuze aphumelele ugcina ephatheke kabi futhi ekhungathekile lapho eqaphela ukuthi ubelokhu “esebenzela umoya kanzima.”—UmSh. 5:16.

14. Imuphi umsebenzi ohlale uletha ukwaneliseka kwangempela?

14 Ukhona yini umsebenzi ongadumazi nakanye? UJosé, umdwebi okukhulunywe ngaye ngenhla, uyaphawula: “Ngokuhamba kwesikhathi, imidwebo ingase ilahleke noma yonakale. Akunjalo ngezinto ezingokomoya esizenzayo. Ngokulalela uJehova ngishumayele izindaba ezinhle, ngiye ngasiza ekwakheni okuthile okuhlala njalo—amaKristu amahle esaba uNkulunkulu. Lokhu kuyigugu elingenakuqhathaniswa.” (1 Kor. 3:9-11) Ngokufanayo, uMiguel uthi ukushumayela isigijimi soMbuso kumlethela ukwaneliseka ngaphezu komsebenzi wakhe wokuziphilisa. Uthi: “Akukho lutho olungathatha isikhundla senjabulo oyitholayo lapho uhlanganyela iqiniso elingokomBhalo nomuntu futhi ubona ukuthi liyithintile inhliziyo yakhe.”

“Thumela Isinkwa Sakho”

15. Yini eyenza ukuphila kwanelise ngempela?

15 Ekuphetheni, yini ngempela eyenza ukuphila kwanelise? Sithola ukwaneliseka kwangempela uma sisebenzisa ukuphila kwethu okufushane kulesi simiso sezinto ukuze senze okuhle futhi sithokozise uJehova. Singakha ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu, singadlulisela izimiso ezingokomoya ezinganeni zethu, singasiza abanye ukuba bazi uJehova futhi singakha ubungane obuhlala njalo nabafowethu nodadewethu. (Gal. 6:10) Zonke lezi zinto zinenzuzo ehlala njalo futhi zibalethela izibusiso labo abazifinyelelayo. USolomoni wasebenzisa isiqhathaniso esithakazelisa kakhulu ukuze achaze inzuzo yokwenza okuhle. Wathi: “Thumela isinkwa sakho ebusweni bamanzi, ngoba uyophinde futhi usithole ngokuhamba kwezinsuku eziningi.” (UmSh. 11:1) UJesu wakhuthaza abafundi bakhe: “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha.” (Luka 6:38) Ngaphezu kwalokho, uJehova ngokwakhe uthembisa ukuvuza labo abenza okuhle kwabanye.—IzAga 19:17; funda amaHebheru 6:10.

16. Sinini isikhathi esifanelekayo sokuhlela inkambo esiyoyilandela ekuphileni?

16 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile lapho sisebancane mayelana nendlela esiyokusebenzisa ngayo ukuphila kwethu. Ngaleyo ndlela, siyogwema ukukhungatheka lapho sesikhulile. (UmSh. 12:1) Yeka ukuthi kungaba okudabukisa kanjani ukuyisebenzisa kabi iminyaka engcono kakhulu yokuphila kwethu, sijaha izinto zaleli zwe ezikhangayo, bese sithola kamuva ukuthi ziwubala njengomoya!

17. Yini eyokusiza ukuba ukhethe indlela engcono kakhulu yokuphila?

17 Njenganoma imuphi ubaba onothando, uJehova ufuna ukuba ujabulele ukuphila, wenze okuhle futhi ugweme ubuhlungu benhliziyo obungadingekile. (UmSh. 11:9, 10) Yini eyokusiza ukuba wenze lokho? Zibekele imigomo engokomoya bese uzikhandla ukuze uyifinyelele. Eminyakeni engaba ngu-20 edlule, uJavier kwadingeka akhethe phakathi komsebenzi wobudokotela owawuzomlethela imali eningi nenkonzo yesikhathi esigcwele. Uthi: “Nakuba umsebenzi wokuba udokotela ungaba owanelisayo, akukho lutho olungaqhathaniswa nenjabulo engayithola lapho ngisiza abantu abaningana ukuba bazi iqiniso. Inkonzo yesikhathi esigcwele ingenze ngakwazi ukujabulela ukuphila ngokugcwele. Ngizisola kuphela ngokuthi angisheshanga ukuyiqala.”

18. Kungani ukuphila kukaJesu emhlabeni kwaba okwanelisa kangaka?

18 Iyiphi-ke into eyigugu kakhulu okufanele silwele ukuba nayo? Incwadi yomShumayeli ithi: “Igama lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa komuntu.” (UmSh. 7:1) Ukuphila kukaJesu kukubonisa kangcono kakhulu lokhu. Ngokuqinisekile wazenzela igama elihle kakhulu noJehova. Lapho uJesu efa ethembekile, walwela ubukhosi bukaYise futhi walungiselela umhlatshelo wesihlengo, owasivulela indlela yokusindiswa. (Math. 20:28) Phakathi nesikhathi sakhe esifushane emhlabeni, uJesu wabeka isibonelo esiphelele—esilwela ukusilingisa—sokuphila ukuphila okwanelisa ngempela.—1 Kor. 11:1; 1 Pet. 2:21.

19. Isiphi iseluleko esihlakaniphile esanikezwa uSolomoni?

19 Nathi singazakhela igama elihle noNkulunkulu. Ukuba nedumela elihle emehlweni kaJehova kubaluleke kakhulu kithi ngaphezu kokuba nengcebo. (Funda uMathewu 6:19-21.) Nsuku zonke, singathola izindlela zokwenza izinto ezinhle emehlweni kaJehova futhi lokho kuyocebisa ukuphila kwethu. Ngokwesibonelo, singahlanganyela izindaba ezinhle nabanye, siqinise imishado nemikhaya yethu futhi sijulise ingokomoya lethu ngesifundo somuntu siqu nangokuba khona emihlanganweni. (UmSh. 11:6; Heb. 13:16) Khona-ke, uyafuna yini ukuphila ukuphila okwanelisa ngempela? Uma kunjalo, qhubeka usebenzisa iseluleko sikaSolomoni: “Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.”—UmSh. 12:13.

[Imibhalo yaphansi]

a Ngonyaka, uSolomoni wayethola amathalenta egolide angu-666 (amakhilogremu angaphezu kwangu-22 000).—2 IziKr. 9:13.

b Igama lishintshiwe.

Ungaphendula Kanjani?

• Yini okufanele isishukumisele ukuba sicabangisise ngemigomo yethu ekuphileni?

• Kufanele sikubheke kanjani ukuphishekela injabulo nezinto ezibonakalayo?

• Hlobo luni lomsebenzi oyoletha ukwaneliseka okuhlala njalo?

• Iyiphi into eyigugu okufanele silwele ukuba nayo?

[Isithombe ekhasini 23]

Ukuzijabulisa kufanele kube nayiphi indawo ekuphileni kwethu?

[Isithombe ekhasini 24]

Yini eyenza umsebenzi wokushumayela wanelise kakhulu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela