Bahlala Bodwa Kodwa Asibakhohliwe
UMPHOSTOLI UPAWULU wayala amaKristu akanye nawo: “Masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Gal. 6:10) Nanamuhla sisasilalela leso siqondiso esiphefumulelwe futhi sifune izindlela zokwenza okuhle kwesikholwa nabo. Abafowethu nodadewethu abathandekayo asebekhulile abahlala emakhaya asebekhulile baphakathi kwalabo okudingeka ibandla lobuKristu libanakekele ngothando futhi bayakufanelekela lokho.
Yiqiniso, kwamanye amazwe kuyisiko ukuba umkhaya uhlale nabazali bawo asebekhulile ekhaya. Nokho, kwamanye amazwe ngokuvamile iningi lasebekhulile linakekelwa emakhaya asebekhulile. Kuthiwani ngamaKristu asekhulile ahlala kula makhaya? Iziphi izinselele abhekana nazo? Angabhekana kanjani ngokuphumelelayo nalesi simo uma amalungu omkhaya engawasekeli? Ibandla lobuKristu lingawasiza kanjani? Yiziphi izindlela esizuza ngazo lapho siwavakashela njalo?
Izinselele Abhekana Nazo Emakhaya Asebekhulile
Lapho amaKristu asekhulile ethuthela ekhaya lasebekhulile, angase azithole esensimini yebandla angalijwayele. Ngenxa yalokho, oFakazi bakuleyo ndawo bangase bangakucabangi ukuwavakashela njalo. Ngaphezu kwalokho, cishe ahlala nabantu abanezinkolelo ezihlukahlukene. Lokho kungase kushiye abafowethu asebekhulile besesimweni esinzima.
Ngokwesibonelo, kwezinye izindawo la makhaya ahlela ukuba kube nezinkonzo zamasonto eziqhutshwa ngaphakathi. Omunye wabanakekela asebekhulile wathi: “Abanye oFakazi asebekhulile abangasakwazi ukukhuluma kahle baye baqhutshwa ngezihlalo zabakhubazekile bayiswa ezinkonzweni zesonto bengabuzwanga ukuthi bangakujabulela yini.” Ngaphezu kwalokho, izisebenzi zakula makhaya zivame ukusebenzisa izinsuku zokuzalwa, uKhisimusi, noma ama-Easter ukuze zenze ukuphila kwabahlala kuwo kuthakazelise. Abanye oFakazi kula makhaya baye banikezwa nokudla unembeza wabo owawungeke ubavumele ukuba bakudle. (IzE. 15:29) Uma sibavakashela njalo abafowethu nodadewethu asebekhulile, siyokwazi ukubasiza ukuba babhekane ngokuphumelelayo nezinselele ezinjalo.
Ukusekelwa Yibandla
AmaKristu okuqala ayewuphaphamela umthwalo wawo wemfanelo wokunakekela asebekhulile lapho bengenayo imikhaya ebasekelayo. (1 Thim. 5:9) Ngokufanayo, ababonisi namuhla bahlala bephapheme ukuze baqinisekise ukuthi asebekhulile abahlala emakhaya asebekhulile asensimini yabo bayanakekelwa.a URobert, ongumdala, uyaphawula: “Kungaba kuhle uma ababonisi abangamaKristu bengabavakashela ngokwabo asebekhulile ukuze babone ukuthi bahlezi kanjani futhi bathandaze nabo. Kuningi ibandla elingakwenza ekubanakekeleni.” Uma sizinika isikhathi sokuvakashela asebekhulile, sibonisa ukuthi siyaqonda ukuthi kubaluleke kangakanani emehlweni kaJehova ukunakekela labo abadinga usizo.—Jak. 1:27.
Lapho kunesidingo, abadala bahlela ngokuzithandela indlela abangasizwa ngayo abafowethu nodadewethu abasemakhaya asebekhulile asensimini yabo. URobert uphawula esinye salezo zidingo, “Kufanele sikhuthaze abafowethu nodade asebekhulile ukuba baye emihlanganweni yobuKristu uma bekwazi ukwenza kanjalo.” Nokho, abadala bangabenzela amanye amalungiselelo labo abangasakwazi ukuya eHholo LoMbuso. UJacqueline, osevile eminyakeni engu-80 futhi ophethwe i-osteoarthritis, (isifo sokuqaqamba kwamathambo) ulalela imihlangano ngocingo. Uthi: “Ngizuza kakhulu lapho ngilalele imihlangano ngenkathi iqhubeka. Ngeke ngivumele lutho ukuba lungenze ngiphuthelwe yiyo!”
Uma umKristu osekhulile engeke akwazi ukulalela imihlangano ngocingo, abadala bangahlela ukuba iqoshwe. Umuntu ohambisa okuqoshiwe kumzalwane noma kudade osekhaya lasebekhulile angasebenzisa lelo thuba ukuba axoxe naye futhi amkhuthaze. Omunye umbonisi uthi: “Ukuxoxela abafowethu nodade asebekhulile izindaba eziphathelene namalungu ebandla lendawo kubenza bazizwe beseyingxenye yomkhaya wethu ongokomoya.”
Xhumanani Nabo Njalo
Kuyaqondakala ukuthi iningi lasebekhulile likuthola kucindezela futhi kukhungathekisa ukuthuthela kula makhaya. Ngenxa yalokho abanye bathambekele ekubeni onkom ’idla yodwa. Nokho, uma sivakashela abafowethu nodadewethu lapho nje beqeda ukufika futhi sibasekele ngokuqhubekayo, siyobasiza kakhulu ukuba baphinde bathole ukuthula kwangaphakathi nenjabulo ethile.—IzAga 17:22.
Uma abafowethu noma odadewethu sebenezingqondo ezithatha kade noma bengasezwa kahle noma benezinye izinkinga ezenza kube nzima ukukhuluma nabo, abanye bangase baphethe ngokuthi akusizi ukubavakashela. Nokho, imizamo yethu yokuqhubeka sibavakashela kungakhathaliseki ukuthi kunzima kangakanani ukuxoxa nabo, ibonisa ukuthi siyaqhubeka ‘sihola ekuboniseni udumo’ kwesikholwa nabo. (Roma 12:10) Uma osekhulile eseqala ukuba nenkinga yokukhohlwa, singamkhuthaza ukuba alandise okuhlangenwe nakho kwakudala—ngisho nokwasebuntwaneni—noma asitshele indlela alithola ngayo iqiniso leBhayibheli. Yini esingayenza uma amagama afuna ukuwasho engafiki ngokushesha? Mlalele ngesineke, futhi uma kufaneleka, yisho amagama amabili noma amathathu okungenzeka ufuna ukuwasho, noma ukubeke ngamafuphi akushoyo bese umkhuthaza ukuba aqhubeke. Uma edidekile noma enenkinga yokukhuluma futhi kunzima ukuqonda akushoyo, singazama ukuthola akushoyo ngokunakisisa indlela akhuluma ngayo.
Uma engasakwazi nhlobo ukukhuluma, kungasetshenziswa ezinye izindlela. ULaurence oyiphayona uvakashela njalo udade othile oneminyaka engu-80 ogama lakhe linguMadeleine, ongasakwazi ukukhuluma. ULaurence uchaza indlela axoxa ngayo naye: “Ngibamba isandla sikaMadeleine lapho sithandaza. Yena ube esesiqinisa kancane isandla sami acwayize ebonisa ukuthi uyazazisa lezi zikhathi eziyigugu.” Ukubamba isandla sabangane bethu asebekhulile noma ukubanga ngothando ngempela kungabaqinisekisa kakhulu ngokuthi sisabathanda.
Ukuba Khona Kwakho Kubalulekile
Ukubavakashela njalo asebekhulile kungaba nomthelela endleleni abaphathwa ngayo. UDanièle, osekuyiminyaka engaba ngu-20 evakashela abanye oFakazi emakhaya asebekhulile, uthi, “Lapho izisebenzi zasekhaya lasebekhulile ziqaphela ukuthi umuntu uvakashelwa njalo, zimnikeza impatho engconywana.” URobert, ocashunwe ngenhla, uthi: “Izisebenzi zasekhaya lasebekhulile zithambekele kakhulu ekumlaleleni umuntu omvakashela njalo osekhulile. Zingase zingabonisi inhlonipho efanayo ngomuntu oqabukela evakashile.” Njengoba abahlengikazi bevame ukusebenzelana nemikhaya enganeliseki, bayawazisa amazwi okubonga ashiwo izivakashi. Ngaphezu kwalokho, uma siba nobuhlobo obuhle nabo, bangase bathambekele kakhulu ekuhlonipheni izimiso nezinkolelo zesiguli esinguFakazi osekhulile abasinakekelayo.
Singahlakulela ubuhlobo obuhle nalezi zisebenzi nangokucela ukusiza ngemisetshenzana ethile. Kwezinye izindawo, ukuntuleka kwezisebenzi eziqeqeshiwe okuhlale kukhona kunciphisa izinga lokunakekelwa kwasebekhulile. URébecca, ongumhlengikazi, uyatusa: “Siba matasa kakhulu ngezikhathi zokudla. Ngakho, lezi zingaba izikhathi ezinhle zokuvakashela umngane futhi umsize ukuba adle.” Akufanele sinqikaze ukubuza izisebenzi ukuthi singasiza kanjani.
Lapho sivakasha njalo kulelo khaya lasebekhulile, siyokwazi ukubona ukuthi umfowethu noma udadewethu udingani, futhi singathatha isinyathelo kuqala sokumtholela lezo zinto ngemva kokuthola imvume yezisebenzi zakhona. Ngokwesibonelo, singase sikwazi ukwenza igumbi losekhulile libe elimthokozisayo ngokumphathela izithombe zabantu abathandayo noma imidwebo eyenziwe izingane. Sicabanga ngokumenza athokomale, singamlethela i-gown yokulala efudumele noma izinto zokugeza ezimbalwa. Uma kulelo khaya kunengadi, singaya naye yini kuyo lowo mngane wethu ukuze ayoshaywa umoya? ULaurence, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “UMadeleine uhlale ekulangazelela ukuvakasha kwami masonto onke. Lapho ngiza nezingane, uvele amomotheke namehlo abe nenhlansi!” Ukwenza izinto ezinjengalezi singaceliwe kungabazuzisa kakhulu abahlala kula makhaya.—IzAga 3:27.
Niyazuza Nonke
Ukumvakashela njalo osekhulile kungabuvivinya “ubuqotho bothando [lwethu].” (2 Kor. 8:8) Ngayiphi indlela? Kungaba into ebuhlungu ukubona umuntu esimthandayo eqhubeka ewohloka. ULaurence uyavuma: “Ekuqaleni, ukuwohloka kukaMadeleine kwangithinta kakhulu kangangokuthi ngangikhala njalo ngemva kokumvakashela. Kodwa ngafunda ukuthi ukuthandaza ngobuqotho kungasisiza sinqobe ukwesaba futhi sibe abakhuthaza ngokwengeziwe.” Sekuyiminyaka uRobert evakashela umzalwane ogama lakhe linguLarry ophethwe i-Parkinson’s (isifo sasebekhulile esihlasela isimiso sezinzwa). Uthi: “Lesi sifo sesimxine kakhulu uLarry kangangokuthi angisezwa lutho kulokho akushoyo. Kodwa lapho ngithandaza naye, ngisaluzwa ukholo lwakhe.”
Lapho sivakashela asebekhulile esikholwa nabo, sisuke singasizi bona kuphela kodwa nathi siyazuza. Ukuzimisela kwabo ukunamathela kuJehova kuyilapho behlala nabantu abanezinkolelo ezihlukile kusifundisa ukuba sibe nokholo nesibindi. Ukulangazelela kwabo ukudla okungokomoya naphezu kokungezwa nokungaboni kahle kugcizelela iqiniso lokuthi “umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Math. 4:4) Ngokujabulela kwabo izinto ezincane, njengokumomotheka kwengane noma ukudla nabo, basikhumbuza ukuba saneliswe yilokho esinakho. Ukuthanda kwabo izinto ezingokomoya kungasisiza ukuba sizihlele kahle izinto eziza kuqala.
Ngempela, lonke ibandla liyazuza lapho sisekela asebekhulile. Kanjani? Njengoba labo ababuthakathaka emzimbeni beludinga kakhulu uthando lobuzalwane, banikeza ibandla amathuba okubonisa ububele ngokwengeziwe. Ngakho-ke, ngisho noma ukunakekela asebekhulile kungathatha isikhathi eside, sonke kufanele sikubheke njengengxenye yokukhonzana. (1 Pet. 4:10, 11) Uma abadala behola kulo msebenzi, bayosiza amanye amalungu ebandla abone ukuthi lesi sici somsebenzi wethu wobuKristu akufanele nanini sidebeselelwe. (Hez. 34:15, 16) Ngokusekela amaKristu esikanye nawo asekhulile ngothando nangokuzithandela, siwenza aqiniseke ukuthi asiwakhohliwe!
[Umbhalo waphansi]
a Lapho nje unobhala webandla esazi ukuthi umzalwane noma udade othile ebandleni uthuthele ekhaya lasebekhulile elikwenye indawo, kuyoba isenzo esiwusizo nesothando ukwazisa ngokushesha abadala bebandla lakuleyo ndawo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 28]
“Lapho izisebenzi zasekhaya lasebekhulile ziqaphela ukuthi umuntu uvakashelwa njalo, zimnikeza impatho engconywana”
[Isithombe ekhasini 26]
Imithandazo yethu esuka enhliziyweni ingasiza uFakazi osekhulile ukuba aphinde abe nokuthula kwangaphakathi
[Isithombe ekhasini 26]
Ukubonisa asebekhulile esikholwa nabo uthando kuyobaqinisa