Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 5/1 kk. 6-7
  • Amandla KaNkulunkulu Embulwe Ezinkanyezini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amandla KaNkulunkulu Embulwe Ezinkanyezini
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela UNkulunkulu Awasebenzisa Ngayo Amandla Akhe
  • Wena Uthinteka Kanjani?
  • Ukuthola Umthombo Wawo Onke Amandla
    I-Phaphama!—2005
  • Ilanga Lethu Eliyingqayizivele
    I-Phaphama!—2001
  • UJehova—Lowo Onobungqabavu Ngamandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Amandla Okudala—“Umenzi Wezulu Nomhlaba”
    Sondela KuJehova
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 5/1 kk. 6-7

Amandla KaNkulunkulu Embulwe Ezinkanyezini

“Phakamiselani amehlo enu phezulu nibone. Ngubani odale lezi zinto? YiLowo okhipha ibutho lazo ngisho nangesibalo, zonke azibize ngisho nangamagama. Ngenxa yobuningi bamandla ashukumisayo, kwazise futhi unamandla amakhulu, ayikho neyodwa kuzo entulekayo.”—ISAYA 40:26.

ILANGA lethu liyinkanyezi nje enobukhulu obuvamile. Noma kunjalo, isisindo salo sikhulu ngokuphindwe izikhathi ezingu-330 000 kunesomhlaba. Iningi lezinkanyezi eziseduze lincane kunelanga. Kodwa ezinye izinkanyezi, njengaleyo okuthiwa i-V382 Cygni, zinesisindo esiphindwe okungenani izikhathi ezingu-27 kuneselanga.

Ilanga lethu likhipha amandla angakanani? Cabanga nje ukuthi umlilo bekuyodingeka ushise kangakanani ukuze uwuzwe uqhele ngamakhilomitha ayishumi. Ngokwesilinganiso, ilanga lingamakhilomitha ayizigidi ezingu-150 ukusuka emhlabeni. Kodwa, uma libalele, ukushisa kwalo kushisa isikhumba! Okumangalisayo ukuthi cishe ingxenye eyodwa kuphela kweziyizigidi eziyinkulungwane zamandla elanga efinyelela emhlabeni. Noma kunjalo, le ngxenyana encane yamandla elanga yanele ukuze isekele ukuphila emhlabeni.

Empeleni, ososayensi balinganisela ukuthi amandla aphelele elanga lethu lilodwa anele ukusekela onozungezilanga abangaba yizigidi zezigidi ezingu-31 abanjengomhlaba. Noma uma ilinganisa ubukhulu bala mandla ngenye indlela, ingosi ye-Internet ye-Space Weather Prediction Center (SWPC) ithi: Ukube wonke amandla elanga abengaqoqelwa ndawonye umzuzwana nje owodwa, abeyonikeza elase-United States “ugesi owanele iminyaka engu-9 000 000 ezayo, lisebenzisa ugesi ngezinga eliwusebenzisa ngalo manje.”

Amandla elanga aphuma ebuthunjini balo—obuphehla amandla enuzi ngokuhlakaza ama-athomu abese ekhipha amandla amakhulu. Ilanga likhulu futhi ubuthumbu balo bubanzi kangangokuba kuthatha izigidi zeminyaka ukuba amandla aphuma kubo afinyelele ngaphandle. Ingosi ye-Internet ye-SWPC ithi: “Ukube iLanga belingayeka ukukhipha amandla namuhla, bekuyothatha iminyaka engu-50 000 000 ukuba kube nemiphumela ephawulekayo eMhlabeni!”

Manje cabangela leli qiniso: Lapho uphakamisa amehlo ebusuku obucwathile, ubona izinkulungwane zezinkanyezi ezinjengelanga lethu, ngayinye ekhipha amandla amakhulu. Ososayensi balinganisela ukuthi kunezigidigidi zezinkanyezi endaweni yonke!

Zavelaphi zonke lezi zinkanyezi? Abacwaningi abaningi sebekholelwa ukuthi ngenxa yezizathu abangakaziqondi, indawo yonke yamane yaba khona eminyakeni eyizigidi eziyizinkulungwane ezingu-14 edlule. IBhayibheli limane nje lithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Ngokungangabazeki, Lowo owadala imishini ekhipha amandla amakhulu esiyibiza ngezinkanyezi angachazwa ngokuthi “unamandla amakhulu.”—Isaya 40:26.

Indlela UNkulunkulu Awasebenzisa Ngayo Amandla Akhe

UJehova uNkulunkulu usebenzisa amandla akhe ukuze asekele labo abenza intando yakhe. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wazikhandla ekufundiseni abanye ngoNkulunkulu. UPawulu wayengeyena umuntu onamandla angaphezu kwawemvelo, kodwa wakwazi ukufeza okuningi okuhle nakuba ayephikiswa. Kanjani? Wavuma ukuthi wayethola “amandla angaphezu kwavamile” kuNkulunkulu.—2 Korinte 4:7-9.

UJehova uNkulunkulu ubuye abe namandla okubhubhisa labo abaphula izimiso zakhe zokuziphatha ngamabomu. UJesu Kristu wakhuluma ngokubhujiswa kweSodoma neGomora neSikhukhula sosuku lukaNowa njengezibonelo zendlela uJehova akhetha ngayo ukusebenzisa amandla okubhubhisa. UJesu waprofetha ukuthi maduze uJehova uzophinde asebenzise amandla akhe ukuze abhubhise labo abangazinaki izindinganiso zaKhe.—Mathewu 24:3, 37-39; Luka 17:26-30.

Wena Uthinteka Kanjani?

Ngemva kokuzindla ngamandla kaNkulunkulu abonakala ezinkanyezini, ungase uzizwe njengeNkosi uDavide, eyathi: “Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yeminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okulungiselele, uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu wasemhlabeni ukuba uyinakekele?”—IHubo 8:3, 4.

Yebo, kusenza sithobeke ukuqaphela indlela esibonakala singelutho ngayo uma siqhathaniswa nobukhulu bendawo yonke. Kodwa, akudingeki ukuba sizizwe singelutho ngenxa yamandla kaNkulunkulu. UJehova waphefumulela umprofethi u-Isaya ukuba abhale la mazwi aqinisekisayo: “[UNkulunkulu] unika okhatheleyo amandla; kongenamandla ashukumisayo wenza kuvame amandla aphelele. Abafana bayokhathala futhi baphelelwe amandla, nezinsizwa uqobo ziyokhubeka nakanjani, kodwa labo abathemba uJehova bayothola amandla kabusha. Bayokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi. Bayogijima bangaphelelwa amandla; bayohamba bangakhathali.”—Isaya 40:29-31.

Uma ufisa ukwenza intando kaNkulunkulu, ungaqiniseka ngokuthi uyokunika umoya wakhe ongcwele ukuze akusekele. Kodwa kumelwe uwucele. (Luka 11:13) Ngosizo lukaNkulunkulu, ungakhuthazelela noma ikuphi ukuvivinywa futhi uthole amandla okwenza okulungile.—Filipi 4:13.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

Ngosizo lukaNkulunkulu, ungakhuthazelela noma ikuphi ukuvivinywa futhi uthole amandla okwenza okulungile

[Izithombe ekhasini 7]

Kusuka phezulu kwesokunxele kuya kwesokudla: Umthala i-Whirlpool, iqoqo lezinkanyezi i-Pleiades, i-Orion Nebula, umthala i-Andromeda

[Izithombe ekhasini 7]

Isisindo selanga sikhulu ngokuphindwe izikhathi ezingu-330 000 kunesomhlaba

[Imithombo Yezithombe ekhasini 7]

Pleiades: NASA, ESA and AURA/Caltech; all others above: National Optical Astronomy Observatories

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela