Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe Izinhlekelele Zemvelo Ziyisijeziso SikaNkulunkulu?
UNkulunkulu akazisebenzisi izinhlekelele zemvelo ukuze ajezise abantu abangenacala. Akakaze, futhi akasoze akwenza lokho. Ngani? Ngenxa yokuthi iBhayibheli kweyoku-1 Johane 4:8 lithi, “uNkulunkulu uluthando.”
Uthando luwumthombo wezenzo zikaNkulunkulu. Uthando alubazwisi ubuhlungu abangenacala, ngoba iBhayibheli lithi “uthando alwenzi okubi kumakhelwane womuntu.” (Roma 13:10) KuJobe 34:12, iBhayibheli lithi: “Ngokuqinisekile, uNkulunkulu akenzi ngokukhohlakala.”
Yiqiniso, iBhayibheli labikezela ukuthi ezinsukwini zethu kwakuyoba nezinhlekelele, ‘ezinjengokuzamazama okukhulu komhlaba.’ (Luka 21:11) UJehova akanacala ngomonakalo eziwubangelayo njengoba nje nombikezeli wesimo sezulu engenecala ngomonakala obangelwa yisiphepho asibikezele. Uma kungeyena uNkulunkulu obangela ukuhlupheka kwabantu lapho kuba nezinhlekelele zemvelo, khona-ke iyini imbangela?
IBhayibheli lembula ukuthi “lonke izwe lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Ubelokhu engumbulali wabantu kusukela enkathini ahlubuka ngayo ekuqaleni komlando wesintu kuze kube sosukwini lwethu. (Johane 8:44) USathane ukubheka njengento eyize ukuphila komuntu. Ulawulwa isifiso sobugovu, ngakho akumangalisi ukuthi usungule isimiso somhlaba wonke esichumayo ngenxa yobugovu. Isimiso sezwe sanamuhla sikhuthaza ukuxhashazwa kwabantu kangangokuthi abantu abaningi abangenakuzivikela basengozini, ezindaweni ezingase zigadlwe yizinhlekelele zemvelo noma ezenziwe umuntu. (Efesu 2:2; 1 Johane 2:16) Ngakho-ke, abantu abanobugovu kufanele basolwe ngenxa yezinye zezinhlekelele izisulu ezibhekana nazo. (UmShumayeli 8:9) Kanjani?
Ngokumangalisayo izinhlekelele eziningi zibangelwa abantu ngokwezinga elithile. Ngokwesibonelo, ake ucabange usizi olwehlela izakhamuzi zedolobha laseNew Orleans, e-U.S.A., elahlaselwa isiphepho noma imizi eyadilizwa udaka ezintabeni ezingasogwini eVenezuela. Kulezo zehlakalo nakwezinye, izinto zemvelo ezinjengomoya nemvula zabangela inhlekelele ngokuyinhloko ngenxa yokunganakekelwa kwendawo ezungezile, imisebenzi yezokwakha engenziwanga kahle, izinhlelo zengqalasizinda ezinamaphutha, ukungalalelwa kwezixwayiso namaphutha eziphathimandla.
Cabanga ngenhlekelele yangezikhathi zeBhayibheli. Ngosuku lukaJesu, ukudilika kombhoshongo kungazelelwe kwabulala abantu abangu-18. (Luka 13:4) Kungenzeka le nhlekelele yabangelwa yiphutha lomuntu, “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile,” noma kokubili—kodwa ngokuqinisekile kwakungesona isahlulelo sikaNkulunkulu.—UmShumayeli 9:11.
Ingabe zikhona izinhlekelele ezake zabangelwa uNkulunkulu? Yebo, kodwa ngokungafani nezinhlekelele zemvelo noma ezenziwe umuntu, zazinenjongo futhi zazingeyona into evamile. Izibonelo ezimbili yiSikhukhula somhlaba wonke ezinsukwini zenzalamizi uNowa nokubhujiswa komuzi waseSodoma naseGomora ezinsukwini zikaLoti. (Genesise 6:7-9, 13; 18:20-32; 19:24) Lezo zahlulelo zaphezulu zakhukhula imiphakathi yabantu engaphenduki kodwa zalondoloza abantu ababelungile emehlweni kaNkulunkulu.
Ngempela, uJehova uNkulunkulu unendlela, isifiso, namandla okuqeda konke ukuhlupheka futhi alethe impumuzo emiphumeleni yezinhlekelele zemvelo. Ngokuphathelene neNkosi emiswe uNkulunkulu, uJesu Kristu, iHubo 72:12 labikezela: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi.”