“Intombazane Yakwa-Israyeli” Yosuku Lwanamuhla
NGO-2006, emasontweni amabili ngaphambi kweSikhumbuzo sokufa kukaJesu, ilungu ngalinye lomkhaya wakwaSales ePraia Grande, eBrazil, lenza uhlu lwalabo elalizobamema. U-Abigayl oneminyaka eyisithupha wanikwa isimemo, wabuzwa ukuthi ubani afuna ukumnika sona.
Waphendula: “Ngizosinika umuntu omomotheka njalo uma engibona.”
Abazali bakhe babuza: “Ubani lowo?”
Waphendula: “Indoda ehamba ngesihlalo sabakhubazekile.”
Ngemva kwezinsuku ezine, u-Abigayl wayikhombisa abazali bakhe le ndoda. Le ndoda, egama layo linguWalter, yayihlala emgwaqweni olandela owaseHholo LoMbuso. Eminyakeni engaphezu kwengu-15 edlule, lapho ineminyaka engu-28 ubudala, yahileleka engozini yemoto eyayishiya ikhubazekile kwesingezansi. Yayinonogada ababili, ngoba yayicebile. Ngemva kokuba u-Abigayl ethole imvume yokuxoxa noWalter, abazali bakhe bamchazela ukuthi indodakazi yabo yayifuna ukumnika isimemo.
Ngemva kokunikeza intshumayelo yakhe, u-Abigayl wathi: “Bonke abanye eHholo LoMbuso banezimemo eziningi, kodwa mina nginesisodwa vó. Ngakho nguwe kuphela umuntu engimmemayo. Uma ungezi, ngiyobe ngingenamuntu. Kodwa uma ungeza, ngiyojabula kakhulu, futhi uJehova uyojabula nakakhulu.”
Ngosuku lweSikhumbuzo, oFakazi, kuhlanganise no-Abigayl, babehlanza iHholo LoMbuso belungiselela isimiso seSikhumbuzo ntambama. Ngayo leyo ntambama, uWalter wadlula ngasehholo, futhi lapho ebona u-Abigayl, watshela umshayeli ukuba amise imoto. Wavula ifasitela, wabuza u-Abigayl ukuthi wenzani. Wamtshela ukuthi bahlanza ihholo ukuze uWalter alithole lilihle.
Ngalobo busuku u-Abigayl wayenexhala. Yaqala inkulumo, kodwa wayelokhu eqalaza ukuze abone ukuthi uWalter usefikile yini. Kusenjalo, wafika nonogada bakhe. U-Abigayl wamomotheka ngenjabulo. Ngemva kwenkulumo, uWalter wamtshela ukuthi wayesendleleni eya kwelinye idolobha kodwa washintsha umqondo weza eSikhumbuzweni, ngenxa nje ka-Abigayl. Wabe esenezela: “Bengiyidinga ngempela le nkulumo.” Wacela iBhayibheli futhi waqala ukufundelwa nokuba khona emihlanganweni.
Phakathi naleso sikhathi, udadewabo kaWalter wathi ufuna ukubona lo Abigayl, umfowabo ayekhuluma ngaye njalo. Lapho embona, wajabula ukubona ukuthi uyintombazane ekahle kangakanani. Wathi: “Manje ngiyazi ukuthi kungani umfowethu ejabule kangaka.”
UWalter uyaqhubeka efundelwa futhi eza emihlanganweni. Uyaphendula nokuphendula futhi utshela abanye ngezinto azifundayo. Ngokuqinisekile u-Abigayl omncane usikhumbuza intombazanyana yakwa-Israyeli eyasiza uNahamani ukuba azi uNkulunkulu weqiniso, uJehova.—2 AmaKhosi 5:2-14.