Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 6/1 k. 23
  • UNkulunkulu Okulungele Ukuthethelela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Okulungele Ukuthethelela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wafunda Ukuthethelela ENkosini
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wafunda Isifundo Sokuthethelela ENkosini Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Waba Qotho Lapho Ebhekene Novivinyo
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • NjengoPetru, Ungaphikelela Ekukhonzeni UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 6/1 k. 23

Sondela KuNkulunkulu

UNkulunkulu Okulungele Ukuthethelela

Johane 21:15-17

“WENA Jehova, umuhle futhi ukulungele ukuthethelela.” (IHubo 86:5) Ngalawo mazwi ajabulisayo, iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uthethelela ngokungagodli. Isenzakalo esithile ekuphileni kukamphostoli uPetru sibonisa ngokucacile ukuthi uJehova uthethelela “ngendlela enkulu.”—Isaya 55:7.

UPetru wayengomunye wabangane bakaJesu abakhulu. Kodwa, ngobusuku bokugcina bokuphila kukaJesu emhlabeni, uPetru wanqotshwa ukwesaba futhi wenza isono esikhulu. Egcekeni eliseduze kwendawo okwakuqulwa kuyo icala likaJesu ngokungemthetho, uPetru waphika obala ukuthi uyamazi uJesu—hhayi kanye kodwa kathathu. Ngemva kokuphika kukaPetru ngamandla okwesithathu, uJesu ‘waphenduka wambheka.’ (Luka 22:55-61) Ucabanga ukuthi uPetru wazizwa kanjani lapho uJesu embheka? Eqaphela ubukhulu besono sakhe, uPetru “waqhumuka wakhala.” (Marku 14:72) Lo mphostoli ophendukile kungenzeka wayezibuza ukuthi ukuphika kwakhe kathathu ingabe kwakumvalele ithuba lokuthethelelwa uNkulunkulu yini.

Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu waxoxa noPetru, ngokungangabazeki okwaqeda konke ukungabaza ngokuthethelelwa kwakhe. UJesu akakhulumanga amazwi anokhahlo nagxekayo. Kunalokho, wabuza uPetru: “Uyangithanda na?” UPetru waphendula: “Yebo, Nkosi, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu waphendula: “Yondla amawundlu ami.” UJesu wabuza lowo mbuzo okwesibili, uPetru waphendula ngendlela efanayo, ngokunokwenzeka egcizelela. UJesu wathi: “Yalusa amawundlu ami.” UJesu wabe esebuza umbuzo ofanayo okwesithathu: “Uyangithanda na?” Kulokhu “uPetru waba lusizi” wayesethi: “Nkosi, wazi zonke izinto; uyaqaphela ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu waphendula: “Yondla amawundlu ami.”—Johane 21:15-17.

UJesu wayeyibuzelani imibuzo ayesezazi izimpendulo zayo? UJesu wayekwazi ukufunda izinhliziyo, ngakho wayazi ukuthi uPetru uyamthanda. (Marku 2:8) Ngokubuza leyo mibuzo, uJesu wanika uPetru ithuba lokuqinisekisa uthando lwakhe amahlandla amathathu. Indlela uJesu aphendula ngayo ethi: “Yondla amawundlu ami. . . . Yalusa amawundlu ami. . . . Yondla amawundlu ami,” yaqinisekisa lo mphostoli ophendukile ukuthi wayesathenjwa. Nakhu phela uJesu wamyala ukuba asize ekunakekeleni impahla eyigugu—abalandeli bakhe abathandekayo abanjengezimvu. (Johane 10:14, 15) Ngokuqinisekile kumelwe ukuba uPetru wakhululeka ukwazi ukuthi uJesu wayesamethemba!

Ngokusobala, uJesu wamthethelela umphostoli wakhe ophendukile. Njengoba uJesu ayezibonakalisa ngokuphelele izimfanelo nezindlela zikaYise, singaphetha ngokuthi uJehova naye wamthethelela uPetru. (Johane 15:19) Kunokuba abe manqikanqika ukuthethelela, uJehova unguNkulunkulu onesihe ‘okulungele ukuthethelela’ isoni esiphendukayo. Ingabe akududuzi lokho?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela