Injabulo Yokuphila Kwami Konke Ekwenzeni Intando KaNkulunkulu
Njengoba ilandiswa nguBill Yaremchuk
Ngo-March 1947, ngemva nje kwamasonto ambalwa ngithole iziqu njengesithunywa sevangeli ekilasini lesi-8 leWatchtower Bible School of Gilead, ngaleso sikhathi eyayiseSouth Lansing, eNew York, e-U.S.A., ngalibangisa esabelweni sami kwelinye izwe—kude lé eSingapore.
UDAVE FARMER, naye ongowaseCanada owayethole iziqu ekilasini lesi-7 laseGileyadi, wayezosebenza nami. Sagibela umkhumbi i-Marine Adder, okwakuwumkhumbi wezempi ngaphambili, sisuka eSan Francisco, eCalifornia.
Indawo yokuqala esama kuyo eMpumalanga kwakuyiHong Kong. Esakubona lapho kwasishaqisa kakhulu. Kuyo yonke indawo kwakugcwele umonakalo weMpi Yezwe II—abantu belele eceleni komgwaqo, belambile futhi bebonakala sengathi bazokufa. Ngokushesha sabuyela emkhunjini salibangisa eManila, inhloko-dolobha yasePhilippines.
Nalapho futhi sabona umphumela osabekayo wempi. Itheku laligcwele izinsika zikaseyili zemikhumbi eyayibhujiswe yizindiza zamaButho Ahlangene, futhi sasizungezwe ubumpofu. Sahlangana nedlanzana loFakazi BakaJehova, elasiyisa eHholo LoMbuso. Lalijabule naphezu kwezinkinga elalibhekene nazo.
Itheku elilandelayo esaya kulo iBatavia (manje eyiJakarta) e-Indonesia. Kwakunempi yombango futhi kulwiwa endaweni, ngakho senqatshelwa ukwehla emkhunjini. Njengoba sisuka silibangisa eSingapore, ngaqala ukuzibuza ukuthi sizobhekana nani khona. Ingabe yilokhu kuphela okwase kusele emazweni amahle aseMpumalanga esasifunde ngawo emabhukwini ezokuvakasha?
Ngemva kwezinsukwana, ukungabaza kwami kwaphela. Kwakuzokwenzeka isenzakalo esasizobonisa ngaphandle kokungabaza ukuthi mina noDave sisemsebenzini ovunyelwe uNkulunkulu.
Indlela Esavunyelwa Ngayo Ukuba Sihlale
Cishe ngemva kwenyanga sisuke eSan Francisco, umkhumbi wethu wagcina usufikile esiQhingini iSt. John’s, lapho imikhumbi elindele ukungena eSingapore yayikanisa khona. Izikhulu zomnyango wabavela kwamanye amazwe zangena emkhunjini zizohlola amaphepha abagibeli, futhi izincwadi zethu zokungena zafakwa isigxivizo esithi “Uvunyelwe Ukuhlala.” Ngakusasa, umkhumbi wakanisa osebeni lwechweba. Ngemva kokuba isikhulu sasemkhunjini sesihlole amaphepha ethu, sehla.
Ngakusasa, sabuyela ethekwini sayovalelisa ezinye izithunywa zevangeli esasihambisana nazo. Zazidlulela eNdiya naseCeylon (manje eyiSri Lanka). Lapho ukaputeni womkhumbi esibona, wehla weza kithi. Wayethukuthele futhi ethetha ethi kwakungafanele sehle emkhunjini. Ngaphambili, lapho sisesolwandle, isikhulu esisebenza emnyango wabavela kwamanye amazwe, uMnu. Haxworth, sasithé angasivumeli sehle lapho umkhumbi ufika ethekwini. Thina sasingazi lutho ngalowo myalo, ngokunjalo nesikhulu esasivumela ukuba sehle.
Sathola uMnu. Haxworth ethukuthele egan’ unwabu lapho silethwa kuye. Wasithethisa, ethi asivunyelwe ukungena eSingapore. Njengoba sasingazi lutho ngokwenqatshelwa okunjalo, sambonisa izincwadi zethu zokungena ezweni ezazinesigxivizo somthetho esithi “Uvunyelwe Ukuhlala.” Ethukuthele, wazihlwitha lezi zincwadi wasula lawo magama. Kodwa-ke ngeshwa, umkhumbi wawusuhambile! UMnu. Haxworth wagcina izincwadi zethu unyaka wonke, wagcina esezibuyisile zinesigxivizo esithi “Uvunyelwe Ukuhlala.”
Inkonzo Enezithelo ESingapore
Lapho sifika ngo-April 1947, indoda okuthiwa uJoshua iyona kuphela eyayinguFakazi eSingapore. Yayiyisikhonzi sesikhathi esigcwele, noma iphayona, kwaze kwaba sekufeni kwayo ekuqaleni kwawo-1970. Ngokushesha, abanye ababefunde amaqiniso eBhayibheli baqala ukutshela abanye ngawo. Imithandazo yethu yokucela izisebenzi ezengeziwe esivunweni esingokomoya yaqala ukuphendulwa.—Mathewu 9:37, 38.
Ngo-1949, lapho uMnu. Haxworth eseholidini elide eNgilandi, izithunywa zevangeli eziyisithupha ezazithole iziqu ekilasini le-11 laseGileyadi zafika eSingapore. Phakathi naleso sikhathi uDave, owayesebenze nami njengesithunywa sevangeli iminyakana, wakubona kudingekile ukuhamba eSingapore ngenxa yokugula. Wathuthela e-Australia, lapho akhonza khona ngokwethembeka kwaze kwaba sekufeni ngo-1973. Phakathi kwabayisithupha abasha abafika kwakukhona u-Aileen Franks, engashada naye ngo-1956.
Ngokuhamba kweminyaka, safunda iBhayibheli nabaningi ababa oFakazi kanye nezingane zabo. Ngisho nanamuhla, abanye babo basesenkonzweni yesikhathi esigcwele emasimini akwamanye amazwe. Okuhlangenwe nakho okujabulisayo esaba nakho kwakuhilela uLester noJoanie Haynes, umbhangqwana ongowaseMelika owawuhlala eSingapore. Saqala ukufunda nabo iBhayibheli ngawo-1950. Lo mbhangqwana wathuthuka ngokushesha ngokomoya futhi wabhapathizwa ngemva kokuphindela e-United States. Kamuva, uLester noJoanie bajabulela inkonzo enezithelo. Basiza abaningi ukuba babe oFakazi, kuhlanganise nezingane zabo ezintathu.
UJoanie wabhala: “Uma ngibheka emuva kulowo nyaka siseSingapore, wakushintsha ngempela ukuphila kwethu. Ukube anizange ‘nisithole,’ mhlawumbe ngabe sisagcogcoma umhlaba wonke. Ngiyajabula ngokuthi nguwe owafundisa uLes iqiniso ngoba zisuka nje amadaka wathola uthisha owagxilisa kuye uthando ngoJehova nabafowethu abangamaKristu. Namanje usenjalo.”
Ukukhonza ESingapore Njengomkhaya
Ngo-1962 kwenzeka isenzakalo esingalindelekile esasizoshintsha isabelo sethu. Udokotela womkhaya wethu watshela u-Aileen ukuthi ukhulelwe. Sasifuna ukuhlala esabelweni sethu njengezithunywa zevangeli, kodwa sasingakwenza kanjani lokho sibe sikhulisa umntwana? UNathan H. Knorr, ngaleso sikhathi owayengamele umsebenzi woFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, wasibhalela, engikhuthaza ukuba ngithole umsebenzi wokuziphilisa ukuze sihlale eSingapore. Lokhu kwakuyinselele enkulu.
Abantu abaningi bangaphandle babesebenza njengezikhulu zezinkampani zangaphandle. Ngangingenalwazi emkhakheni wezebhizinisi, ngoba ngangingenelé inkonzo yesikhathi esigcwele ngemva kokuphothula esikoleni eminyakeni engaba ngu-23 ngaphambi kwalokho. Ngakho ngakhokhela inkampani yezemisebenzi eLondon ukuba ingenzele incwadi echaza amakhono ami omsebenzi asekelwe emsebenzini wami njengesikhonzi senkolo kwelinye izwe, futhi yayithumela ezinkampanini zamazwe amaningi ezisebenza eSingapore.
Ngangilokhu ngithola izimpendulo ezithi, “Siyadabuka ukuthi asinawo umsebenzi womuntu onamakhono onawo.” Lezi zinkampani zazingibheka njengomuntu ofunde kakhulu! Kwadlula izinyanga, kwaze kwazalwa usana lwethu, uJudy. Ngaleso sikhathi uMfoweth’ uKnorr wayevakashele eSingapore, ngakho waya esibhedlela eyobona uJudy nonina. Wasiqinisekisa, “Ningahlala ekhaya lezithunywa zevangeli uma nje kusenesidingo kuze kube yilapho uBill ethola umsebenzi.”
Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, ngathola umsebenzi njengomthengisi wamathikithi enkampanini yezindiza zamazwe ngamazwe. Umholo wawumncane. Ngemva kweminyaka emibili, ngaqashwa yinkampani yezindiza yaseMelika futhi umholo wami wenyuswa ngokuphindwe kabili. Ekugcineni, ngazinza embonini yezohambo, futhi ngathola isikhathi esengeziwe sokuba nomkhaya wami nesenkonzo yobuKristu.
Sagxilisa ukuphila kwethu enkonzweni kaJehova, sibeka kuqala izinto ezingokomoya. Lokhu kwangivulela ithuba lokujabulela amalungelo amaningi enhlanganweni. U-Aileen wabuye wathatha inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngaleso sikhathi, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wawukhula eSingapore. Maphakathi nawo-1960, sathenga ibhilidi elihle elinezitezi ezimbili edolobheni, elaba yiHholo LoMbuso. Kwakuhlanganyela amabandla amane kulo.
Ukuvinjelwa Komsebenzi Wethu!
Ngokuhamba kwesikhathi, sabona ukuthi kwakusondela usongo lokuphikiswa. Njengomkhuba wethu, ngo-January 14, 1972, saya eHholo LoMbuso emhlanganweni wethu. Kodwa isango laliboshwe ngeketanga elinengidi. Isaziso esasifakwe lapho sasithi iBandla LoFakazi BakaJehova LaseSingapore alisaqashelwa ngokomthetho. Sasivinjelwe ngokomthetho!a
Ukuvalwa kweHholo LoMbuso akukuvimbanga ukukhulekela kwethu uJehova, kodwa umbuzo engangizibuza wona wawuthi, ‘Iyini intando kaNkulunkulu ngomkhaya wami?’ Ngacabanga ukuthi uma kungenzeka sixoshwe ezweni, sasingeke siphinde sibuye sizovakashela abangane bethu eSingapore. Ngakho ngacela kumphathi wami emsebenzini ukuba ngiyosebenza eKuala Lumpur, eMalaysia. Kanjalo umkhaya wami wawungakwazi ukwehla wenyuka ngaphandle kwenkinga. Ngamangala lapho enginika umsebenzi wokuba umphathi ehhovisi laseKuala Lumpur, okwakuzokhuphula umholo wami ngokuphindwe kabili futhi ngithole nezinye izinzuzo.
Ngabe sengizibuza, ‘Ingabe kuyintando kaNkulunkulu ukuba sisuke eSingapore nakubafowethu?’ Njengomkhaya, sethula le ndaba kuJehova ngomthandazo. Saphetha ngokuthi sasilethwe nguJehova kuleli zwe. Ngakho ngenza isinqumo sokugcina—sokuba sihlale. Umphathi wami wamangala lapho ngenqaba lesi sikhundla esinemali.
Ukuphila nokusebenza sivinjelwe kwakunzima, ngoba sasihlale singaphansi kosongo lokuboshwa. Kwakuba nezenzakalo ezazisenza siwazise ngempela amazwi eHubo 34:7: “Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo, futhi iyabophula.”
Isabelo Esisha
Ekugcineni, ngo-1993, ngemva kokukhonza eSingapore iminyaka engaphezu kwengu-46, sacelwa ukuba sithuthele eNew Zealand, lapho kwakuyoba lula ukukhonza khona ngaphandle kokukhathazeka nobunzima. Sasidumele ngempela lapho sishiya abangane bethu abathandekayo eSingapore, esase sibathanda kakhulu. Kodwa kwasikhuthaza kakhulu ukwazi ukuthi ukholo lwabo lwalwakhelwe esisekelweni esiqinile ngezinto ezingashi. Lokhu kwabasiza ukuba bame beqinile bebhekene nokuvivinywa abasakukhuthazelela namanje.—1 Korinte 3:12-14.
Manje, ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-14 siseNew Zealand, mina no-Aileen, nakuba sesikhulile, sisayijabulela inkonzo yethu njengamaphayona akhethekile. Abafowethu ababili—uMike, oneminyaka engu-94 noPeter, oneminyaka engu-90—basaphila, bakhonza uJehova ngokwethembeka eCanada.
Ngo-1998 indodakazi yethu, uJudy, yaphindela emazweni aseMpumalanga futhi yakhonza khona iminyaka ethile. Kwenye incwadi eyasibhalela yona, yathi: “Yeka indlela engimbonga ngayo uJehova usuku ngalunye ngelungelo elimangalisayo lokusebenza lapha! Ngiyabonga nakini nobabili ngokungiqeqesha ngothando nokuzidela kwenu nokuqhubeka nizidela ukuze konke lokhu kwenzeke.” Ngo-2003 yabuyela eNew Zealand ukuze izosiza mina no-Aileen ngezinto esizidingayo.b
Siyambonga uJehova ngokuthi izimo zethu zasivumela ukuba sisabele obizweni lweNkosi lwezisebenzi ezengeziwe zesivuno. Ukwenza kwethu kanjalo kuye kwasilethela injabulo enkulu. Futhi lapho ‘leli zwe lidlula,’ njengoba iBhayibheli lisho, siyobona ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu esimangalisayo: “Lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka INqabayokulinda yesiNgisi ka-June 1, 1972, amakhasi 341-9.
b U-Aileen othandekayo washona ngo-January 24, 2008, lapho kusaqedelwa lesi sihloko.
[Isithombe ekhasini 29]
UJoshua nguye kuphela owayenguFakazi eSingapore lapho sifika ngo-1947
[Isithombe ekhasini 29]
NginoDave Farmer eHong Kong, silibangise eSingapore, ngo-1947
[Isithombe ekhasini 29]
Ngino-Aileen, ngo-1958
[Isithombe ekhasini 31]
Sinendodakazi yethu, uJudy
[Umthombo]
Kimroy Photography
[Umthombo Wesithombe ekhasini 28]
Kimroy Photography