Ukuba Namandla Naphezu Kobuthakathaka
UBUTHAKATHAKA bakho bungaba ngaphezu kwamandla akho, bunamathele njengeminyundu. Ungase ube nomuzwa wokuthi awusoze wabunqoba, noma ube nomuzwa wokuthi akukho lutho okwaziyo ukulwenza, uziqhathanise nabanye futhi uphethe ngokuthi bangcono kunawe. Noma kungenzeka ukuthi uphethwe isifo esiwohlozayo esikushiya ungenamandla futhi ungajabule. Kunoma ikuphi, ingase ibonakale ingekho indlela yokunqoba lobo buthakathaka. Ungase uzizwe njengoJobe owathi kuNkulunkulu: “O ukube ubungangithukusa eShiyoli, ukube ubungangigcina ngisithekile kuze kunqamuke intukuthelo yakho, ukube ubungangilinganisela isikhathi futhi ungikhumbule!”—Jobe 14:13.
Ungakunqoba kanjani lokhu kuphelelwa ithemba? Nakuba kungase kube nzima, kudingeka uzikhohlwe kancane izinkinga zakho. Ngokwesibonelo, ungase ucabange ngemibuzo ephefumulelwe uJehova ayibuza uJobe, inceku yakhe ethembekile: “Wawukuphi lapho ngisekela umhlaba? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda. Ngubani owamisa izilinganiso zawo, uma wazi, noma, ngubani owelulela kuwo umucu wokulinganisa?” (Jobe 38:4, 5) Lapho sicabanga ngokushiwo yile mibuzo, cishe siyoshukumiseleka ukuba sivume ukuthi uJehova unamandla nokuhlakanipha okuphakeme kakhulu. Unesizathu esihle sokuvumela isimo sezwe samanje siqhubeke.
“Iva Enyameni”
Enye inceku ethembekile yacela uJehova ukuba asuse “iva enyameni,” inkinga ethile eyayibelesela. Umphostoli uPawulu wancenga uNkulunkulu kathathu ecela ukuba alisuse. Kungakhathaliseki ukuthi laliyini, kungenzeka ukuthi lalimphuca injabulo enkonzweni kaJehova njengeva eliphukele. Walifanisa nokulokhu ushaywa. UJehova wamphendula: “Umusa wami ongafanelwe ukwanele; ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” Akazange alisuse lelo va elalisenyameni kaPawulu. Kwadingeka ukuba aphile nalo, kodwa wanezela: “Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.” (2 Kor. 12:7-10) Wayesho ukuthini?
Inkinga kaPawulu ayizange iphele ngokuyisimangaliso. Noma kunjalo, ayizange imvimbele ukuba afeze izinto ezinkulu enkonzweni kaJehova. UPawulu wancika kuJehova ukuba amsekele futhi wayelucela njalo usizo lwakhe. (Fil. 4:6, 7) Ngasekupheleni kokuphila kwakhe kwasemhlabeni, uPawulu wayengathi: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.”—2 Thim. 4:7.
UJehova usebenzisa abantu abangaphelele ukuze afeze intando yakhe naphezu kokungapheleli nezinkinga zabo, ngakho kuyafaneleka ukuba udumo luye kuye. Angabanika isiqondiso nokuhlakanipha ukuze babhekane ngokuphumelelayo nobunzima futhi balondoloze injabulo yabo enkonzweni yakhe. Yebo, angasebenzisa abantu abangaphelele ukuba benze imisebenzi emikhulu nakuba bebuthakathaka.
UPawulu wachaza okwenza uNkulunkulu angalikhiphi iva elalisenyameni yakhe: “Ukuze ngingaphakami ngokweqile.” (2 Kor. 12:7) “Iva” likaPawulu lamkhumbuza ngokulinganiselwa kwakhe futhi lamsiza ukuba ahlale ethobekile. Lokhu kuvumelana nalokho uJesu akufundisa: “Noma ubani oziphakamisayo uyothotshiswa, futhi noma ubani ozithobayo uyophakanyiswa.” (Math. 23:12) Ubunzima bungafundisa izinceku zikaNkulunkulu ukuthobeka, buzisize nokuba ziqaphele ukuthi ukuze zikhuthazele ngokwethembeka kudingeka zincike kuJehova. Ngakho, njengalo mphostoli, ‘zingaziqhayisa ngoJehova.’—1 Kor. 1:31.
Ubuthakathaka Obucashile
Abanye bangase babe nobuthakathaka abangabuqapheli noma abangathandisisi ukubuvuma. Ngokwesibonelo, umuntu angase azethembe ngokweqile, athembele emandleni akhe. (1 Kor. 10:12) Obunye ubuthakathaka obuvamile kubantu abangaphelele isifiso sokuvelela.
UJowabe, owaba ujenene wamabutho eNkosi uDavide, wayenesibindi, engananazi futhi enamacebo. Noma kunjalo, wenza izono ezinkulu ezabonisa ukuthi wayenomoya wokugabadela nokuhahela isikhundla. Wabulala ojenene ababili ngesihluku. Waqale wabulala u-Abhineri eziphindiselela. Kamuva, enza sengathi ubingelela u-Amasa, indodana kadadewabo kanina, wambamba ngentshebe ngesandla sokudla ngokungathi uhlose ukumanga, wabe esembhokoda ngenkemba eyayisesandleni sakhe sobunxele. (2 Sam. 17:25; 20:8-10) UJowabe wayegudluziwe njengojenene kwafakwa u-Amasa esikhundleni sakhe, ngakho wasebenzisa leli thuba ukuze ayibulale le mbangi yakhe, mhlawumbe enethemba lokuthi uzobuyiselwa esikhundleni sakhe. Ungabona ukuthi uJowabe wayengawulawuli umoya wakhe kuhlanganise nesifiso sakhe sobugovu. Wenza ngesihluku, akangabonisa ukuzisola. Lapho iNkosi uDavide isizokufa, yayala indodana yayo uSolomoni ukuba iqinisekise ukuthi uJowabe uyajeza ngobubi bakhe.—1 AmaKh. 2:5, 6, 29-35.
Ngokuqinisekile, akufanele sivumele ukunqotshwa izifiso ezimbi; singabulawula ubuthakathaka bethu. Kumelwe siqale ngokubazi ubuthakathaka bethu futhi sibuvume. Singabe-ke sesithatha isinyathelo sokubunqoba. Singathandaza njalo kuJehova simcele ukuba asisize sinqobe lobo buthakathaka bese sitadisha iZwi lakhe ngenkuthalo, sifune izindlela zokulwa nabo. (Heb. 4:12) Kungase kudingeke ukuba silwe nobuthakathaka bethu njalo futhi akufanele sidikibale. Le mpi ingase iqhubeke uma nje sisengabantu abangaphelele. UPawulu wakubona kuye lokhu futhi wabhala: “Lokho engikufisayo angikwenzi; kodwa lokho engikuzondayo yikho engikwenzayo.” Nokho, njengoba wazi, uPawulu akazange adikile njengokungathi wayengenakuzilawula izenzo zakhe. Kunalokho, waqhubeka elwa nobuthakathaka bakhe, encike osizweni uNkulunkulu alunikeza ngoJesu Kristu. (Roma 7:15-25) Komunye umBhalo, uPawulu wathi: “Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuphatha njengesigqila, ukuze kuthi, ngemva kokuba sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngingabi ongamukeleki ngandlela-thile.”—1 Kor. 9:27.
Abantu bathambekele ekuzithetheleleni. Singalwa nalokho kuthambekela ngokuba nombono kaJehova, senze lokho uPawulu akuyala amaKristu: “Yenyanyani okubi, bambelelani kokuhle.” (Roma 12:9) Lapho sizama ukunqoba ubuthakathaka bethu, kuyodingeka ukwethembeka, ukukhuthazela nokuzikhuza. UDavide wacela uJehova: “Cwenga izinso zami nenhliziyo yami.” (IHu. 26:2) Wayazi ukuthi uNkulunkulu angakufunda ngokunembile ukuthambekela kwethu okujule kakhulu abese esisiza lapho sidinga usizo. Uma silandela isiqondiso uJehova asinikeza ngeZwi nangomoya wakhe ongcwele, singaya ngokuya sibunqoba ubuthakathaka bethu.
Kungenzeka ukuthi abanye bakhathazwa izinkinga abanomuzwa wokuthi ngeke bakwazi ukubhekana nazo bebodwa. Ngokuqinisekile, abadala bebandla bangabanikeza usizo nesikhuthazo sothando. (Isaya 32:1, 2) Kodwa kuwukuhlakanipha ukubhekana namaqiniso. Ezinye izinkinga azinakuxazululeka ngokuphelele kulesi simiso sezinto samanje. Noma kunjalo, abaningi baye bafunda ukuphila nazo, futhi lokho kuye kwabasiza ukuba baphile ukuphila okujabulisayo.
Isiqinisekiso Sokuthi UJehova Uyosisekela
Kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naziphi izinkinga kulezi zikhathi ezinzima, singaqiniseka ukuthi uJehova uyosiqondisa futhi asilondoloze. IBhayibheli liyasinxusa: “Zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele; kuyilapho niphonsa zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.”—1 Pet. 5:6, 7.
Lapho uKathy, oseneminyaka eminingi ekhonza eBethel, ethola ukuthi umyeni wakhe wayene-Alzheimer [isifo sokuwohloka kwamangqamuzana obuchopho], waba nomuzwa wokuthi izinselele ayezobhekana nazo zazingaphezu kwamandla. Wayenxusa uJehova nsuku zonke ukuba amnike ukuhlakanipha futhi amsize aqine. Njengoba impilo yomyeni wakhe yayiwohloka kancane kancane, abazalwane abanothando bazinika isikhathi sokufunda indlela yokubhekana nalesi sifo futhi odade abakhathalelayo babasekela ngokomzwelo. UJehova wasebenzisa la maKristu ukuba abasekele, futhi uKathy wakwazi ukunakekela umyeni wakhe kwaze kwaba yilapho eshona eminyakeni engaba ngu-11 kamuva. Uthi: “Ngigcwele izinyembezi, ngabonga uJehova ngokusuka enhliziyweni ngalo lonke usizo lwakhe; lwangiqinisa. Ngangingazi ukuthi ngingakhuthazela isikhathi eside kangaka njengoba ngangihlale ngiyingcuba!”
Usizo Lokunqoba Ubuthakathaka Obucashile
Lapho abantu benomuzwa wokuthi abalutho, bangase bacabange ukuthi uJehova ngeke akuzwe ukucela kwabo usizo lapho becindezelekile. Ngakho-ke, kuhle kakhulu ukuzindla ngalokho uDavide akusho lapho ezisola ngesono sakhe esingathí sina noBhati-sheba: “O Nkulunkulu, inhliziyo ephukile nechobozekile ngeke uyidelele.” (IHu. 51:17) UDavide wayephenduke ngobuqotho, futhi wayazi ukuthi wayengathandaza kuNkulunkulu enethemba lokuthi uyombonisa isihe. UJesu ubonisa umoya kaJehova wokukhathalela. Umlobi weVangeli, uMathewu, wasebenzisa la mazwi ka-Isaya kuJesu: “Akukho mhlanga olimele ayowufohloza, futhi akukho ntambo yefilakisi elokozayo ayoyicima.” (Math. 12:20; Isaya 42:3) Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wabonisa ububele kubantu abaphansi nababecindezelwe. Akazange ayicime inhlansi elokozayo yokuphila kumuntu owayenjengesibani esasesizocima. Kunalokho, wabanakekela ngesisa abantu abahluphekayo ukuze abuyisele kubo ithemba lokuphila. Wayeyilolo hlobo lomuntu ngenkathi esemhlabeni. Uyakholelwa yini ukuthi akakashintshi nokuthi uyakwazi ukuzwelana nobuthakathaka bakho? Phawula ukuthi amaHebheru 4:15 abonisa ukuthi uyakwazi ‘ukuzwelana nobuthakathaka bethu.’
Lapho ebhala ‘ngeva elalisenyameni’ yakhe, uPawulu waphawula ukuthi amandla kaKristu ‘ayenjengetende’ kuye. (2 Kor. 12:7-9) Wasizwa isivikelo uNkulunkulu ayemnikeza sona ngoKristu, njengoba nje umuntu osetendeni ezizwa evikelekile esimweni sezulu. NjengoPawulu, akudingeki ukuba sivumele ukunqotshwa ubuthakathaka nezinkinga zethu. Ukuze sihlale siqinile ngokomoya, singasebenzisa wonke amalungiselelo uJehova asinika wona ngebandla lakhe lasemhlabeni. Singenza konke okusemandleni bese silinda yena siqiniseka ngokugcwele ukuthi uyoqondisa izinyathelo zethu. Lapho sibona indlela amandla kaNkulunkulu asisiza ngayo ebuthakathakeni bethu, siyokwazi ukusho okwashiwo uPawulu: “Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.”—2 Kor. 12:10.
[Isithombe ekhasini 3]
UPawulu wayethandaza njalo kuJehova ukuba amqondise lapho efeza inkonzo yakhe
[Isithombe ekhasini 5]
INkosi uDavide yenza uJowabe ujenene
[Isithombe ekhasini 5]
UJowabe wabulala imbangi yakhe, u-Amasa
[Isithombe ekhasini 6]
Abadala banikeza isiqondiso sothando esingokomBhalo esingasisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zethu