Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe Umhlaba Uyosinda?
UMhlaba wethu ngeke ubhujiswe yinhlekelele ethile. Kungani singaqiniseka ngalokho? Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uthembisa ukuthi umhlaba “ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.” (IHubo 104:5) IBhayibheli lithi nakuba ‘izizukulwane zifika zibuye zidlule, umhlaba umi kuze kube phakade.’—UmShumayeli 1:4.
KumaHubo 104:5, ukuthi umhlaba uyohlala phakade kugcizelelwa amagama amabili asetshenziswa embhalweni wokuqala wesiHebheru—elithi ʽoh·lamʹ elisho ukuthi “kuze kube nini nanini” nelithi ʽadh elisho ukuthi “kuze kube phakade.” Elithi ʽoh·lamʹ lingase lihunyushwe ngokuthi “iminyaka eminingi” noma “ngokunganqamuki.” Ngokwe-Students’ Hebrew and Chaldee Dictionary kaHarkavy, elithi ʽadh lisho “isikhathi eside, iphakade.” La magama amabili esiHebheru abonisa ukuthi ukuhlala phakade komhlaba kuqinisekiswe ngokuphindiwe. Cabangela ezinye izizathu ezintathu ezisekelwe eBhayibhelini zokukholelwa ukuthi umhlaba uyohlala phakade.
Esokuqala, uNkulunkulu wenza umhlaba ukuba uhlalwe abantu—ukuba ube ipharadesi elihle lomhlaba wonke, hhayi ugwadule. U-Isaya 45:18 uchaza uJehova ngokuthi “uMdali wamazulu, Yena onguNkulunkulu weqiniso, uMbumbi womhlaba noMenzi wawo, Yena owawumisa waqina, ongazange awudalele ize nje, owawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa.”
Esesibili, sekuyisikhathi eside uNkulunkulu athembisa ukuthi abantu abakhetha ukumlalela bayophila phakade kulo mhlaba ngokuthula. UMika 4:4 uyathembisa: “Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele; ngoba wona kanye umlomo kaJehova wamabutho ukhulumile.” Ngakho, ngokwenjongo kaNkulunkulu, umhlaba kumelwe uhlale phakade njengekhaya lesintu, kungenjalo izithembiso zakhe ziyoba yize.—IHubo 119:90; Isaya 55:11; 1 Johane 2:17.
Esesithathu, uNkulunkulu ubeke umuntu ukuba anakekele lo mhlaba. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ngokuqondene namazulu, wona angakaJehova, kodwa umhlaba uwuniké abantwana babantu.” (IHubo 115:16) Ucabanga ukuthi ukhona yini ubaba onothando onganikeza umntanakhe isipho esihle kodwa asuke lapho asibhubhise? Lokho akunakwenzeka! Ngokufanayo, uJehova ngeke enze into enjalo emhlabeni nakubantu abahlala kuwo, ngoba “uNkulunkulu uluthando.”—1 Johane 4:8.
UJesu Kristu wanikeza lesi siqinisekiso ngokuphathelene namazwi kaYise: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Futhi uNkulunkulu, ongenakuqamba amanga, uyathembisa: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29; Thithu 1:2.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Globe: Based on NASA photo