Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Kungani Kufanele Sisebenzise Igama LikaNkulunkulu Uma Singaqiniseki Ukuthi Liphinyiselwa Kanjani?
Akekho namuhla owaziyo ngempela ukuthi igama likaNkulunkulu laliphinyiselwa kanjani ngesiHebheru sasendulo. Kodwa okuphawulekayo ukuthi igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 embhalweni weBhayibheli. UJesu walazisa igama likaNkulunkulu lapho esemhlabeni, futhi wayala abafundi bakhe ukuba bathandazele ukungcweliswa kwalo. (Mathewu 6:9; Johane 17:6) Ngakho, kunento eyodwa eqinisekile—ukusetshenziswa kwegama likaNkulunkulu kubaluleke kakhulu okholweni lobuKristu. Pho, kungani namuhla kungaqinisekwa ukuthi lelo gama laliphinyiselwa kanjani ekuqaleni? Kunezizathu ezimbili eziyinhloko.
Okokuqala, eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbili edlule, phakathi kwamaJuda kwavela inkolelo-ze yokuthi kwakungalungile ukuphimisela igama likaNkulunkulu. Lapho umfundi ethola leli gama embhalweni weBhayibheli, wayefaka elithi “Nkosi” esikhundleni salo. Ngale ndlela, ngemva kwamakhulu eminyaka lingasetshenziswa, ukuphinyiselwa kwegama likaNkulunkulu kwalibaleka.
Okwesibili, isiHebheru sasendulo sasibhalwa ngaphandle konkamisa, njengoba kunjalo ngezifushaniso zesiNgisi nezinye izilimi. Lapho efunda umbhalo olotshiwe, umfundi wayezifakela yena imisindo yonkamisa ayibambé ngekhanda. Ngokuhamba kwesikhathi, kwasungulwa indlela yokusiza abantu ukuba bangakukhohlwa ngokuphelele ukuphinyiselwa okufanele kwamagama esiHebheru. Kwaba nezikhala zonkamisa egameni ngalinye eBhayibhelini lesiHebheru. Kodwa uma kuziwa egameni likaNkulunkulu, kwakunezelwa izikhala zonkamisa egameni elithi “Nkosi” ukuze kukhunjuzwe umfundi ukuba aphimisele leli gama eliwumfakela, noma zazinganezelwa nhlobo.
Ngakho, kwasala ongwaqa abane okuthiwa i-Tetragrammaton, isichazamazwi esithile esiyichaza ngokuthi “izinhlamvu ezine zesiHebheru ngokuvamile ezihunyushwa ngokuthi YHWH noma JHVH eziyibizo-qho likaNkulunkulu laseBhayibhelini.” Kulula ukubona ukuthi kungani elithi JHVH, uma sekufakwe izikhala zonkamisa nemisindo yabo, liba “uJehova,” okuyindlela ejwayelekile neyamukelwa kabanzi esiZulwini.
Kodwa ezinye izazi zitusa ukuba liphinyiselwe ngokuthi “Yahweh.” Ingabe lokho kusondele endleleni yokuqala yokuphimisela? Akekho oqinisekayo. Empeleni, ezinye izazi ziye zaveza izizathu ezizenza zingaliphimiseli kanjalo. Kuyiqiniso ukuthi amagama aseBhayibhelini, uma ebizwa olimini lwanamuhla, cishe azwakala ngendlela ehluke ngokuphelele kweyesiHebheru sakuqala, futhi akukho muntu okhononda ngalokho. Lokhu kungenxa yokuthi la magama aseyingxenye yolimi lwethu futhi kulula ukuwakhumbula. Kunjalo nangegama elithi Jehova.
AmaKristu ekhulu lokuqala ayebizwa ngokuthi abantu begama likaNkulunkulu. Ayeshumayela ngaleli gama kwabanye futhi ebakhuthaza ukuba balibize. (IzEnzo 2:21; 15:14; Roma 10:13-15) Ngokusobala, kubalulekile kuNkulunkulu ukuba sisebenzise igama lakhe kunoma iluphi ulimi esilukhulumayo, sikwazise ukubaluleka kwalo futhi siphile ngokuvumelana nalokho elikumelelayo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 31]
Okuphawulekayo ukuthi igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 embhalweni weBhayibheli