Lingisa UJesu—Khulekela UNkulunkulu Ngendlela Ayamukelayo
Ngothando, uNkulunkulu umema abantu “kuzo zonke izizwe nezinhlanga . . . nezilimi” ukuba bamkhulekele. (IsAm. 7:9, 10; 15:3, 4) Labo abamukela lesi simemo ‘bangabona ubuhle bukaJehova.’ (IHu. 27:4; 90:17) Njengomhubi, baphakamisa amazwi abo badumise uNkulunkulu, bathi: “Masikhulekele sikhothame; masiguqeni phambi kukaJehova uMenzi wethu.”—IHu. 95:6.
Ukukhulekela Okwaziswa Kakhulu
NjengeNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, uJesu waba nesikhathi esiningi sokufunda imicabango, izimiso nezindinganiso zikaYise. Yingakho ayengayibonisa ngokuqiniseka indlela yokukhulekela kweqiniso. Wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—Joh. 1:14; 14:6.
UJesu wabeka isibonelo esiphelele sokuzithoba kuYise. Wathi: “Angenzi lutho ngokwami; kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.” Wabe esenezela: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Joh. 8:28, 29) UJesu wajabulisa uYise ngaziphi izindlela?
Phakathi kokunye, wayezinikele ngokuphelele kuYise, futhi yilokho kanye okushiwo ukukhulekela uNkulunkulu. UJesu wabonisa ukuthi wayenobuhlobo obuseduze noYise ngokumlalela, ngokwenza intando yakhe, ngisho nalapho kuhilela ukubhekana nobunzima obukhulu. (Fil. 2:7, 8) Isici esasibalulekile ekukhulekeleni kukaJesu sasiwukuhlanganyela njalo emsebenzini wokwenza abafundi, kangangokuthi abakholwayo nabangakholwa bambiza ngokuthi unguMfundisi. (Math. 22:23, 24; Joh. 3:2) Ngaphezu kwalokho, uJesu wazikhandla ngenxa yabanye. Umoya wakhe wokuzidela wawucishe usithathe sonke isikhathi sakhe, kodwa wayekujabulela ukukhonza abanye. (Math. 14:13, 14; 20:28) Naphezu kokuba matasa, wayezinika njalo isikhathi sokukhuluma noYise osezulwini ngomthandazo. (Luka 6:12) Yeka ukuthi ukukhulekela kukaJesu kwakuyigugu kangakanani kuNkulunkulu!
Umshikashika Wokujabulisa UNkulunkulu
UJehova wayekubona ukuziphatha kweNdodana yakhe futhi wezwakalisa ukuthi uyakwamukela. (Math. 17:5) Nokho, noSathane uDeveli wayeyibona inkambo kaJesu yokwethembeka. Ngakho, waba noJesu shaqa. Ngani? Ngoba wayengekho umuntu owayesekwazile ukulalela uNkulunkulu ngokuphelele, kanjalo emkhulekela ngokugcwele. UDeveli wayefuna ukuvimbela uJesu ekunikeleni kuJehova ukukhulekela akufanelekelayo ngempela.—IsAm. 4:11.
Ezama ukonakalisa uJesu, uSathane waya kuye wamlinga. Wamyisa “entabeni ephakeme ngokungajwayelekile, wambonisa yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” Wabe esethi: “Zonke lezi zinto ngizokunika zona uma uwa phansi wenze isenzo sokukhuleka kimi.” Wasabela kanjani uJesu? Wathi: “Hamba, Sathane! Ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’” (Math. 4:8-10) Yebo, uJesu waqaphela ukuthi ukukhothamela uSathane kwakuyoba isenzo sokukhonza izithombe kungakhathaliseki ukuthi kwakubonakala kuzuzisa kangakanani ukwenza lokho. Wayengazimisele ukwenza ngisho nesenzo esisodwa sokukhulekela noma ubani omunye ngaphandle kukaJehova.
USathane angase angenani ukukhulekela kwethu ngokusithembisa ukusinika yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo. Noma kunjalo, usazama ukuphazamisa ukukhulekela kwamaKristu aqotho akunikela kuNkulunkulu. UDeveli ufuna sikhulekele omunye umuntu noma into ethile.—2 Kor. 4:4.
UKristu Jesu wathembeka kwaze kwaba sekufeni. Ngokulondoloza ubuqotho bakhe kuNkulunkulu, wakhazimulisa uJehova ngendlela okungekho muntu omunye ake amkhazimulisa ngayo. NjengamaKristu eqiniso namuhla, silwela ukulingisa inkambo kaJesu yokwethembeka ngokwenza ukukhulekela kwethu uMdali kuze kuqala kunakho konke. Ngempela, ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu kuyigugu ngaphezu kwanoma yini esinayo.
Izibusiso Zokukhulekela UNkulunkulu Ngendlela Ayamukelayo
Ukuthuthukisa “indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile” ngokombono kaNkulunkulu kuletha izibusiso eziningi. (Jak. 1:27) Ngokwesibonelo, siphila ezikhathini lapho abantu abaningi ngokwandayo ‘bengabazithandayo, abathanda imali, abazazisayo nabangenalo uthando lokuhle.’ (2 Thim. 3:1-5) Nokho, endlini kaNkulunkulu, sinelungelo lokuba nobudlelwane nabantu abahlanzekile, abahle abalwela ukulondoloza izindinganiso zikaNkulunkulu zokumkhulekela. Akusiqabuli yini lokhu?
Ngokuhlale singangcolisiwe yileli zwe, sithola nesibusiso sokuba nonembeza ohlanzekile. Sifuna ukuwulondoloza lowo nembeza ngokulalela izimiso zikaNkulunkulu zokulunga nemithetho kaKhesari engangqubuzani nemithetho kaNkulunkulu.—Marku 12:17; IzE. 5:27-29.
Ukukhulekela uNkulunkulu ngomphefumulo wonke kuletha nolunye uhlobo lwezibusiso. Lapho sigxila ekwenzeni intando kaNkulunkulu kunasekwenzeni eyethu, ukuphila kwethu kuba nenjongo futhi kwanelise. Esikhundleni sokuthi: “Masidle siphuze, ngoba kusasa sizokufa,” sinethemba eliqinisekile lokuphila okuphakade epharadesi emhlabeni.—1 Kor. 15:32.
Incwadi yesAmbulo ikhuluma ngesikhathi lapho labo abahlala benokuma okuhlanzekile phambi kukaJehova ‘beyophuma osizini olukhulu.’ Ukulandisa kuthi “Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi uyokwendlala itende lakhe phezu kwabo.” (IsAm. 7:13-15) Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nguJehova uNkulunkulu uqobo lwakhe, uMuntu okhazimula kunabo bonke endaweni yonke. Zama ukucabanga ukuthi kuyojabulisa kangakanani lapho ekwamukela njengesimenywa etendeni lakhe, ekuvikela ukuze ungehlelwa yilutho olubi! Kwamanje, singajabulela isivikelo nokunakekela kwakhe ngezinga elithile.
Ngaphezu kwalokho, bonke abakhulekela uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo bachazwa njengabaqondiswa “emithonjeni yamanzi okuphila.” Le mithombo eqabulayo imelela wonke amalungiselelo uJehova awenzayo ukuba sizuze ukuphila okuphakade. Yebo, ngesihlengo sikaKristu, “uNkulunkulu uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo.” (IsAm. 7:17) Isintu siyokwenziwa siphelele, okuyoletha injabulo engachazeki kulabo abanethemba lokuphila phakade emhlabeni. Kwamanje, abakhulekeli bakaNkulunkulu abajabulayo bakhamuluka ngenjabulo, bezwakalisa ukwazisa kwabo uJehova ngokusuka enhliziyweni futhi bemkhulekela kanye nalabo abasezulwini abahlabelela bethi: “Mikhulu iyamangalisa imisebenzi yakho, Jehova Nkulunkulu, Mninimandla onke. Zilungile futhi ziyiqiniso izindlela zakho, Nkosi yaphakade. Ubani ongeke ngempela akwesabe, Jehova, akhazimulise igama lakho, ngoba wena wedwa uthembekile? Ngoba zonke izizwe ziyokuza zikhuleke phambi kwakho, ngoba izinqumo zakho ezilungileyo zibonakalisiwe.”—IsAm. 15:3, 4.
[Isithombe ekhasini 27]
USathane wenana ukukhulekela kwethu ngani?