Ukushumayela Lapho Abantu Bethenga Khona
LAPHO esemzini wase-Athene, umphostoli uPawulu wayeya nsuku zonke esigcawini eyoshumayela izindaba ezinhle ngoJesu. (IzEnzo 17:17) UPawulu wakhetha ukuya esigcawini ngoba yilapho abantu abaningi base-Athene babechitha isikhathi sabo khona.
Ngemva kweminyaka ecishe ibe ngu-2 000, abantu bakaJehova basasakaza isigijimi soMbuso kaNkulunkulu ezindaweni lapho abantu bethenga khona. Ngani? Ngoba baningi abantu abangatholakala lapho. Namuhla, isigcawu kungase kube inxanxathela yezitolo. Lapho sebethole imvume kuyimenenja noma kumnini wendawo, abanye oFakazi baye babeka itafula noma bamisa itende elincane ukuze bakhangise ngezincwadi zeBhayibheli.
Ngokwesibonelo, enxanxatheleni yezitolo eNew Jersey, e-U.S.A., ibandla lahlela itafula elikhangayo elalinezincwadi ezikhuluma ngokulondoloza izindinganiso zomkhaya. Waba yini umphumela? Ngosuku olulodwa, kwahanjiswa izincwadi ezingu-153 ngezilimi eziyisithupha.
Omunye wesifazane oweza kuleli tafula walalelisisa njengoba omunye woFakazi echaza. Lona wesifazane wavuma ukuthi kubalulekile ukwenza uNkulunkulu abe ingxenye yokuphila kwethu nokwemikhaya yethu. Wazitholela lezi zincwadi: Funda KuMfundisi Omkhulu, Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya nethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.
Ntambama, kwadlula indoda yimbe ngakuleli tafula ihlose ukungena esitolo esiseceleni kwalo. Yakhangwa incwadi ethi Intsha Iyabuza. Udade owayelapho waqaphela ukuthi le ndoda yayinesithakazelo. Wayibuza, “Ikhona incwadi onesithakazelo kuyo?” Yavuma, yambonisa incwadi ethi Intsha Iyabuza. Lo dade wayinikeza incwadi, futhi le ndoda yayisivele yelula isandla ukuze iyithathe. Yathi inabantwana abathathu. Njengoba ingxoxo iqhubeka, yasho ukuthi ixoxa nabo kanye ngesonto. Izingane zayo ezimbili ezindala zevile eminyakeni eyishumi nambili. Njengoba ibhekabheka le ncwadi, yathi kwakungaba lula ngayo ukuyisebenzisa lapho ihlela ezoxoxa ngakho nomkhaya wayo. Ummemezeli waphinde wayibonisa incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, wayiqinisekisa ukuthi yona nomkayo babeyothola izeluleko eziwusizo kakhulu ekwenzeni izinqumo zomkhaya. Le ndoda yabonga kakhulu ngalokhu, yanikela futhi yavuma ukuba kube nothile ozobavakashela.
OFakazi bazizwa kanjani ngosuku abaluchitha beshumayela enxanxatheleni yezitolo? Omunye udade wathi: “Mina ngiyijabulele le ndlela yokushumayela. Yeka ukuthi kube okuhlangenwe nakho okuhle kanjani!” Omunye udade wathi: “UJehova uthi izindaba ezinhle ziyoshunyayelwa ezindaweni ezikude kakhulu zomhlaba. Namuhla, lapha eParamus, eNew Jersey, lezi zindaba ezinhle zithinte abantu bezilimi ezihlukahlukene. Kungijabulise kakhulu ukuba nesandla kuleli lungiselelo. Wonke umuntu ohlanganyele kulo ujabulile. Lapho usuku luphela, akekho kithi obefuna ukuhamba.”
Ingabe ungazandisa izindlela oshumayela ngazo izindaba ezinhle? Indlela yethu eyinhloko iwukuya endlini ngendlu. (IzEnzo 20:20) Nokho, ungakucabangela yini ukufakaza esizimakethe noma enxanxatheleni yezitolo?