Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 10/1 kk. 16-17
  • Ingabe Uke Ube Nomona? Abafowabo BakaJosefa Babenawo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uke Ube Nomona? Abafowabo BakaJosefa Babenawo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJosefa Uzondwa Abafowabo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • “Ngicela Nilalele Iphupho Engiliphuphile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • “Ingabe Ngisesikhundleni SikaNkulunkulu?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • UJehova Akazange Amkhohlwe UJosefa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 10/1 kk. 16-17

Fundisa Izingane Zakho

Ingabe Uke Ube Nomona? Abafowabo BakaJosefa Babenawo

AKE sikhulume ngokuthi kusho ukuthini ukuba nomona. Wake wakuthola kunzima yini ukuthanda umuntu ngenxa yokuthi abanye bathi muhle, uyathandeka, noma uhlakaniphile?a— Yilokho okungenzeka uma unomona ngothile.

Emkhayeni kungavuka umona uma abazali bethanda enye ingane ngaphezu kwenye. IBhayibheli lisitshela ngomkhaya lapho umona wadala khona inkinga enkulu. Ake sicabangele inkinga eyaholela kulokhu nesifundo esingasifunda kulokho okwenzeka.

UJosefa wayeyindodana yeshumi nanye kaJakobe, futhi abafowabo bakaJosefa babemfela umona. Uyazi ukuthi kungani?— Kwakungenxa yokuthi uyise, uJakobe, wayemthanda uJosefa. Ngokwesibonelo, uJakobe wenzela uJosefa ingubo enhle enemithende. UJakobe wayemthanda ngokukhethekile uJosefa “ngoba wayeyindodana yokuguga kwakhe” nezibulo kumkakhe othandekayo, uRaheli.

IBhayibheli lithi ‘lapho abafowabo bakaJosefa bebona ukuthi uyise wayemthanda ngaphezu kwabo bonke, bamzonda uJosefa.’ Khona-ke ngolunye usuku uJosefa watshela umkhaya wakubo ukuthi ephusheni bonke babemkhothamela, kuhlanganise noyise imbala. “Abafowabo baba nomhawu ngaye,” kusho iBhayibheli, ngisho noyise wamthethisa ngokulandisa kwakhe leli phupho.—Genesise 37:1-11.

Ngemva kwesikhathi esithile, lapho uJosefa eseneminyaka engu-17, abafowabo babekude nasekhaya belusa izimvu nezimbuzi zomkhaya. Ngakho uJakobe wathuma uJosefa ukuba ayobona ukuthi abafowabo baqhuba kanjani. Ingabe uyazi ukuthi abaningi kubo babefuna ukwenzani lapho bembona esondela?— Babefuna ukumbulala! Kodwa ababili kubo, uRubeni noJuda, benqaba.

UJosefa uthengiswa abafowabo

Lapho kudlula abathengisi abathile ababelibangise eGibhithe, uJuda wathi: “Masimthengise.” Ngakho bamthengisa. Babe sebebulala imbuzi bacwilisa ingubo kaJosefa egazini. Kamuva, lapho beyikhombisa uyise le ngubo, wababaza: ‘Kumelwe ukuba uJosefa udliwe isilwane sasendle esibi!’—Genesise 37:12-36.

Ngokuhamba kwesikhathi, uJosefa wathandeka kuFaro, umbusi waseGibhithe. Lokhu kwakungenxa yokuthi ngosizo lukaNkulunkulu wakwazi ukuchaza amaphupho amabili kaFaro. Elokuqala laliphathelene nezinkomo ezingu-7 ezikhuluphele ezalandelwa ezingu-7 ezizacile. Elesibili kwakungelezikhwebu ezingu-7 zokusanhlamvu ezinhle ezalandelwa ezingu-7 eziyizintshwamu. UJosefa wathi womabili la maphupho ayesho ukuthi kuzoba neminyaka engu-7 yesivuno esihle ilandelwe engu-7 yendlala. Ngesiqondiso sikaFaro, uJosefa waphathiswa umthwalo wokuqongelela ukudla phakathi neminyaka yenala ukuze kulungiselelwe isikhathi sendlala.

Lapho kufika indlala, umkhaya wakubo kaJosefa, owawuhlala ezweni elikude, wawudinga ukudla. UJakobe wathumela abafowabo bakaJosefa abadala abayishumi eGibhithe ukuba bayothenga ukudla. Bafika phambi kukaJosefa, kodwa abazange babone ukuthi nguye. Engabatsheli ukuthi ungubani, uJosefa wabavivinya, futhi wathola ukuthi babezisola kakhulu ngokuthi bamphatha kabi. Ngakho uJosefa wabatshela ukuthi ungubani. Bangana bejabula!—UGenesise, izahluko 40 kuya ku-45.

Yini ongayifunda ngomona kule ndaba yeBhayibheli?— Umona ungadala izinkinga ezinkulu, wenze ngisho nokuba umuntu afune ukulimaza umfowabo! Ake sifunde izEnzo 5:17, 18 nezEnzo 7:54-59, sibone ukuthi yini umona owabangela ukuba abantu bayenze kubafundi bakaJesu.— Ngemva kokufunda le mibhalo, uyabona yini ukuthi kungani kufanele siqaphele singabi nomona?—

UJosefa waphila waze waba neminyaka engu-110. Wakhulisa izingane, ezamzalela abazukulu, waphinde waba nezizukulwane. Singaqiniseka ukuthi uJosefa wayebafundisa njalo ukuba bathandane futhi bagweme ukunqotshwa umona.—Genesise 50:22, 23, 26.

a Uma ufunda nengane, udwí uyisikhumbuzo sokuba ume futhi ukhuthaze ingane ukuba iveze umbono wayo.

Imibuzo:

  • Kusho ukuthini ukuba nomona?

  • Yini umona owabangela ukuba abafowabo bakaJosefa bayenze?

  • Kungani uJosefa abathethelela abafowabo?

  • Singafundani kule ndaba?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela