Ingabe OFakazi BakaJehova Bachitha Imishado?
“UMA umngane womshado eshintsha inkolo, umshado uzochitheka.” Yilokho abantu abaningi abakushoyo. Ngezinye izikhathi, leso sixwayiso sishiwo kumngane womshado okhetha ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Kodwa ingabe lokho kugomela kuyiqiniso ngaso sonke isikhathi?
Kuyiqiniso ukuthi lapho umuntu oshadile eqala ukuba nesithakazelo enkolweni noma eshintsha imibono engokwenkolo asenesikhathi eside eyikholelwa, lokho kungamshaqisa umuntu ashade naye. Kungase kubangele ukukhathazeka, ukudumala, ngisho nentukuthelo.
Ngokuvamile kuba owesifazane oqale abone isidingo sokushintsha inkolo yakhe. Uma umkakho efunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, lokhu kungase kuwuthinte kanjani umshado wakho? Uma ungowesifazane ohlanganyela noFakazi BakaJehova, yini ongayenza ukuze unciphise ukukhathazeka komyeni wakho?
Umbono Wendoda Ethile
UMark wase-Australia wayeseneminyaka engu-12 eshadile lapho umkakhe eqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. UMark uthi: “Ngangijabule emshadweni futhi nginomsebenzi owanelisayo. Ukuphila kwakumnandi. Umkami wabe esenquma ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngokungazelelwe ngaba nomuzwa wokuthi indlela yami yokuphila iyasongelwa. Ekuqaleni, ngangingakhululeki ngesithakazelo esisha umkami ayenaso eBhayibhelini, kodwa lapho engitshela ukuthi wayesenqume ukubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova, ngakhathazeka nakakhulu.”
UMark waqala ukuzibuza ukuthi umshado wakhe wawuzochitheka yini ngenxa yenkolo entsha yomkakhe. Wacabanga ukumyekisa ukufunda iBhayibheli nokumvimbela ukuba axhumane noFakazi. Kodwa esikhundleni sokuthatha ngamawala, uMark wavumela ukuba isikhathi sidlule. Kwenzekani ngomshado wakhe?
UMark uthi: “Ngokujabulisayo, umshado wethu usuqine kakhulu manje kunangaphambili. Ubulokhu uthuthuka kusukela umkami abhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova eminyakeni engu-15 edlule.” Yini eyasiza lo mshado ukuba uphumelele? UMark uthi: “Uma ngibheka emuva, ngokuyinhloko kwakungenxa yokuthi umkami wayesebenzisa iseluleko esihle esitholakala eBhayibhelini. Ngaso sonke isikhathi uye wazama ukungiphatha ngenhlonipho.”
Amacebiso Avela Kwabesifazane Abaphumelelayo
Uma ungowesifazane ohlanganyela noFakazi BakaJehova, yini ongayenza futhi uyisho ukuze unciphise ukukhathazeka komyeni wakho? Cabangela okushiwo yilaba besifazane abasezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba.
USakiko waseJapane: “Sengineminyaka engu-31 ngishadile futhi nginezingane ezintathu. Bengilokhu ngingomunye woFakazi BakaJehova kule minyaka engu-22 edlule. Ukuhlala nomyeni ongenazo izinkolelo ezinjengezami kuyinselele ngezinye izikhathi. Kodwa ngiyazikhandla ekusebenziseni iseluleko seBhayibheli sokuba ‘ngisheshe ukuzwa, ngephuze ukukhuluma, ngephuze ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19) Ngiyazama ukuba nomusa kumyeni wami futhi ngizamukele izifiso zakhe uma zingangqubuzani nezimiso zeBhayibheli. Lokhu kuye kwasiza ukuba umshado wethu uphumelele.”
UNadezhda waseRussia: “Sengineminyaka engu-28 ngishadile futhi ngabhapathizwa njengoFakazi eminyakeni engu-16 edlule. Ngaphambi kokuba ngifunde iBhayibheli, ngangingacabangi ukuthi umyeni wami kufanele abe inhloko yomkhaya. Ngangithanda ukuzenzela izinqumo. Kodwa, kancane kancane ngathola ukuthi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kwakunezela ekuthuleni nasenjabulweni yomkhaya wethu. (1 Korinte 11:3) Kancane kancane kwaba lula kimi ukuzithoba, futhi umyeni wami uye waluqaphela lolu shintsho.”
UMarli waseBrazil: “Nginezingane ezimbili futhi ngineminyaka engu-21 ngishadile. Eminyakeni engu-16 edlule, ngaba uFakazi obhapathiziwe. Ngafunda ukuthi uJehova uNkulunkulu ufuna ukuba imibhangqwana eshadile ihlale ndawonye, ingahlukani. Ngakho ngizama ukuba umfazi omuhle, ngikhulume futhi ngenze ngendlela eyenza uJehova nomyeni wami bajabule.”
ULarisa waseRussia: “Lapho ngiba omunye woFakazi BakaJehova eminyakeni engaba ngu-19 edlule, ngaqaphela ukuthi into ebaluleke kakhulu kimi kwakuwukuba ngenze izinguquko ekuphileni kwami. Umyeni wami uyayiqaphela indlela iBhayibheli elingithonye kahle ngayo—liye langisiza ukuba ngimazise nakakhulu. Ekuqaleni, sasiphikisana ngendlela yokuqeqesha izingane, kodwa sesizilungisile lezo zinkinga. Umyeni wami uyangivumela ukuba ngiye nezingane zethu emihlanganweni yenkolo ngoba uyabona ukuthi zifundiswa okuzizuzisayo kuphela.”
UValquíria waseBrazil: “Nginengane eyodwa futhi ngineminyaka engu-19 ngishadile. Eminyakeni engu-13 edlule, ngaba omunye woFakazi BakaJehova. Ekuqaleni, umyeni wami wayengafuni ukuba ngihlanganyele emsebenzini wokushumayela obala. Kodwa ngafunda ukumphendula ngomoya omnene futhi ngimsize abone ukuthi iBhayibheli lalinethonya elihle ebuntwini bami. Kancane kancane umyeni wami wayiqonda indlela okubaluleke ngayo kimi ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. Namuhla, ungisekela ngokugcwele emisebenzini yami engokomoya. Lapho ngiqhuba izifundo zeBhayibheli ezindaweni eziqhelile ezisemaphandleni, uze angihambise ngemoto abese engilinda ngaphandle ngesineke ngize ngiqede.”
Ithonya Elihle
Uma oshade naye ezihlanganisa noFakazi BakaJehova, ungesabi ukuthi lokhu kuzowuchitha umshado wenu. Njengoba abesilisa nabesifazane abaningi kuzo zonke izingxenye zomhlaba betholile, iBhayibheli linethonya elihle emshadweni.
Omunye umyeni ongeyena uFakazi KaJehova wavuma ngokwethembeka: “Ekuqaleni ngakhathazeka lapho umkami amukela inkolo yoFakazi BakaJehova, kodwa manje nginomuzwa wokuthi kukhulu engikuzuzile ngokubekezela.” Omunye washo lokhu ngomkakhe: “Ukuthembeka komkami, ukuzimisela nobuqotho bakhe kuye kwangenza ngabathanda kakhulu oFakazi BakaJehova. Umshado wethu uye wazuza kakhulu ngenxa yezinkolelo zakhe. Siyabonelelana futhi sesiphatha umshado wethu njengobuhlobo bokuphila konke.”
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 13]
OFakazi BakaJehova Bawubheka Kanjani Umshado?
OFakazi BakaJehova babheka iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Ngakho abakuthathi kancane lokho elikushoyo ngomshado. Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo lapho liphendula imibuzo elandelayo:
▪ Ingabe oFakazi BakaJehova bakhuthaza amalungu enkolo yabo ukuba ahlukane nomngane womshado ongeyena uFakazi? Cha. Umphostoli uPawulu wabhala: “Uma kukhona umzalwane onomfazi ongakholwa, nokho umfazi evuma ukuhlala naye, makangamshiyi; futhi owesifazane onomyeni ongakholwa, nokho umyeni evuma ukuhlala naye, makangamshiyi umyeni wakhe.” (1 Korinte 7:12, 13) OFakazi BakaJehova bayawulalela lo myalo.
▪ Ingabe owesifazane ongomunye woFakazi BakaJehova ukhuthazwa ukuba angazinaki izifiso zomyeni wakhe ongekho enkolweni yakhe? Cha. Umphostoli uPetru wabhala: “[Nina] bafazi, zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.”—1 Petru 3:1, 2.
▪ Ingabe oFakazi BakaJehova bafundisa ukuthi igunya lendoda alilinganiselwe? Cha. Umphostoli uPawulu wathi: “Ngifuna ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.” (1 Korinte 11:3) Owesifazane ongumKristu uyomhlonipha umyeni wakhe njengenhloko yomkhaya. Kodwa igunya lendoda lilinganiselwe. Inesibopho sokulandisa kuNkulunkulu nakuKristu. Ngakho-ke, uma indoda iyala umkayo ukuba aziphathe ngendlela ephula umthetho kaNkulunkulu, owesifazane ongumKristu ‘uyolalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzEnzo 5:29.
▪ Ingabe oFakazi BakaJehova bafundisa ukuthi isehlukaniso asivunyelwe? Cha. UJesu Kristu wathi: “Ngithi kini noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe [ukuziphatha okubi kobulili], ashade nomunye, uyaphinga.” (Mathewu 19:9) Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova banamathela embonweni kaJesu wokuthi ukuphinga kuyisisekelo sesehlukaniso. Kodwa bakholelwa ngokuqinile ukuthi imishado akufanele ichithwe ngezizathu ezingezwakali. Bakhuthaza amalungu abo ukuba alalele amazwi kaJesu: “Indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye. . . . Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”—Mathewu 19:5, 6.