“INgoma Yasolwandle”—Umbhalo Wesandla Oxhumanisa Umlando
NGO-MAY 22, 2007, kwabukiswa ngocezu lomqulu wesiHebheru wangekhulu lesi-7 noma lesi-8 C.E. e-Israel Museum, eJerusalema. Lolu cezu luwumbhalo wesandla ka-Eksodusi 13:19–16:1. Kulo kukhona nengoma ebizwa ngokuthi “iNgoma Yasolwandle”—ingoma yokunqoba eyahlatshelelwa ama-Israyeli ngemva kokukhululwa ngokuyisimangaliso oLwandle Olubomvu. Kungani kuphawuleka ukubukiswa kwalolu cezu lomqulu?
Impendulo yalo mbuzo iphathelene nosuku lwalo mbhalo wesandla. IMiqulu Yasolwandle Olufile yabhalwa phakathi nekhulu lesithathu B.C.E. nekhulu lokuqala C.E. Ngaphambi kokutholakala kwayo eminyakeni engaba ngu-60 edlule, umbhalo wesandla wesiHebheru owawumdala kunayo yonke kwakuyi-Aleppo Codex yango-930 C.E. Ngaphandle-ke kwezingcezu ezimbalwa, ayikho eminye imibhalo yesandla yesiHebheru eye yatholakala yangenkathi engamakhulu amaningi eminyaka ngaphambi kwayo.
UJames S. Snyder, ongumqondisi e-Israel Museum, uthi: “Umbhalo wesandla weNgoma Yasolwandle uxhumanisa inkathi ephakathi kweyeMiqulu Yasolwandle Olufile . . . ne-Aleppo Codex.” Ngokusho kwakhe, lo mbhalo wesandla kanye neminye imibhalo yeBhayibheli yasendulo “uyisibonelo esihle esibonisa ukuthi imibhalo yalondolozwa injengoba injalo.”
Kukholelwa ukuthi lolu cezu lomqulu lungeminye yemibhalo yesandla eminingi eyatholwa ekupheleni kwekhulu le-19 leminyaka esinagogeni laseCairo, eGibhithe. Nokho, umuntu owayeqoqa imibhalo yesandla yesiHebheru waze wathola ukuthi lubalulekile ngemva kokuxoxa nochwepheshe othile ngasekupheleni kwawo-1970. Ngaleso sikhathi kwasetshenziswa inqubo yokubheka imisebe ye-carbon ephuma kulo ukuze kutholakale ukuthi olwanini lwabe selugcinwa nezinye izinto ezindala kwaze kwaba yilapho lubukiswa e-Israel Museum.
Ekhuluma ngokubaluleka kwalolu cezu lomqulu, u-Adolfo Roitman, oyisikhulu se-Shrine of the Book e-Israel Museum futhi ongumphathi weMiqulu Yasolwandle Olufile, uthi: “Umbhalo wesandla weNgoma Yasolwandle ubonisa ukwethembeka okuyingqayizivele okubonakala endleleni inguqulo yeBhayibheli yamaMasorete eyakopishwa ngayo phakathi namakhulu amaningi eminyaka. Kuyamangalisa ukuthi indlela ekhethekile izosha zeNgoma Yasolwandle ezihlelwe ngayo ayikakashintshi nanamuhla kuleyo eyasetshenziswa ekhulwini leminyaka lesi-7 nelesi-8.”
IBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, futhi nguJehova ngokuyinhloko oqinisekisa ukulondolozwa kwalo. Ngaphezu kwalokho, ababhali babecophelela lapho bekopisha imiBhalo. Ngakho-ke, akungabazeki ukuthi singalethemba iBhayibheli esilisebenzisa namuhla.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Courtesy of Israel Museum, Jerusalem