UJesu—Isibonelo Esiphelele Sokulandelwa
INGABE uyafuna ukuba umuntu ongcono, ojabula kakhulu? Umphostoli uPetru uchaza indlela esingakwenza ngayo lokhu. Uyabhala: ‘UKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.’ (1 Petru 2:21) Ngokuqinisekile, njengoba aphila ukuphila okuyingqayizivele, kuningi uJesu Kristu asifundisa khona. Ngokufunda ngoJesu nokuphila ngendlela aphila ngayo, singaba abantu abangcono nabajabula kakhulu. Ake sihlolisise ezinye izimfanelo lo muntu omkhulu ayenazo futhi sibone ukuthi singazuza kanjani esibonelweni sakhe.
UJesu wayelinganisela. Nakuba uJesu athi ‘akanayo indawo yokubeka ikhanda,’ akazange aphile noma akhuthaze indlela yokuphila ngokuzincisha. (Mathewu 8:20) Wayeya emicimbini. (Luka 5:29) Isimangaliso sakhe sokuqala esilotshiwe—ukuphendula amanzi abe iwayini edilini lomshado—sibonisa ukuthi wayengeyena umuntu ongabathandi abantu noma ozincishayo. (Johane 2:1-11) Kodwa, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi yini eyayibaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe. Wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.”—Johane 4:34.
□ Ingabe usuke wakuhlaziya ukuphila kwakho ukuze ubone ukuthi iyiphi indlela ongalinganisela ngayo ezintweni ezibonakalayo nasemigomweni engokomoya?
UJesu wayengeneka. IBhayibheli liveza uJesu njengomuntu owayenemfudumalo futhi enobungane. Wayengacasuki lapho abantu beza kuye nezinkinga zabo noma nemibuzo eyindida. Ngesinye isikhathi lapho ezungezwe isixuku, owesifazane owayesephile nesifo iminyaka engu-12 wathinta ingubo yakhe, enethemba lokuthi uzophulukiswa. Akazange amthethise ngesenzo sakhe esasibonakala siwukugabadela kodwa ngomusa wathi: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile.” (Marku 5:25-34) Nezingane zazikujabulela ukuba naye, zingesabi ukuthi azizukunakwa. (Marku 10:13-16) Lapho esebenzelana nabafundi bakhe babeba nezingxoxo ezikhululekile futhi ezinobungane. Babenganqikazi ukusondela kuye.—Marku 6:30-32.
□ Ingabe abanye bazizwa bekhululekile ukuxoxa nawe?
Wayenozwela nesihawu. Elinye lamakhono kaJesu avelele indlela ayekwazi ngayo ukuzibeka esimweni sabanye, azizwe ngendlela ababezizwa ngayo, futhi asabele ngezenzo eziwusizo. Umphostoli uJohane ulandisa ukuthi lapho uJesu ebona uMariya ekhala ngenxa yokufa komfowabo, uLazaru, “wabubula emoyeni futhi wakhathazeka” futhi “wakhala izinyembezi.” Ababebukele babengayibona kalula indlela uJesu ayewuzwela ngayo lo mkhaya, uzwela ayengenamahloni okuluveza obala. Yeka isihawu asibonisa lapho evusa umngane wakhe!—Johane 11:33-44.
Ngesinye isikhathi, umuntu othile owayenochoko—isifo esibi esasimenza angahlangani nabanye abantu—wancenga uJesu: “Nkosi, uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke.” Indlela uJesu asabela ngayo yayijabulisa ngempela: “Elula isandla, wamthinta, ethi: ‘Ngiyathanda. Hlanzeka.’” (Mathewu 8:2, 3) UJesu akazange aphulukise abantu ukuze nje kugcwaliseke iziprofetho. Wayefuna ukubasula izinyembezi. Yonke into ayenza yayilawulwa amanye amazwi akhe akhunjulwa kakhulu: “Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.”—Luka 6:31.
□ Ingabe isihawu sakho siyabonakala ezenzweni zakho?
UJesu wayenokuqonda. Nakuba ayengumuntu ongawenzi amaphutha, uJesu akazange alindele ukuphelela kwabanye noma azibone emkhulu; futhi akazange enze ngokungaqondi. Ngesinye isikhathi, owesifazane “owaziwayo emzini ukuthi uyisoni” wabonisa ukholo lwakhe nokwazisa ngokugeza izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe. UJesu wamvumela ukuba enze kanjalo, okwamangaza owayemmemile, owamahlulela kabi lona wesifazane. Eqonda ukuba qotho kwakhe, uJesu akazange amlahle lona wesifazane ngezono zakhe. Kunalokho, wathi: “Ukholo lwakho lukusindisile; hamba ngokuthula.” Ngenxa yempendulo kaJesu efudumele, akungabazeki ukuthi lona wesifazane washukumiseleka ukuba alahle indlela yakhe yokuphila yangaphambili.—Luka 7:37-50.
□ Ingabe waziwa ngokusheshe uncome nangokwephuza ukwahlulela?
Wayengakhethi futhi enenhlonipho. Ngenxa yokuthi cishe babenobuntu obufanayo futhi mhlawumbe beyizihlobo, uJesu wayemthanda ngokukhethekile uJohane.a Noma kunjalo, akazange ababandlulule abanye abafundi, noma abonise ukukhetha. (Johane 13:23) Empeleni, lapho uJohane nomfowabo uJakobe becela izikhundla eziphambili eMbusweni kaNkulunkulu, uJesu waphendula: “Lokhu kuhlala phansi ngakwesokunene sami noma ngakwesobunxele sami akukhona okwami ukuba ngiphane ngakho.”—Marku 10:35-40.
UJesu wayebahlonipha njalo abanye. Akazange ahlanganyele ekubandlululweni kwabantu bangesikhathi sakhe. Ngokwesibonelo, abesifazane babephathwa njengabaphansi kunabesilisa. Kodwa, uJesu wanika abesifazane isithunzi esibafanele. Lapho evuma okokuqala obala ukuthi unguMesiya, wayekhuluma nowesifazane owayengeyena umJuda kodwa engumSamariya, ngokuvamile amaJuda ayewadelela, ingasaphathwa eyokuwabingelela. (Johane 4:7-26) Futhi abesifazane uJesu abanika ilungelo lokuba ofakazi bokuqala bokuthi wayevusiwe.—Mathewu 28:9, 10.
□ Ingabe awukhethi ekusebenzelaneni nabantu bolunye uhlanga, ubulili obuhlukile, ulimi noma esinye isizwe?
Wafeza indima yakhe yokuba indodana nokuba umfowabo omdala wezingane zakubo. Kubonakala sengathi usingayise kaJesu, uJosefa, wafa uJesu esemncane. Cishe uJesu wondla unina nabafowabo nodadewabo abancane ngokusebenza njengombazi. (Marku 6:3) Phakathi nemizuzu yokugcina yokuphila kwakhe, wacela uJohane ukuba anakekele unina.—Johane 19:26, 27.
□ Ungamlingisa yini uJesu ngokunakekela imithwalo yemfanelo yomkhaya njengaye?
UJesu wayengumngane weqiniso. UJesu wayengumngane omangalisayo. Kanjani? Akazange abalahle abangane bakhe ngenxa nje yokuthi benza amaphutha, ngisho nalapho bewaphinda. Abafundi bakhe babengaziphathi ngendlela ayengase afise ngayo ngaso sonke isikhathi. Kodwa wazibonakalisa engumngane kubo ngokugxila ezimfanelweni zabo ezinhle kunokubasola ngezisusa ezimbi. (Marku 9:33-35; Luka 22:24-27) Esikhundleni sokuphoqelela imibono yakhe kubo, wayebacela ukuba baveze imibono yabo ngokukhululeka.—Mathewu 16:13-15.
Ngaphezu kwakho konke, uJesu wayebathanda abangane bakhe. (Johane 13:1) Kangakanani? Wathi: “Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.” (Johane 15:13) Ingabe ukhona ongapha abangane bakhe isipho esiyigugu ukwedlula ukuphila kwakhe?
□ Ingabe uqhubeka ungumngane ngisho nalapho abanye bekucasula noma bekukhubekisa?
Wayenesibindi futhi eyindoda. UJesu wayehluke kakhulu kumuntu obuthakathaka onganaki osemifanekisweni yabanye abadwebi. AmaVangeli amchaza njengendoda eqinile futhi enamandla. UJesu waxosha abathelisi nezimpahla zabo ethempelini kabili. (Marku 11:15-17; Johane 2:14-17) Lapho isixuku sizobopha “uJesu umNazaretha,” waziveza ngesibindi ukuze avikele abafundi bakhe, esho ngokuqinile: “Nginguye. Ngakho-ke, uma nifuna mina, bayekeni laba bahambe.” (Johane 18:4-9) Akumangalisi-ke ukuthi lapho uPontiyu Pilatu ebona isibindi sikaJesu eboshiwe futhi ephathwa kabi, wathi: “Bhekani! Indoda!”—Johane 19:4, 5.
□ Ingabe uthatha isinyathelo ngokushesha nangesibindi lapho ukubona lokho okufanele ukwenze?
Lezi nezinye izimfanelo ezimangalisayo zenza uJesu abe yisibonelo sethu esiphelele. Uma sivumela ukuthonywa indlela ayenza ngayo, siyoba abantu abangcono futhi abajabula kakhulu. Kungenxa yalesi sizathu umphostoli uPetru anxusa amaKristu ukuba alandele izinyathelo zikaJesu eduze. Ingabe uyazama ukulandela izinyathelo zikaJesu eduze ngangokunokwenzeka?
Wayengaphezu Nje Kwesibonelo Sokulandelwa
UJesu wayengaphezu nje kwesibonelo sokulandelwa. Wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Ngaphandle nje kokushumayela iqiniso ngoNkulunkulu, ngaleyo ndlela evula indlela yokusondela kuYe, uJesu wenza indlela yokuba abaqotho bathole ukuphila.—Johane 3:16.
Ngokuphathelene nesizathu sokuza kwakhe emhlabeni, uJesu wathi: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Ngokunikela ukuphila kwakhe njengomhlatshelo, uJesu wabeka isisekelo sokuba abantu bajabulele ukuphila okuphakade. Yini okufanele ngamunye wethu ayenze ukuze azuze kulelo lungiselelo? UJesu wachaza: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Yebo, ukungenisa ulwazi ngoJesu, silingise indlela yakhe yokuphila, nokubonisa ukholo ekufeni kwakhe okuwumhlatshelo kuyadingeka ukuze sithole ukuphila okuphakade. Siyakumema ukuba uzinike isikhathi sokutadisha umthombo walolo lwazi, iBhayibheli, futhi ulwele ukwenza lokho elikushoyo, njengoba uJesu enza.b
Ukuphila kukaJesu okuyisibonelo kusifundisa ukuthi hlobo luni lomuntu okufanele sibe yilo. Ukufa kwakhe okuwumhlatshelo kungasikhulula esonweni nasenkokhelweni yaso, ukufa. (Roma 6:23) Yeka ukuthi isimo sethu besiyodabukisa kanjani ngaphandle kwethonya elinamandla likaJesu Kristu! Ungalinge uvumele ukuba matasa nezinkathazo zokuphila kukuphuce ithuba lokucabanga nokulandela eduze isibonelo somuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila—uJesu Kristu.
[Imibhalo yaphansi]
a Unina kaJohane, uSalome, kungenzeka ukuthi wayengudadewabo kaMariya, unina kaJesu. Qhathanisa uMathewu 27:55, 56 noMarku 15:40 kanye noJohane 19:25.
b Ukuze uthole ukulandisa okuningiliziwe kokuphila kukaJesu lapha emhlabeni, bheka incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owakhe Waphila, eshicilelwa oFakazi BakaJehova.
[Izithombe ekhasini 7]
◼ UJesu wayengakhethi futhi ehlonipha bonke abantu
◼ Wayengumngane weqiniso kwaze kwaba sekugcineni
◼ Wayenesibindi
Ingabe uyazama ukulandela izinyathelo zikaJesu eduze ngangokunokwenzeka?
[Izithombe ekhasini 5]
UJesu wayelinganisela . . .
engeneka . . .
enesihawu