‘Ukuphulukisa Ngokuyisimangaliso’ Namuhla—Ingabe Kuvela KuNkulunkulu?
EMAZWENI athile kuvamile ukubona abantu bevakashela izindawo ezingcwele lapho abaningi bethi baye baphulukiswa khona ekuguleni ngisho nasezifweni “ezingelapheki.” Kwamanye amazwe, izinyanga zithi zelapha abantu ngamandla angaphezu kwawemvelo. Kanti kwamanye, kuba nemibuthano yenkolo eshukumisa imizwelo lapho abantu abagulayo bengase bayeke ukuhamba ngezihlalo zabakhubazekile noma balahle izindondolo zabo futhi bathi baphulukisiwe.
Iningi lalabo abenza ukuphulukisa okunjalo basezinkolweni ezingafani futhi bavame ukugxekana babizane ngezihlubuki, abakhohlisi noma amaqaba. Ngakho, umbuzo ongase uphakame uthi, Ingabe uNkulunkulu wenza izimangaliso ngemizila ehlukahlukene futhi ephikisanayo? Phela, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu unguNkulunkulu wokuthula akayena owesiyaluyalu.” (1 Korinte 14:33) Ngakho, ingabe lokho ‘kuphulukisa ngokuyisimangaliso’ kuvela kuNkulunkulu ngempela? Abanye abaphulukisi bathi baphulukisa ngamandla kaJesu. Ake sihlole indlela uJesu abaphulukisa ngayo abanye.
Indlela UJesu Aphulukisa Ngayo Abantu
UJesu waphulukisa abantu ngezindlela ezihluke kakhulu kulezo zabaphulukisi banamuhla. Ngokwesibonelo, waphulukisa wonke umuntu owayeza kuye ezofuna usizo. Akazange aphulukise abathile esixukwini abese exosha abanye bengazange baphulukiswe. Labo abaphulukiswa uJesu babephulukiswa ngokuphelele futhi ngokuvamile kwakwenzeka ngaso leso sikhathi. IBhayibheli lithi: “Sonke isixuku sasifuna ukumthinta, ngoba kwakuphuma amandla kuye futhi ebaphulukisa bonke.”—Luka 6:19.
Ngokungafani nabaphulukisi bosuku lwanamuhla, abavame ukugxeka ogulayo ngokuntula kwakhe ukholo lapho behluleka ukumphulukisa, uJesu waphulukisa ngisho nabathile ababengakabi nalo ukholo kuye. Ngokwesibonelo, kwake kweza umuntu oyimpumputhe kuJesu engambizanga futhi wamphulukisa. Kamuva uJesu wambuza: “Ingabe unalo ukholo eNdodaneni yomuntu?” Lo muntu waphendula: “Ingubani, mnumzane, ukuze ngibe nokholo kuyo?” UJesu wathi kuye: “Lo okhuluma nawe uyiyo.”—Johane 9:1-7, 35-38.
Ungase uzibuze, ‘Uma ukholo lwalungeyona imfuneko yokuphulukiswa uJesu, kungani uJesu ayevame ukuthi kulabo ayebaphulukisa: “Ukholo lwakho lukuphilisile.”?’ (Luka 8:48; 17:19; 18:42) Ngokusho lokho, uJesu wayebonisa ukuthi labo ababeshukunyiswe ukholo ukuba bamfune babephulukiswa, kuyilapho abantu ababenqaba ukuza kuye bengazange balithole lelo thuba. Labo abaphulukisa abazange baphulukiswe ukholo lwabo; baphulukiswa ngamandla kaNkulunkulu. IBhayibheli lithi ngoJesu: ‘UNkulunkulu wamgcoba ngomoya ongcwele nangamandla, futhi wadabula izwe enza okuhle, ephulukisa bonke abacindezelwe uDeveli; ngoba uNkulunkulu wayenaye.’—IzEnzo 10:38.
Ngokuvamile, kubonakala sengathi imali inendima ebalulekile ekuphulukiseni kwanamuhla. Abaphulukisi baphawulwa ngokuba mandla ekuqongeleleni imali. Kubikwa ukuthi omunye umphulukisi onjalo wathola imali engamaRandi ayizigidi ezingu-684 ngonyaka owodwa ngomsebenzi awenza emhlabeni wonke. Izinhlangano zenkolo nazo ziyazuza ngabantu abavakashela izindawo ezingcwele ngethemba lokuphulukiswa. Ngokuphambene, uJesu akakaze afune imali kubantu ayebaphulukisa. Ngezinye izikhathi wayeze abanike ukudla. (Mathewu 15:30-38) Lapho uJesu ethumela abafundi bakhe ukuba bayoshumayela, wathi kubo: “Yelaphani abantu abagulayo, nivuse abantu abafile, nenze abanochoko bahlanzeke, nixoshe amademoni. Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Kungani izindlela zabaphulukisi bosuku lwanamuhla zihluke kangaka kwezikaJesu?
“Ukuphulukisa” Kuvela Kumuphi Umthombo?
Sekuphele iminyaka abanye ochwepheshe bezokwelapha behlola okushiwo abaphulukisi bezenkolo. Batholeni? Ngokwe-Daily Telegraph yaseLondon, udokotela waseNgilandi owachitha iminyaka engu-20 ecwaninga ngale ndaba wathi: “Imibiko yokuphulukisa ngokuyisimangaliso enesasasa ayisekelwa ngisho nawubufakazi obubodwa bezokwelapha.” Kodwa, abantu abaningi bakholelwa ngobuqotho ukuthi baye baphulukiswa ngamandla ezinsalela zezinto ezingcwele, izindawo ezingcwele noma abaphulukisi bezenkolo. Kungenzeka yini ukuthi baye bakhohliswa?
ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni edumile, uJesu wathi abakhohlisi benkolo bayothi kuye: ‘Nkosi, Nkosi, asenzanga yini imisebenzi eminingi yamandla egameni lakho na?’ Kodwa wayeyophendula athi: “Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho.” (Mathewu 7:22, 23) Ngokuphathelene nomthombo wamandla abantu abanjalo abathi banawo, umphostoli uPawulu waxwayisa: “Ukuba khona kongenamthetho kungokokusebenza kukaSathane ngayo yonke imisebenzi yamandla nezibonakaliso zamanga nezimangaliso nangayo yonke inkohliso engalungile.”—2 Thesalonika 2:9, 10.
Ngaphezu kwalokho, “ukuphulukisa” okuhlobene nezinsalela zezinto ezingcwele, izithombe nemifanekiso akuveli kuNkulunkulu. Ngani? Ngoba iZwi likaNkulunkulu lisho ngokucacile ukuthi: “Kubalekeleni ukukhonza izithombe,” nokuthi “Ziqapheni ezithombeni.” (1 Korinte 10:14; 1 Johane 5:21) “Ukuphulukisa” okunjalo kuyingxenye yecebo likaDeveli lokudedisela abantu kude nokukhulekela kweqiniso. IBhayibheli lithi: “USathane ngokwakhe uziguqula ingelosi yokukhanya.”—2 Korinte 11:14.
Okwenza UJesu Nabaphostoli Baphulukisa Abantu
Ukuphulukisa okuyisimangaliso kweqiniso okulotshwe emiBhalweni YamaKristu YesiGreki kubonisa ngokusobala ukuthi uJesu nabaphostoli bakhe babethunywe uNkulunkulu. (Johane 3:2; Hebheru 2:3, 4) Ukuphulukisa kukaJesu ngokuyisimangaliso kubuye kusekelwe nayisigijimi asishumayela: “Walijikeleza lonke elaseGalile, efundisa emasinagogeni abo futhi eshumayela izindaba ezinhle zombuso, elapha yonke inhlobo yesifo.” (Mathewu 4:23) Imisebenzi kaJesu yamandla—engahlanganisi kuphela ukuphulukisa abagulayo kodwa nokunika izixuku ukudla, ukulawula isimo sezulu ngisho nokuvusa abafileyo—yabonisa lokho ayokwenzela abantu abalalelayo ngaphansi kokubusa koMbuso wakhe. Lezo izindaba ezinhle ngempela!
Leyo misebenzi yamandla, noma izipho zomoya, yaphela lapho kufa uJesu nabaphostoli kanye nanoma ubani ababedlulisele kuye lezo zipho. Umphostoli uPawulu wabhala: “Kungakhathaliseki ukuthi kukhona izipho zokuprofetha, ziyoqedwa; kungakhathaliseki ukuthi kukhona izilimi [ezikhulunywa ngokuyisimangaliso], ziyokhawuka; kungakhathaliseki ukuthi kukhona ulwazi [olwembulwa uNkulunkulu], luyoqedwa.” (1 Korinte 13:8) Ngani? Njengoba isiyifezile injongo yayo—ukubonakalisa uJesu njengoMesiya othenjisiwe nokuthi ibandla lobuKristu liyamukeleka kuNkulunkulu—leyo misebenzi yamandla, kuhlanganise ukuphulukisa, ayisadingeki; ‘isiqediwe.’
Noma kunjalo, ukuphulukisa kukaJesu ngokuyisimangaliso kunesigijimi esibalulekile kithi namuhla. Uma sikunakisisa lokho okwafundiswa uJesu ngoMbuso kaNkulunkulu futhi siba nokholo kukho, singabheka phambili esikhathini lapho lesi siprofetho esiphefumulelwe siyogcwaliseka khona ngomqondo ongokomoya nongokoqobo: “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24; 35:5, 6; IsAmbulo 21:4.