Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 12/15 kk. 23-26
  • Ngiwubonile Wanda EKorea

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngiwubonile Wanda EKorea
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ekugcineni Saya EKorea
  • Basizwa Ukuba Banqobe Izithiyo
  • Sibhekana Nenselele
  • UNkulunkulu Ubusisa Umsebenzi Wethu
  • Ukuphila Ngenkathi Yezinguquko Ezinkulu EKorea
    I-Phaphama!—2008
  • Ukuhlanganiswa Kwemikhaya YaseKorea—Ingabe Kuyisiqalo Esisha?
    I-Phaphama!—2001
  • Ekugcineni Ngathola Inkululeko Yangempela!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izithunywa Zevangeli Ziqhubekisela Phambili Ukwanda Emhlabeni Wonke
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 12/15 kk. 23-26

Ngiwubonile Wanda EKorea

Ilandiswa UMilton Hamilton

“Siyadabuka ukunazisa ukuthi uhulumeni weRiphabhuliki yaseKorea uwahoxisile wonke ama-‘visa’ enu zithunywa zevangeli futhi uthi anamukeleki ezweni. . . . Ngakho-ke, nabelwe eJapane okwesikhashana.”

NGASEKUPHELENI kuka-1954, mina nomkami sathola lo myalezo ongenhla uvela eBrooklyn, eNew York, e-U.S.A. Ngaphambili ngawo lowo nyaka, sasithole iziqu ekilasini lama-23 leSikole SaseGileyadi esasisenhla neNew York. Lapho sithola le ncwadi, sasikhonza okwesikhashana e-Indianapolis, e-Indiana.

Mina nomkami, uLiz, (ngaphambili owayengowakwaSemock) sasifunda ndawonye esikoleni esiphakeme. Kamuva, ngo-1948 sashada. Wayeyithanda inkonzo yesikhathi esigcwele kodwa emanqikanqika ngokusuka e-United States ayokhonza kwelinye izwe. Yini eyamenza washintsha umqondo wakhe?

ULiz wavuma ukuya nami emhlanganweni walabo ababenesifiso sokuyoqeqeshwa eGileyadi. Lowo mhlangano waqhutshwa phakathi nomhlangano wezizwe eYankee Stadium, eNew York, ehlobo lika-1953. Ngemva kwalowo mhlangano okhuthazayo, sagcwalisa amafomu esicelo sokuya eGileyadi. Samangala lapho simenyelwa ukuba siye ekilasini elilandelayo, elalizoqala ngo-February 1954.

Sabelwa eKorea nakuba impi eyathatha iminyaka emithathu yayisanda kuphela ehlobo lika-1953, ishiya izwe likhahlamezekile. Ngokuvumelana nesiqondiso esasisencwadini ecashunwe ngenhla, saqale saya eJapane. Ngemva kohambo olwathatha izinsuku ezingu-20 olwandle, safika ngo-January 1955 sikanye nezinye izithunywa zevangeli eziyisithupha nazo ezazabelwe ukuya eKorea. ULloyd Barry, owayengumbonisi wegatsha laseJapane ngaleso sikhathi, wasihlangabeza echwebeni ngo-6:00 ekuseni. Asipholisanga maseko sahamba saya ekhaya lezithunywa zevangeli eYokohama. Kamuva ngalo lolo suku sanikela enkonzweni.

Ekugcineni Saya EKorea

Ngokuhamba kwesikhathi sawathola ama-visa okungena eRiphabhuliki yaseKorea. Ngo-March 7, 1955, sasuka ngendiza esikhumulweni sezindiza saseTokyo iHaneda International Airport sahamba amahora amathathu silibangise esikhumulweni sezindiza SaseSeoul iYoido Airport. Sahlangatshezwa oFakazi baseKorea abangaphezu kuka-200 futhi sakhala izinyembezi zenjabulo. Ngaleso sikhathi kwakunoFakazi abayinkulungwane kuphela kulo lonke elaseKorea. Njengabantu abaningi baseNtshonalanga, sasicabanga ukuthi abantu baseMpumalanga babefana futhi benza izinto ngendlela efanayo kungakhathaliseki ukuthi badabukaphi. Akusithathanga isikhathi eside ukubona ukuthi sasishaye phansi. Abantu baseKorea abahlukanga nje ngolimi kanye nezinhlamvu zabo zokubhala kodwa nangokudla, ukubukeka, imvunulo nezinye izinto ezingatholakali kwenye indawo, njengemiklamo yezakhiwo zabo.

Inselele yokuqala enkulu yaba ukufunda ulimi. Zazingekho izincwadi esasingazisebenzisa ukuze sifunde isiKorea. Sasheshe sabona ukuthi kwakunzima ukuphinda imisindo yamagama ngendlela enembile ngokusebenzisa imisindo yamagama esiNgisi kuphela. Ukuphela kwendlela umuntu angafunda ngayo ukuphimisela amagama kahle, ukufunda izinhlamvu zamagama esiKorea.

Sawenza amaphutha. Ngokwesibonelo, uLiz wake wabuza umninikhaya ukuthi wayenalo yini iBhayibheli. Indlela umninikhaya ambheka ngayo yabonisa ukuthi wayexakekile, kodwa wahamba wayolanda ibhokisi likamentshisi. ULiz wayethe ucela i-sungnyang (umentshisi) esikhundleni sokuthi i-sungkyung, okuyigama elisho “iBhayibheli.”

Ngemva kwezinyanga ezimbalwa sabelwa ukuba siyovula ikhaya lezithunywa zevangeli ePusan, edolobheni eliyitheku elingaseningizimu. Sakwazi ukuqasha amakamelo amathathu amancane. Elilodwa kwakuyoba elethu, amanye amabili kube awodade ababili esasabelwe nabo. La makamelo ayengenabo ompompi noma izindlu zangasese ezishaywayo. Amanzi ayeba maningi ebusuku kuphela futhi sikwazi ukuwadonsa ngepayipi lokunisela afike esitezi sokuqala. Ngakho sasishintshana sivuke ekuseni kakhulu siwakhe. Kwakudingeka siwabilise noma siwafake i-chlorine ukuze sikwazi ukuwaphuza.

Zikhona nezinye izinselele esabhekana nazo. Ugesi esasiwuthola wawumncane kakhulu kangangokuthi sasingenakukwazi ukusebenzisa umshini wokuwasha noma i-ayini. Ikhishi lethu kwakuyiphasishi, futhi linesitofu sikaphalafini kuphela esasibasa ngaso. Ngokushesha, sonke safunda ukupheka ngosuku esabelwe ngalo ukupheka. Ngemva kweminyaka emithathu sifikile, mina noLiz saphathwa isifo sokuvuvuka kwesibindi (i-hepatitis). Izithunywa zevangeli eziningi zaziphathwa yilesi sifo ngaleyo minyaka. Kwathatha izinyanga ukuba silulame futhi saphathwa nangezinye izifo.

Basizwa Ukuba Banqobe Izithiyo

Inhlonhlo yaseKorea yayilokhu ingenye yezindawo ezinezinxushunxushu zezombangazwe kakhulu e-Asia iminyaka engu-55. Le ndawo ihlukaniswe indawo okungalwiwa kuyo. Ingamakhilomitha angu-55 ukusuka enyakatho yeSeoul, eyinhloko-dolobha yeRiphabhuliki yaseKorea. Ngo-1971, savakashelwa uFrederick Franz owayekhonza endlunkulu eBrooklyn. Ngamphelezela kule ndawo okungalwiwa kuyo, umngcele ezokuphepha eziqiniswe kakhulu kuwo emhlabeni wonke. Kwase kuyiminyaka izikhulu zeZizwe Ezihlangene zihlangana lapho nabameleli balab’ ohulumeni ababili.

Yiqiniso, asithathi hlangothi kwezombangazwe zaleli zwe, ngisho nakulesi simo esisenhlonhlweni yaseKorea. (Joh. 17:14) Ngenxa yokwenqaba ukuyolwa nomakhelwane babo, oFakazi baseKorea abangaphezu kuka-13 000 baye bachitha iminyaka engu-26 000 bebhadla ejele. (2 Kor. 10:3, 4) Bonke abazalwane baseKorea abasebasha bayazi ukuthi bazobhekana nale nselele, kodwa abesabi. Kuyadabukisa ukuthi uhulumeni angabiza izikhonzi ezingamaKristu ngokuthi “izephula-mthetho,” “icala” lazo kube nje ukuthi zenqaba ukuyekethisa endabeni yokungathathi-hlangothi kobuKristu.

Emuva ngo-1944, phakathi neMpi Yezwe II, nami ngenqaba ukubuthwa, ngakho kwadingeka ngichithe iminyaka emibili nesigamu ejele lase-United States eLewisburg, ePennsylvania. Ngakho, nakuba abafowethu baseKorea beye babhekana nesikhathi esinzima ngaphezu kwesami ejele, ngiyakwazi lokho lab’ oFakazi abasebasha ababhekana nakho. Abaningi kwabakhuthaza ukwazi ukuthi abanye kithi thina zithunywa zevangeli eziseKorea sake sabhekana nezimo ezifana nezabo.—Isaya 2:4.

Sibhekana Nenselele

Ukungathathi-hlangothi kwethu kwathinteka empikiswaneni eyaphakama ngo-1977. Izikhulu zazicabanga ukuthi sithonye izinsizwa zaseKorea ukuba zenqabe ukubuthwa ziye empini. Ngakho, uhulumeni wanquma ukungabe esanika izithunywa zevangeli ezaziphuma kuleli zwe imvume yokuphinde zibuye kungakhathaliseki ukuthi zazihamba ngasizathu sini. Lo mthetho wasebenza kusukela ngo-1977 kwaze kwaba ngo-1987. Ukube saphuma eKorea ngaleyo minyaka, ngabe asizange sivunyelwe ukubuyela. Ukuze sigweme lokhu asiyanga ekhaya phakathi naleyo minyaka.

Sahlangana kaningi nezikhulu zikahulumeni futhi sazichazela ukuma kwethu kokungathathi hlangothi njengabalandeli bakaKristu. Ekugcineni zacacelwa ukuthi lokhu kwakungasesabisi, ngakho lo mthetho ovimbelayo wagcina uqediwe—ngemva kweminyaka eyishumi. Phakathi naleyo minyaka kunezithunywa zevangeli ezimbalwa okwadingeka ukuba zihambe ngenxa yezizathu ezinjengezempilo, kodwa iningi lethu lahlala, futhi siyajabula ngalokho.

Phakathi nawo-1980, abantu ababephikisa inkonzo yethu bamangalela ngamanga abaqondisi benhlangano ngokuthi babefundisa izinsizwa ukuba zingavumi ukubuthelwa empini. Lapho ezwa lokho, uhulumeni wasibiza ngamunye ngamunye sayophenywa. Ngo-January 22, 1987, ihhovisi lomshushisi lathola ukuthi la macala ayengenasisekelo. Lokhu kwalungisela nabanye izinto esikhathini esizayo.

UNkulunkulu Ubusisa Umsebenzi Wethu

Ukuphikiswa komsebenzi wethu kwakulokhu kukhula eKorea njengoba iminyaka iqhubeka ngenxa yokungathathi-hlangothi kwethu. Ngakho kwaya kuba nzima ngokwengeziwe ukuthola izindawo ezifanelekayo zemihlangano emikhulu. Ngakho-ke, oFakazi bathatha isinyathelo sokwakha iHholo LoMhlangano ePusan, elokuqala eMpumalanga. Ngaba nelungelo lokunikeza inkulumo yokulinikezela ngo-April 5, 1976, phambi kwabantu abangu-1 300.

Kusukela ngo-1950, angamashumi ezinkulungwane amabutho ase-United States abelokhu etshalwa eKorea. Lapho esebuyele e-United States, amaningi aba oFakazi abakhuthele. Sekukaningi sithola izincwadi ezivela kubo, futhi sikubheka njengesibusiso ukuthi siye sabasiza ngokomoya.

Ngokudabukisayo, umkami engimthandayo, uLiz, washona ngo-September 26, 2006. Angive ngimkhumbula. Phakathi neminyaka engu-51 ayichitha lapha, wayamukela noma isiphi isabelo ngenjabulo, futhi akakaze akhononde. Akakaze asikisele noma ayithi vu eyokubuyela e-United States, izwe ake wathi akacabangi nanini ukulishiya!

Ngiyaqhubeka ngikhonza njengelungu lomkhaya waseBethel eKorea. Umkhaya wethu usukhule kusukela kwabambalwa eminyakeni yokuqala waba namalungu angaba ngu-250 namuhla. Ngikubheka njengelungelo ukukhonza eKomitini Yegatsha enamalungu angu-7 eyengamela umsebenzi walapha.

Nakuba iKorea yayiyizwe elimpofu kakhulu lapho sifika, manje ingelinye lamazwe acebe kakhulu emhlabeni. KunoFakazi abangaphezu kuka-95 000 eKorea futhi abacishe babe amaphesenti angu-40 bakhonza njengamaphayona avamile noma asizayo. Konke lokhu kuyizizathu ezenza ngikwazise ukuthi ngiye ngakhonza uNkulunkulu lapha futhi ngabona umhlambi wakhe wanda.

[Isithombe ekhasini 24]

Ngenkathi sifika eKorea nezinye izithunywa zevangeli

[Isithombe ekhasini 24, 25]

Ngesikhathi sikhonza ePusan

[Isithombe ekhasini 25]

NginoMfoweth’ uFranz endaweni okungavunyelwe ukulwa kuyo, ngo-1971

[Isithombe ekhasini 26]

NginoLiz ngaphambi nje kokuba ashone

[Isithombe ekhasini 26]

Igatsha laseKorea engiqhubeka ngikhonza kulo njengelungu lomkhaya waseBethel

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela