‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
“Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa usuku nosuku angilandele.”—LUKA 9:23.
1, 2. (a) Isiphi isimemo somusa esenziwa uJesu? (b) Wena uye wasabela kanjani esimemweni sikaJesu?
NGASEKUPHELENI kwenkonzo yakhe, uJesu wafakaza ePhereya, isifunda esingaphesheya kweJordani, enyakatho-mpumalanga yeJudiya. Kweza kuye insizwa, yambuza ukuthi kwakufanele yenzeni ukuze ithole ukuphila okuphakade. Esetholile ukuthi le nsizwa yayiwugcina ngokwethembeka uMthetho KaMose, uJesu wayimema ukuba yenze into engavamile. Wathi: “Hamba, uthengise lokho onakho uphe abampofu, khona-ke uyoba nengcebo ezulwini, bese uza ube ngumlandeli wami.” (Marku 10:21) Cabanga nje umenywa ukuba ube umlandeli kaJesu, iNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu oPhezukonke!
2 Le nsizwa yasenqaba lesi simemo, kodwa abanye basamukela. Ngaphambili, uJesu wayethe kuFiliphu: “Yiba umlandeli wami.” (Joh. 1:43) UFiliphu wavuma futhi kamuva waba umphostoli. UJesu wasiphinda lesi simemo nakuMathewu, naye futhi wasamukela. (Math. 9:9; 10:2-4) Empeleni, uJesu wayemema bonke abathandi bokulunga lapho ethi: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa usuku nosuku angilandele njalo.” (Luka 9:23) Ngakho, noma ubani angaba umlandeli kaJesu uma efuna ngempela. Ingabe uyafisa ukuba nguye? Iningi lethu selisamukele lesi simemo sikaJesu somusa, futhi lapho sisenkonzweni yasensimini sisidlulisela kwabanye.
3. Singakugwema kanjani ukukhukhuleka singabe sisamlandela uJesu?
3 Nokho, kuyadabukisa ukuthi abanye abaye babonisa isithakazelo eBhayibhelini abaqhubeki benaso. Kunalokho, siya ngokuncipha futhi ekugcineni ‘bakhukhuleke’ bangabe besamlandela uJesu. (Heb. 2:1) Singakugwema kanjani ukuwela kulolu gibe? Kuyasiza ukuzibuza: ‘Kahle-hle kungani ngakhetha ukulandela uJesu? Kusho ukuthini ukumlandela?’ Ukuhlale sicabanga ngezimpendulo zale mibuzo emibili kuyosisiza ukuba siqinise ukuzimisela kwethu ukuhlala sisendleleni enhle esiye sayikhetha. Kuyosisiza nokuba sikhuthaze abanye ukuba balandele uJesu.
Kungani Silandela UJesu?
4, 5. Kungani uJesu ekufanelekela ukuba umholi?
4 Umprofethi uJeremiya wathi: “Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jer. 10:23) Umlando uye wabonisa ukuthi amazwi kaJeremiya ayiqiniso. Kuyaqhubeka kubonakala ukuthi abantu abangaphelele abanakuzibusa ngokuphumelelayo. Thina samukela isimemo sokulandela uJesu ngoba safunda ukuthi nguyena okufanelekelayo ukuba uMholi wethu ngaphezu kwanoma imuphi omunye umuntu. Cabangela ezinye zezinto ezenza uJesu afaneleke.
5 Okokuqala, uJesu wakhethwa uJehova ngokwakhe ukuba abe uMesiya, uMholi. Ubani owazi kangcono kunoMdali wethu ukuthi ubani okufanele ammise njengoMholi wethu? Okwesibili, uJesu unezimfanelo esizazisayo nesingazilingisa. (Funda u-Isaya 11:2, 3.) Uyisibonelo esiphelele. (1 Pet. 2:21) Okwesithathu, uJesu ubakhathalela ngokujulile abantu abamlandelayo njengoba abonisa lapho ebafela. (Funda uJohane 10:14, 15.) Uzibonakalisa engumalusi okhathalelayo njengoba esiqondisa ekuphileni okujabulisayo manje nokuyoholela ekusaseni laphakade elikhazimulayo. (Joh. 10:10, 11; IsAm. 7:16, 17) Ngenxa yalezi zizathu kanye nezinye, sénza isinqumo esihlakaniphile lapho sikhetha ukumlandela. Nokho, le nkambo ihilelani?
6. Ukulandela uJesu kuhilelani?
6 Ukuba abalandeli bakaKristu kusho okungaphezu nje kokuzibiza ngamaKristu. Namuhla, abantu abangaba izigidi eziyizinkulungwane ezimbili bazibiza ngokuthi bangamaKristu, kodwa izenzo zabo zembula ukuthi “benza okungemthetho.” (Funda uMathewu 7:21-23.) Lapho abantu bebonisa isithakazelo esimemweni sokulandela uJesu, siyabachazela ukuthi amaKristu eqiniso avumelanisa ukuphila kwawo konke nezimfundiso nesibonelo sakhe—futhi lokhu akwenza zonke izinsuku zokuphila kwawo. Ukuze ubone ukuthi lokhu kusho ukuthini, cabanga ngezinye zezinto esizaziyo ngoJesu.
Lingisa Isibonelo SikaJesu Sokuhlakanipha
7, 8. (a) Kuyini ukuhlakanipha, futhi kungani uJesu ayehlakaniphe kangaka? (b) UJesu wakubonisa kanjani ukuhlakanipha, futhi singamlingisa kanjani?
7 UJesu wabonisa izimfanelo eziningi ezivelele, kodwa sizogxila kwezine: ukuhlakanipha, ukuthobeka, intshiseko nothando lwakhe. Sizoqala ngokuxoxa ngokuhlakanipha kwakhe—ikhono ayenalo lokusebenzisa ulwazi nokuqonda. Umphostoli uPawulu wabhala: “[KuJesu] kuthukuswé ngokucophelela yonke imicebo yokuhlakanipha neyolwazi.” (Kol. 2:3) UJesu wakutholaphi lokhu kuhlakanipha? Yena ngokwakhe wathi: ‘Ngikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.’ (Joh. 8:28) Ukuhlakanipha kwakhe wakuthola kuJehova, ngakho ayisimangazi indlela enhle kakhulu ayehlulela ngayo.
8 Ngokwesibonelo, uJesu wayenza izinqumo ezihlakaniphile lapho ekhetha indlela ayezophila ngayo. Wakhetha ukugcina ukuphila kwakhe kulula, wagxila entweni eyodwa kuphela: ukwenza intando kaNkulunkulu. Ngokuhlakanipha wasebenzisa isikhathi namandla akhe onke ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso. Silingisa isibonelo sikaJesu ngokulwela ukugcina ‘iso lethu lilihle,’ kanjalo sigweme ukuzithwesa izinto ezingadingekile ezisithikamezayo nezisishiya sikhathele. (Math. 6:22) AmaKristu amaningi aye athatha izinyathelo zokwenza ukuphila kwawo kube lula ukuze akwazi ukunikela isikhathi esithe xaxa enkonzweni. Amanye aye akwazi ukungenela inkonzo yamaphayona. Uma ungomunye wawo, kumelwe unconywe kakhulu. ‘Ukufuna kuqala umbuso’ kuletha injabulo nokwaneliseka okukhulu.—Math. 6:33.
Thobeka NjengoJesu
9, 10. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayethobekile?
9 Isici sesibili sobuntu bukaJesu esizoxoxa ngaso ukuthobeka kwakhe. Lapho abantu abangaphelele benikezwa igunya, bavame ukuqala ukuthwala amahlombe. Yeka ukuthi uJesu wayehluke kangakanani! Nakuba enesikhundla esibalulekile ekufezekeni kwenjongo kaJehova, uJesu wayengenakho nokuncane ukuzikhukhumeza futhi sikhuthazwa ukuba simlingise kulesi sici. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yibani nalesi simo sengqondo esasikhona nakuKristu Jesu, owathi nakuba ephila ngesimo sikaNkulunkulu, wangakucabangela ukuqhwaga, okungukuthi, ukuba alingane noNkulunkulu. Cha, kodwa wazidela, wathatha isimo senceku wafana nabantu.” (Fil. 2:5-7) Kwakuhilelani lokhu?
10 UJesu wayenelungelo elimangalisayo lokuhlala noYise ezulwini, kodwa “wazidela” ngokuzithandela. Ukuphila kwakhe kwadluliselwa esibelethweni sencasakazi engumJuda, lapho akhulela khona izinyanga ezingu-9 kwaze kwaba sekuzalweni kwakhe njengosana olungenakuzisiza emzini wombazi ophansi. UJesu wakhulela kulo muzi kaJosefa, kwafika isikhathi sokuba acathule, wakhula waba umfanyana kamuva waba ibhobhodleyana. Wayengenasono. Nokho, phakathi nayo yonke iminyaka yakhe yobusha wazithoba kubazali ababeyizoni ezingaphelele. (Luka 2:51, 52) Yeka ukuthobeka okungavamile!
11. Iziphi izindlela esingalingisa ngazo ukuthobeka kukaJesu?
11 Silingisa ukuthobeka kukaJesu lapho samukela izabelo ezibonakala ziphansi. Ngokwesibonelo, cabanga ngesabelo sokushumayela izindaba ezinhle. Lo msebenzi ungase ubonakale uphansi, ikakhulu lapho abantu bengasinaki, besihleka noma besizonda. Nokho, ngokuphikelela emsebenzini wokushumayela, sisiza abanye ukuba bamukele isimemo sokulandela uJesu. Ngaleyo ndlela, sifaka isandla ekusindisweni kwabantu. (Funda eyesi-2 Thimothewu 4:1-5.) Esinye isibonelo esokunakekela iHholo lethu LoMbuso. Lokhu kungahlanganisa ukuchitha imigqomo kadoti, ukolobha nokuhlanza izindlu zangasese—konke okuyimisebenzi ephansi! Noma kunjalo, siyaqaphela ukuthi ukunakekela iHholo lethu LoMbuso—isikhungo sokukhulekela okuhlanzekile endaweni yakithi—kuyingxenye yenkonzo yethu engcwele. Ngokuzifeza ngokuzithandela izabelo ezingase zibonakale ziphansi, sibonisa ukuthobeka futhi kanjalo silandela ezinyathelweni zikaKristu.
Shiseka NjengoJesu
12, 13. (a) UJesu wayibonisa kanjani intshiseko, futhi yini eyayimshukumisa? (b) Yini eyosishukumisela ukuba sibe nentshiseko enkonzweni?
12 Cabanga ngentshiseko kaJesu enkonzweni. UJesu wenza izinto eziningi ngesikhathi elapha emhlabeni. Esemusha, cishe wasebenza nosingayise uJosefa njengombazi. Phakathi nenkonzo yakhe, wenza izimangaliso ezihlanganisa ukuphulukisa abagulayo nokuvusa abafileyo. Kodwa umsebenzi wakhe oyinhloko kwakuwukushumayela izindaba ezinhle nokufundisa labo ababezimisele ukulalela. (Math. 4:23) Njengabalandeli bakhe, sinomsebenzi ofanayo. Singasilingisa kanjani isibonelo sakhe? Enye indlela iwukuhlakulela izisusa ezifana nezakhe.
13 Ngaphezu kwakho konke, uthando ngoNkulunkulu lwashukumisa uJesu ukuba ashumayele futhi afundise. Kodwa wayewathanda namaqiniso ayewafundisa. Kuye, lawo maqiniso ayengamagugu enani elikhulu, futhi wayekulangazelela ukuwahlanganyela nabanye. ‘Njengabafundisi basobala,’ sizizwa ngendlela efanayo. Cabanga nje ngamanye amaqiniso ayigugu esiye sawafunda eZwini likaNkulunkulu! Siyayazi impikiswano yobukhosi bendawo yonke nokuthi izoxazululwa kanjani. Sikwazi kahle lokho okufundiswa imiBhalo ngesimo sabafileyo nangezibusiso esiyozithola ezweni elisha likaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi la maqiniso sisanda kuwafunda noma sawafunda kudala, awashintshi futhi ayigugu elingenakuqhathaniswa ngempela. (Funda uMathewu 13:52.) Ngokushumayela ngentshiseko esuka enhliziyweni, sidlulisela kwabanye uthando lwethu ngalokho uJehova asifundise khona.
14. Singayilingisa kanjani indlela kaJesu yokufundisa?
14 Phawula futhi indlela kaJesu yokufundisa. Njalo wayeqondisa izilaleli zakhe emiBhalweni. Kaningi lapho ezosho iphuzu elibalulekile wayeqala ngokuthi: “Kulotshiwe.” (Math. 4:4; 21:13) Emazwini akhe alotshiwe, wacaphuna ngokuqondile noma wabhekisela ezincwadini zemiBhalo YesiHebheru ezingaphezu kwengxenye. NjengoJesu, sithembela kakhulu eBhayibhelini lapho sisenkonzweni futhi sizama ukusebenzisa imiBhalo noma nini lapho kungenzeka. Ngaleyo ndlela, sisiza abanhliziyo-ziqotho ukuba bazibonele ukuthi sifundisa imicabango kaNkulunkulu, hhayi eyethu. Yeka ukuthi sijabula kanjani lapho abantu bevuma ukuba sibafundele iBhayibheli, sixoxe nabo ngalokho okushiwo iZwi likaNkulunkulu nangokuthi lizuzisa kangakanani! Sichichima injabulo lapho abanjalo bamukela isimemo sokulandela uJesu.
Ukulandela UJesu Kusho Ukuthanda Abanye
15. Iyiphi imfanelo kaJesu evelele, futhi ukucabanga ngayo kungasithinta kanjani?
15 Isici sokugcina sobuntu bukaJesu esizoxoxa ngaso manje sithinta inhliziyo ngempela—uthando lwakhe ngabanye abantu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Uthando uKristu analo luyasiqhubezela.” (2 Kor. 5:14) Lapho sicabanga ngothando uJesu analo ngesintu sisonke nangathi ngabanye, izinhliziyo zethu ziyathinteka futhi sizizwe sifuna ukulingisa isibonelo sakhe.
16, 17. Iziphi izindlela uJesu abonisa ngazo ukuthi uyabathanda abanye abantu?
16 UJesu walubonisa kanjani uthando ayenalo ngabantu? Ukuzimisela kwakhe ukunikela ngomphefumulo wakhe ngenxa yesintu kwaba yindlela evelele kunazo zonke alubonisa ngayo uthando lwakhe (Joh. 15:13) Nokho, phakathi nenkonzo yakhe, wabonisa uthando nangezinye izindlela. Ngokwesibonelo, wayebazwela labo ababehlupheka. Lapho ebona uMariya nalabo ayenabo bekhala ngenxa yokushona kukaLazaru, usizi lwabo lwamthinta ngokujulile. Nakuba ayezomvusa uLazaru, wathinteka kangangokuba “wakhala izinyembezi.”—Joh. 11:32-35.
17 Ngasekuqaleni kwenkonzo kaJesu, kweza kuye umuntu onochoko wathi: “Uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke.” Wasabela kanjani? Ukulandisa kuthi: “Waba nesihawu.” Wabe esenza okuthile okungalindelekile. “Welula isandla sakhe wamthinta, wathi kuye: ‘Ngiyathanda. Hlanzeka.’ Masinyane uchoko lwashabalala kuye, wahlanzeka.” NgokoMthetho KaMose, abantu abanochoko babengcolile futhi uJesu wayengayiphulukisa le ndoda ngaphandle kokuyithinta. Nokho, njengoba ayeyiphulukisa, wayinika ithuba lokuba izwe ubumnandi bokuthintwa omunye umuntu, mhlawumbe into okwase kuyiminyaka yayigcina. Yeka isenzo sozwela!—Marku 1:40-42.
18. Singakubonisa kanjani ‘ukuzwelana’ nabanye?
18 Njengabalandeli bakaKristu, sinxuswa ukuba sibonise uthando lwethu ‘ngokuzwelana’ nabanye. (1 Pet. 3:8) Kungase kungabi lula ukuqonda imizwa yomKristu onesifo esingamahlalakhona noma ocindezeleke kakhulu—ikakhulu uma singakaze sibhekane nesimo esinjalo. Noma kunjalo, uJesu wazwelana nabagulayo ngisho noma yena ayengaguli. Singaluhlakulela kanjani uzwela olufanayo? Ngokulalela ngesineke lapho abagulayo besithululela isifuba. Singase sizibuze, ‘Ukube bengisesimweni sabo, bengiyozizwa kanjani?’ Uma sihlakulela ukuqonda imizwa yabanye, siyokwazi kangcono ‘ukukhuluma ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thes. 5:14) Ngokwenza kanjalo, siyobe silingisa uJesu.
19. Isibonelo sikaJesu sisithinta ngaziphi izindlela?
19 Yeka ukuthi kuningi kangakanani esikufunda emazwini nasezenzweni zikaJesu Kristu! Lapho sifunda okwengeziwe ngaye, yilapho sifuna ngokwengeziwe ukufana naye—futhi sifune ngokwengeziwe ukusiza abanye ukuba benze okufanayo. Ngakho-ke, masikujabulele ukulandela iNkosi enguMesiya—manje naphakade!
Ungachaza?
• Singakubonisa kanjani ukuhlakanipha njengoba kwenza uJesu?
• Iziphi izindlela esingabonisa ngazo ukuthobeka?
• Singayihlakulela kanjani intshiseko ngenkonzo?
• Singamlingisa kanjani uJesu ekuboniseni uthando kwabanye?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 5]
INCWADI ESISIZA UKUBA SILINGISE UKRISTU
Emhlanganweni wesigodi ka-2007, kwakhululwa incwadi enamakhasi angu-192 enesihloko esithi ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami.’ Le ncwadi iklanyelwe ukusiza amaKristu ukuba agxile kuJesu, ikakhulukazi ezimfanelweni nasezenzweni zakhe. Ngemva kwezahluko ezimbili eziyisingeniso, ingxenye yokuqala ithi qaphuqaphu ngezimfanelo zikaJesu ezivelele—ukuthobeka, isibindi, ukuhlakanipha, ukulalela nokukhuthazela kwakhe.
Ngemva kwalokhu kunezingxenye ezikhuluma ngemisebenzi yakhe njengomfundisi nanjengomshumayeli wezindaba ezinhle nangezinye zezindlela uthando lwakhe olukhulu olwabonakaliswa ngazo. Yonke le ncwadi inokwaziswa okusiza umKristu ukuba alingise uJesu.
Siyaqiniseka ukuthi le ncwadi izosishukumisa sonke ukuba sizihlole futhi sizibuze: ‘Ingabe ngempela ngilandela uJesu? Ngingamlandela kanjani eduze ngokwengeziwe?’ Izosiza ‘nabo bonke abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’ ukuba babe abalandeli bakaKristu.—IzE. 13:48.
[Isithombe ekhasini 4]
UJesu wavuma ukuba eze emhlabeni azozalwa njengosana. Lokhu kwakudinga yiphi imfanelo?
[Isithombe ekhasini 6]
Yini eyosishukumisela ukuba sibe nentshiseko enkonzweni?