Ukuzalwa Kabusha—Ingabe Kuyindlela Eya Ensindisweni?
UBUNGAWUPHENDULA kanjani umbuzo othi, “Ingabe uzelwe kabusha?” Izigidi zamakholwa emhlabeni kabanzi bezingaphendula ngo-“Yebo!” ongananazi. Zikholelwa ukuthi ukuzalwa kabusha kuwuphawu lwawo wonke amaKristu eqiniso nendlela ewukuphela kwayo eholela ensindisweni. Zivumelana nombono wabaholi benkolo abanjengesazi semfundiso yenkolo uRobert C. Sproul, esabhala: “Uma umuntu engazalwanga kabusha, . . . akayena-ke umKristu.”
Ingabe uphakathi kwabantu abakholelwa ukuthi ukuzalwa kabusha kukubeka endleleni eya ensindisweni? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi ufuna ukusiza izihlobo zakho nabangane bathole leyo ndlela futhi baqale ukuhamba ngayo. Nokho, ukuze benze kanjalo, kudingeka baqonde umahluko phakathi komuntu ozelwe kabusha nongakazalwa kabusha. Ungabachazela kanjani ukuthi kusho ukuthini ukuzalwa kabusha?
Abaningi bakholelwa ukuthi inkulumo ethi “ukuzalwa kabusha” ibhekisela kothile owenze isithembiso esiqotho sokukhonza uNkulunkulu noKristu, futhi ngenxa yalokho, akasafile ngokomoya kodwa useyaphila. Empeleni, isichazamazwi samuva nje sichaza umuntu ozelwe kabusha ngokuthi “umuntu ngokuvamile ongumKristu osezibophezele kabusha okholweni ikakhulukazi ngemva kwesenzakalo esingokwenkolo esijulile ngokomzwelo.”—I-Merriam-Webster’s Collegiate Dictionary—Eleventh Edition.
Ubungamangala yini uma uzwa ukuthi iBhayibheli alivumelani naleyo ncazelo? Ungathanda yini ukwazi lokho iZwi likaNkulunkulu elikufundisayo ngempela ngokuzalwa kabusha? Ngokuqinisekile uyozuza ngokuhlolisisa lolu daba. Ngani? Ngenxa yokuthi ukukuqonda ngokunembile lokho okushiwo ukuzalwa kabusha kuyothonya ukuphila kwakho nalokho okulindele ngesikhathi esizayo.
Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Okuwukuphela kwendawo lapho inkulumo ethi “ukuzalwa kabusha” itholakala khona eBhayibhelini lilonke kusencwadini kaJohane 3:1-12, echaza ingxoxo ethakazelisayo phakathi kukaJesu nomholi othile wenkolo eJerusalema. Uyothola lokho kulandisa kweBhayibheli kucashunwe ngokuphelele ebhokisini elihambisana nalesi sihloko. Sikukhuthaza ukuba ukufunde ngokucophelela.
Kulokhu kulandisa, uJesu uqokomisa izici eziningana ‘zokuzalwa okusha.’a Empeleni, ingxoxo kaJesu isisiza ukuba siphendule le mibuzo emihlanu ebalulekile:
◼ Kubaluleke ngani ukuzalwa okusha?
◼ Ingabe singazinqumela thina ukuthi sifuna ukuzalwa kabusha?
◼ Iyini injongo yakho?
◼ Kwenzeka kanjani?
◼ Iluphi ushintsho okululethayo ebuhlotsheni bomuntu noNkulunkulu?
Ake sicabangele le mibuzo ngamunye ngesikhathi.
[Umbhalo waphansi]
a Inkulumo ethi “ukuzalwa okusha” itholakala kweyoku-1 Petru 1:3, 23. Ingenye inkulumo eseBhayibhelini echaza okushiwo “ukuzalwa kabusha.” Zombili lezi zinkulumo zisuselwa esenzweni sesiGreki esithi gen·naʹo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 4]
“Kumelwe Niphinde Nizalwe”
“Kwakukhona umuntu othile kubaFarisi, kunguNikhodemu igama lakhe, umbusi wamaJuda. Lona weza kuye ebusuku wathi: ‘Rabi, siyazi ukuthi wena njengomfundisi uvela kuNkulunkulu; ngoba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo ngaphandle kokuba uNkulunkulu enaye.’ UJesu waphendula wathi kuye: ‘Ngiqinisile impela ngithi kuwe, Ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, akanakuwubona umbuso kaNkulunkulu.’ UNikhodemu wathi kuye: ‘Umuntu angazalwa kanjani esemdala? Akakwazi ukungena esibelethweni sikanina okwesibili futhi azalwe, akunjalo?’ UJesu waphendula: ‘Ngiqinisile impela ngithi kuwe, Ngaphandle kokuba umuntu azalwe ngamanzi nomoya, akakwazi ukungena embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama, nalokho okuzelwe ngumoya kuwumoya. Ungamangali ngokuthi ngithe, Kumelwe niphinde nizalwe. Umoya uvunguza lapho uthanda khona, uwuzwe nomsindo wawo, kodwa awazi ukuthi uvelaphi nokuthi uyaphi. Kunjalo nangawo wonke umuntu ozelwe ngumoya.’ UNikhodemu waphendula wathi kuye: ‘Zingenzeka kanjani lezi zinto?’ UJesu ephendula wathi kuye: ‘Ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awuzazi lezi zinto na? Ngiqinisile impela ngithi kuwe, Lokho esikwaziyo siyakukhuluma nalokho esikubonile siyafakaza ngakho, kodwa nina anibamukeli ubufakazi esibunikezayo. Uma nginitshele izinto zasemhlabeni kodwa nokho ningakholwa, niyokholwa kanjani uma nginitshela izinto zasezulwini?’”—Johane 3:1-12.