Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 4/1 kk. 24-25
  • UJehowashi Washiya UJehova Ngenxa Yabangane Ababi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehowashi Washiya UJehova Ngenxa Yabangane Ababi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Simesabe UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Isibindi SikaJehoyada
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Basha—Kuzoba Njani Ukuphila Kwenu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • UJehova Uyabavuza Labo Abanesibindi
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 4/1 kk. 24-25

Fundisa Izingane Zakho

UJehowashi Washiya UJehova Ngenxa Yabangane Ababi

KWAKUYISIKHATHI esibi eJerusalema, umuzi okwakwakhiwe kuwo ithempeli likaNkulunkulu. INkosi u-Ahaziya yayisanda kubulawa. Kunzima ukuchaza lokho unina ka-Ahaziya, u-Athaliya, akwenza ngemva kwalokho. Wabulala amadodana ka-Ahaziya—abazukulu bakhe uqobo! Uyazi ukuthi kungani?—a Ukuze kubuse yena esikhundleni somunye wabo.

Nokho, omunye wabazukulu baka-Athaliya, uJehowashi osemncane, wasinda, futhi ugogo wakhe wayengazi lutho ngalokho. Ungathanda ukwazi ukuthi wasinda kanjani?— Lo mntwana wayenobabekazi okuthiwa uJehoshabeyati, owafihla uJehowashi ethempelini likaNkulunkulu. Lokhu wayengakwenza ngoba umyeni wakhe kwakunguJehoyada, umPristi Omkhulu. Ngakho, bobabili baqiniseka ukuthi uJehowashi uphephile.

UJehowashi wafihlwa ethempelini iminyaka eyisithupha. Lapho, wafundiswa konke ngoJehova uNkulunkulu nemithetho yakhe. Ekugcineni, lapho uJehowashi eseneminyaka engu-7 ubudala, uJehoyada wathatha isinyathelo sokuba amgcobe njengenkosi. Ungathanda ukwazi ukuthi uJehoyada wakwenza kanjani lokhu nokuthi kwenzekani ngogogo kaJehowashi, iNdlovukazi u-Athaliya?—

UJehoyada wahlanganisa ngasese onogada abakhethekile ababenakekela amakhosi eJerusalema ngaleso sikhathi. Wabatshela indlela yena nomkakhe ababesindise ngayo indodana yeNkosi u-Ahaziya. UJehoyada wabe esethula uJehowashi kulab’ onogada, abaqaphela ukuthi wayengumbusi ofanele. Kwabe sekwenziwa icebo.

UJehoyada wakhiphela uJehowashi ngaphandle wamgcoba njengenkosi. Ngenxa yalokho, abantu “bashaya ihlombe bathi: ‘Mayiphile inkosi!’” Onogada bangunga uJehowashi ukuze bamvikele. Lapho u-Athaliya ezwa kuchwaza ngaphandle, waphuma eyokhuza. Kodwa ngomyalo kaJehoyada, onogada bambulala u-Athaliya.—2 AmaKhosi 11:1-16.

Ingabe ucabanga ukuthi uJehowashi waqhubeka nokulalela uJehoyada futhi wenza okuhle?— Wenza kanjalo ngesikhathi uJehoyada esaphila. UJehowashi waze waqiniseka nokuthi abantu banikela imali yokuvuselela ithempeli likaNkulunkulu, uyise u-Ahaziya nomkhulu wakhe uJehoramu ababengasalinakekeli. Kodwa ake sibone ukuthi kwenzekani lapho umPristi Omkhulu uJehoyada efa.—2 AmaKhosi 12:1-16.

UJehoyada ufaka umqhele ekhanda likaJehowashi njengenkosi

UJehowashi wasindiswa

Ngaleso sikhathi uJehowashi wayeseneminyaka engaba ngu-40 ubudala. Kunokuba aqhubeke ewumngane wabantu abakhonza uJehova, uJehowashi wakha ubungane nalabo abakhulekela onkulunkulu bamanga. Ngaleso sikhathi uZakariya indodana kaJehoyada wayengumpristi kaJehova. Ucabanga ukuthi uZakariya wenzani lapho ezwa ngezinto ezimbi ezazenziwa uJehowashi?—

UZakariya watshela uJehowashi: “Ngenxa yokuthi nimshiyile uJehova, naye uzonishiya.” La mazwi amcasula uJehowashi kangangokuba wayala ukuba uZakariya akhandwe ngamatshe aze afe. Ake ucabange—uJehowashi wayesindiswe kumbulali, kodwa manje yena wayesekhiphe umyalo wokuba kubulawe uZakariya!—2 IziKronike 24:1-3, 15-22.

Ingabe uyasibona isifundo esisithola kule ndaba?— Asifuni ukufana no-Athaliya, owayenenzondo nonya. Kunalokho, kufanele sithande abanye abakhulekeli ngisho nezitha zethu, njengoba nje uJesu asifundisa ukuba senze kanjalo. (Mathewu 5:44; Johane 13:34, 35) Khumbula, uma sesiqalile ukwenza okuhle, njengoba uJehowashi enza, kufanele siqhubeke siba abangane babantu abathanda uJehova futhi abasikhuthaza ukuba simkhonze.

a Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume futhi ukhuthaze ingane ukuba iveze umbono wayo.

Imibuzo:

  • Wasindiswa kanjani uJehowashi, futhi kubani?

  • Waba kanjani inkosi efanele uJehowashi, futhi yikuphi okuhle akwenza?

  • Kungani uJehowashi ashintsha waba mubi, futhi wabulala bani?

  • Yiziphi izifundo esingazifunda kule ndaba yeBhayibheli?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela