Ungakwazi Yini Ukuyokhonza Lapho Kunendingeko Enkulu Yabamemezeli BoMbuso?
“Sasiphila ukuphila okuntofontofo e-United States kodwa kwakusikhathaza ukuthi umoya wokuthanda izinto ezibonakalayo olapho wawungagcina usithonye kabi namadodana ethu amabili. Mina nomkami sake saba izithunywa zevangeli, futhi sasifuna ukuphinde sinambithe lokho kuphila okulula kodwa okujabulisayo.”
NGENXA yaleso sifiso, ngo-1991, uRalph noPam banquma ukubhalela amahhovisi amagatsha amaningana bewazisa ngesifiso sabo sokukhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso. Ihhovisi legatsha laseMexico lathi kunesidingo esiphuthumayo sabamemezeli boMbuso abangashumayeza abantu abakhuluma isiNgisi kulelo zwe. Eqinisweni, leli gatsha lathi le nsimu ‘imhlophe ilungele ukuvunwa.’ (Joh. 4:35) Ngaphandle kokulibala, uRalph noPam namadodana abo, enye eneminyaka engu-8, enye engu-12, bamukela lesi simemo, baqala ukwenza amalungiselelo okuthuthela eMexico.
Udedangendlale Wensimu
URalph uyalandisa: “Ngaphambi kokuhamba e-United States, abanye abazalwane nodade ababengaqonde bubi, bathi kithi: ‘Kuyingozi kabi ukuthuthela kwelinye izwe!’ ‘Nizokwenzenjani uma nigula?’ ‘Kungani nje niyoshumayela ensimini yabantu abakhuluma isiNgisi? Labo bantu ngeke babe nesithakazelo eqinisweni!’ Kodwa sase sizitshelile ukuthi siyahamba. Akukho okwakungasivimba ngoba sasisicabangisisile lesi sinqumo. Kwase kuyiminyaka sihlela. Sasikugwemile ukwenza izikweletu okwakuyodingeka sizikhokhe isikhathi eside, sabeka imali futhi saxoxa kaningi njengomkhaya ngobunzima esasingase sibhekane nabo.”
URalph nomkhaya wakhe baqala ngokuvakashela egatsheni laseMexico. Abazalwane bababonisa ibalazwe lalo lonke izwe, batshela lo mkhaya owawusanda kufika, “Iyona-ke insimu yenu lena!” Lo mkhaya wathola indawo yokuhlala eSan Miguel de Allende, idolobha elinabantu abaningi abavela kwamanye amazwe, eliqhele ngamakhilomitha angu-240 enyakatho-ntshonalanga yeMexico City. Ngemva kweminyaka emithathu befikile, kwamiswa ibandla lesiNgisi elinabamemezeli abangu-19. Kwakuqala ngqa ukuba kube nebandla lesiNgisi eMexico—kodwa umsebenzi wawusemkhulu.
Balinganiselwa esigidini abantu base-United States asebehlala eMexico. Ngaphezu kwalokho, kunezifundiswa eziningi nabafundi abakhuluma isiNgisi njengolimi lwabo lwesibili. URalph uyachaza: “Sathandazela izisebenzi ezengeziwe. Sasihlale sinekamelo elingenamuntu ukuze silalise abazalwane nodade ababefika ‘bezohlola izwe.’”—Num. 13:2.
Benza Ukuphila Kwabo Kwaba Lula Ukuze Bandise Inkonzo Yabo
Kungakabiphi, kwafika abazalwane nodade abengeziwe ababefuna ukwandisa inkonzo yabo. Phakathi kwabafika kwakunoBill noKathy ababevela e-United States. Base bekhonze iminyaka engu-25 emasimini anesidingo esikhulu sabamemezeli. Babecabanga ukufunda iSpanishi, kodwa izinhlelo zabo zashintsha lapho befika edolobheni lase-Ajijic, elisogwini lweLake Chapala, indawo eyintandokazi yasebethathe umhlalaphansi abavela e-United States. UBill uyachaza, “Sazikhandla kakhulu e-Ajijic sifuna abantu abakhuluma isiNgisi ababethanda ukufunda iqiniso.” Phakathi neminyaka emibili befike kulelo dolobha, uBill noKathy bajabulela ukubona kumiswa ibandla—ibandla lesibili lesiNgisi eMexico.
UKen noJoanne abavela eCanada babefuna ukwenza ukuphila kwabo kube lula futhi bachithe isikhathi esengeziwe emisebenzini yoMbuso. Ngakho nabo bathuthela eMexico. UKen uyalandisa, “Kwasithatha isikhathi ukujwayela ukuhlala endaweni okuke kuphele izinsuku eziningi amanzi ashisayo nogesi kungekho, ungakwazi nokushaya ucingo.” Nokho, ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela kwakubalethela injabulo. Ngokushesha, uKen wamiswa njengenceku ekhonzayo, ngemva kweminyaka emibili, waba umdala. Ekuqaleni, kwakuyinselele ngendodakazi yabo uBritanny ukuba sebandleni elincane lesiNgisi elinentsha embalwa. Nokho, ngemva kokuqala ukusebenza ezakhiweni zamaHholo OMbuso, waba nabangane abaningi abahle ezweni lonkana.
UPatrick noRoxanne, abavela eTexas, e-United States, bajabula ukuzwa ukuthi kunensimu yezithunywa zevangeli engekude kakhulu enabantu abakhuluma isiNgisi. UPatrick uthi: “Ngemva kokuvakasha eMonterrey, idolobha elisenyakatho-mpumalanga yeMexico, saba nomuzwa wokuthi uJehova wayesitshela ukuba siyosiza lapho.” Phakathi nezinsuku ezinhlanu, bakwazi ukuthengisa indlu yabo eTexas base ‘bewelela eMakedoniya’ engokomfanekiso. (IzE. 16:9) Kwakungelula ukuthola indlela yokuziphilisa eMexico, kodwa eminyakeni emibili nje kuphela, bajabulela ukubona iqembu elincane loFakazi abangu-17 likhula liba ibandla elinabamemezeli abangu-40.
UJeff noDeb ngomunye umbhangqwana owenza ukuphila kwawo kwaba lula ukuze wandise inkonzo yawo. Bathengisa indlu yabo enkulu e-United States, bathuthela efulethini elincane eCancún, idolobha laseMexico elisogwini olusempumalanga. Ngaphambili, babejwayele ukuya emihlanganweni esemahholo athokomele anesimiso sokulawula amazinga okushisa, futhi engekude nomuzi wabo. Manje kwase kudingeka ukuba bahambe amahora angu-8 beya emhlanganweni wesiNgisi oseduze, oqhutshelwa enkundleni yemidlalo engenampheme. Kodwa bathola ukwaneliseka okukhulu lapho kumiswa ibandla elinabamemezeli abangaba ngu-50 eCancún.
Abanye abazalwane nodade baseMexico nabo baqala ukusiza emsebenzini wokushumayela ensimini yesiNgisi. Ngokwesibonelo, lapho uRubén nomkhaya wakhe bezwa ukuthi kwakumiswe ibandla lokuqala lesiNgisi eSan Miguel de Allende nokuthi iMexico yonke yayiyinsimu yalelo bandla, ngokushesha banquma ukusiza. Lokhu kwasho ukuthi kumelwe bafunde isiNgisi, bajwayele indlela yokuphila ehlukile futhi bahambe amabanga amade lapho beya emihlanganweni yebandla—amakhilomitha angu-800 isonto ngalinye. URubén uyalandisa: “Sakujabulela ukushumayeza izifiki ezase zihlale eMexico iminyaka eminingi, kodwa ezaziqala ukuzwa isigijimi sezindaba ezinhle ngolimi lwazo. Ezinye zazo zazikhala nezinyembezi ngenxa yokwazisa umsebenzi wethu.” Ngemva kokusiza ibandla laseSan Miguel de Allende, uRubén nomkhaya wakhe bakhonza njengamaphayona edolobheni laseGuanajuato, enkabeni yeMexico, lapho basiza khona ekumiseni ibandla elikhuluma isiNgisi elinabamemezeli abangaphezu kuka-30. Manje, bakhonza neqembu lesiNgisi e-Irapuato, idolobha eliseduze kwaseGuanajuato.
Ukushumayeza Abangafinyeleleki Kalula
Kunabantu abaningi baseMexico abakhuluma isiNgisi uma singababali laba abaphuma kwamanye amazwe. Ngokuvamile kunzima ukubashumayeza ngoMbuso ngoba bahlala ezindaweni zabadla izambane likapondo. Banezisebenzi zasendlini okuyizona ezivelayo lapho ungqongqoza. Uma kwenzeka kuvela abaninikhaya, baye bangathandi ukulalela isigijimi sethu ngoba becabanga ukuthi oFakazi BakaJehova bayihlelo elincane lendawo. Nokho, bona labo baninikhaya bayalalela lapho beshunyayezwa oFakazi abaphuma kwamanye amazwe.
Cabanga ngesibonelo sikaGloria ohlala edolobheni laseQuerétaro, enkabeni yeMexico. Uyachaza: “OFakazi abakhuluma iSpanishi bake bafika kwami, kodwa angizange ngibalalele. Kodwa lapho umkhaya wakithi nabangane beqala ukuba nezinkinga, ngacindezeleka futhi ngathandaza kuNkulunkulu, ngimncenga ukuba angibonise indlela. Ngokushesha ngemva kwalokho, kwafika owesifazane okhuluma isiNgisi ekhaya. Wabuza ukuthi ukhona yini endlini okwazi ukukhuluma isiNgisi. Ngenxa yokuthi wayevela kwelinye izwe ngamtshela ukuthi ngiyakwazi ngoba ngangifisa ukwazi ukuthi ubuzelani. Njengoba ayeqhubeka engishumayeza, ngangizibuza, ‘Lo muntu waseMelika ubekwa yini la endaweni yakithi?’ Kodwa ngangicele ukuba uNkulunkulu anginike isibonakaliso. Ngaphetha ngokuthi mhlawumbe lo muntu waseMelika uyindlela uNkulunkulu aphendula ngayo umthandazo wami.” UGloria wamukela isifundo seBhayibheli futhi wathuthuka ngokushesha, wabhapathizwa nakuba abakubo babemphikisa. Namuhla, ukhonza njengephayona elivamile futhi umyeni nendodana yakhe nabo bakhonza uJehova.
Imivuzo Etholwa Yilabo Abandisa Inkonzo Yabo
Ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso kunezinselele zako, kodwa miningi imivuzo. URalph, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Safundela abantu abavela eBrithani, eChina, eJamaica, eSweden ngisho nezicukuthwane zasebukhosini baseGhana. Abanye balaba bantu esabafundela bangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Njengoba iminyaka ihamba, umkhaya wethu usubone kumiswa amabandla esiNgisi angu-7. Womabili amadodana ethu asijoyina aphayona nathi, futhi manje akhonza eBethel yase-United States.”
Njengamanje eMexico kunamabandla akhuluma isiNgisi angu-88 kanye namaqembu amaningana. Yini ebangele lokhu kwanda okusheshayo? Abantu abaningi abakhuluma isiNgisi abahlala eMexico babengakaze bahlangane noFakazi. Abanye balalela ngoba bengekho abangane nezihlobo ababengabavimbela ukube bebesemakubo. Abanye bavuma ukufundelwa iBhayibheli ngoba base bethathe umhlalaphansi futhi sebenesikhathi sokwenza izinto eziphathelene noNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, abamemezeli abangaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu abasemabandleni akhuluma isiNgisi bakhonza njengamaphayona, okuyinto enomthelela omkhulu entshisekweni nasekwandeni okukula mabandla.
Uzothola Izibusiso
Akungatshazwa ukuthi abantu abaningi emhlabeni wonke bazosamukela isigijimi soMbuso lapho besizwa ngolimi lwabo. Ngakho, akuve kuthinta inhliziyo ukuthi kunabazalwane nodade abaningi abangokomoya—abasha nabadala, abashadile nabangashadile—abazimisele ukuthuthela kwezinye izindawo ezinesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. Yiqiniso, kungase kudingeke babhekane nobunzima obuthile, kodwa buba ubala uma kuqhathaniswa nenjabulo ababa nayo lapho bethola abantu abanhliziyo-ziqotho abamukela amaqiniso eBhayibheli. Wena ungenza yini izinguquko ezithile ukuze ukwazi ukuthuthela ensimini esezweni lakini noma yakwelinye izwe enesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso?a (Luka 14:28-30; 1 Kor. 16:9) Uma kunjalo, ungaqiniseka ngokuthi uzothola izibusiso eziningi.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe mayelana nokuyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona, bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, amakhasi 111-112.
[Ibhokisi ekhasini 21]
Asebethathe Umhlalaphansi Abajabulayo Bakhanga Othile
UBeryl wathuthela eCanada esuka eBrithani. Wasebenza lapho njengemenenja ezinkampanini eziningana zamazwe ngamazwe. Waba futhi inkweli yehhashi engungoti waze wakhethwa ukuba amelele iCanada kuma-Olympic ka-1980. Lapho ethatha umhlalaphansi wathuthela eChapala, eMexico. Yena nomyeni wakhe babevame ukuyodla ezitolo ezidayisa ukudla. Kwakuthi lapho ebona abanye asebethathe umhlalaphansi abakhuluma isiNgisi ababonakala bejabule, aye kubo afike azethule abese ebabuza ukuthi babezokwenzani eMexico. Cishe njalo laba bantu abajabule ababedla babevame ukuba ngoFakazi BakaJehova. UBeryl nomyeni wakhe bacabanga ukuthi uma injabulo nokuba nenjongo ekuphileni kwakutholakala ngokwazi uNkulunkulu, nabo kwakumelwe bamazi. Ngemva kokuya emihlanganweni yobuKristu izinyanga eziningana, uBeryl wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli futhi waba uFakazi. Wakwazi ukukhonza njengephayona elivamile iminyaka eminingana.
[Ibhokisi ekhasini 22]
“Kuyisibusiso Ukuba Nabo”
Abazalwane abasemazweni anesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso babazisa kakhulu labo abathuthela khona. Elinye ihhovisi legatsha eziqhingini zaseCaribbean labhala: “Uma bebengahamba laba bazalwane abaningi abavela kwamanye amazwe abakhonza lapha, amabandla abengeke azinze. Kuyisibusiso ukuba nabo.”
IZwi likaNkulunkulu lithi “abesifazane abalandisa izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.” (IHu. 68:11) Ngakho, akumangazi ukuthi kunodade abaningi abangashadile phakathi kwalabo abakhonza kwamanye amazwe. Lab’ odade abazidelayo bawusizo olukhulu. Elinye igatsha eMpumalanga Yurophu lathi: “Amabandla amaningi lapha anodade abaningi kakhulu, futhi kwamanye bangaba amaphesenti angu-70. Iningi labo lisha emaqinisweni, ngakho odade abangashadile abangamaphayona abavela kwamanye amazwe bawusizo olukhulu ekubaqeqesheni. Lab’ odade abavela kwamanye amazwe bayisibusiso ngempela!”
Lab’ odade bazizwa kanjani ngokukhonza kwamanye amazwe? U-Angelica, udade owevile eminyakeni engu-30 osekhonze iminyaka eminingana kwelinye izwe njengephayona elingashadile, uthi, “Ziningi izinselele esibhekana nazo. Kwesinye isabelo engake ngaba kuso, usuku nosuku kwakudingeka ngihambe emigwaqweni enodaka futhi kwakungizwisa ubuhlungu ukubona abantu behlupheka. Kodwa ukusiza abantu enkonzweni kwakungilethela ukwaneliseka. Ngangithinteka inhliziyo nalapho odade bendawo bengibonga kakhulu ngokuza ngizobasiza. Omunye udade wathi isibonelo sami sokushiya izwe lakithi elikude ngizokhonza ezweni lakubo njengephayona sasiye samkhuthaza ukuba angenele inkonzo yesikhathi esigcwele.”
USue, iphayona elisanda kweva eminyakeni engu-50, uthi: “Kunezinselele obhekana nazo noma kanjani, kodwa azilutho uma ziqhathaniswa nezibusiso ozitholayo. Inkonzo ayive ijabulisa! Ngenxa yokuthi ngichitha isikhathi esiningi enkonzweni nodade abasha, ngiye ngibaxoxele izinto engizifunde eBhayibhelini nasezincwadini zethu eziphathelene nendlela yokubhekana nezinkinga. Bavame ukungitshela ukuthi isibonelo sami sokubhekana nezinkinga njengoba sengikhonze iminyaka eminingi njengephayona elingashadile sibasiza ukuba babone ukuthi nabo bangazinqoba izinselele ababhekana nazo ekuphileni kwabo. Ukusiza labo dade kungilethela ukwaneliseka kwangaphakathi.”
[Ibalazwe ekhasini 20]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
MEXICO
Monterrey
Guanajuato
Irapuato
Ajijic
Chapala
Lake Chapala
San Miguel de Allende
Querétaro
MEXICO CITY
Cancún
[Isithombe ekhasini 23]
Abanye bathola injabulo yokushumayeza abantu abayizifiki abaqalayo ukuzwa izindaba ezinhle