Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 5/1 kk. 4-5
  • 1 Funda Ukuthembela EBhayibhelini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 1 Funda Ukuthembela EBhayibhelini
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • 1. Ukunemba Kwalo Ezindabeni Zomlando
    I-Phaphama!—2007
  • IBhayibheli—Ingabe Livela kuNkulunkulu Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • IBhayibheli—Incwadi Evela KuNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Incwadi Eyembula Ulwazi NgoNkulunkulu
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 5/1 kk. 4-5

1 Funda Ukuthembela EBhayibhelini

“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto.”—2 Thimothewu 3:16.

IYINI INSELELE? Abaningi bathi iBhayibheli limane nje liyincwadi yokuhlakanipha kwabantu. Abanye bakholelwa ukuthi umlando walo awunembile. Kanti abanye bathi iseluleko salo asisebenzi futhi siphelelwe isikhathi.

UNGAYINQOBA KANJANI LE NSELELE? Ngokuvamile, labo abangabaza ukunemba nokuba usizo kweBhayibheli abakaze bazicwaningele le ndaba. Bamane basho lokho abakuzwile. Nokho, iBhayibheli liyaxwayisa: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.

Kunokuba umane nje ukholelwe izinto ezishiwo abanye, kungani ungalingisi isibonelo samaKristu ekhulu lokuqala ayehlala eBhereya, manje eyinyakatho yeGrisi? Awazange avele akholelwe akutshelwa abanye. Kunalokho, ayenedumela ‘lokuhlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.’ (IzEnzo 17:11) Ake sicabangele kafushane izizathu ezimbili zokuthi kungani ungaqiniseka ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe.

IBhayibheli linomlando onembile. Sekuyiminyaka abagxeki bekubekela inselele—futhi basaqhubeka bekubekela inselele—ukunemba kweBhayibheli ngokuphathelene namagama abantu nezindawo okukhulunywa ngazo kulo. Kodwa njalo nje ubufakazi buye babonisa ukuthi lokho kugxeka akunasisekelo nokuthi ukulandisa kweBhayibheli kuthembekile.

Ngokwesibonelo, izazi zake zakungabaza ukuthi inkosi yase-Asiriya, uSarigoni, okukhulunywa ngayo ku-Isaya 20:1, yake yaba khona. Nokho, ngawo-1840 abavubukuli bamba isigodlo sale nkosi. Manje, uSarigoni usengenye yamakhosi adumile ase-Asiriya.

Abagxeki babengabaza ukuba khona kombusi waseRoma uPontiyu Pilatu, owagunyaza ukubulawa kukaJesu. (Mathewu 27:1, 22-24) Kodwa ngo-1961 kwatholakala itshe eduze nomuzi waseKhesariya kwa-Israyeli elalinegama likaPilatu nesikhundla sakhe.

Ngokuqondene nokunemba komlando weBhayibheli i-U.S.News & World Report ka-October 25, 1999, yathi: “Imivubukulo yanamuhla ikuqinisekisa ngezindlela ezivelele ukunemba komlando weTestamente Elidala neTestamente Elisha—ivumelanise izingxenye ezibalulekile zezindaba zezinzalamizi zakwa-Israyeli, uFuduko lwama-Israyeli, uhlu lozalo lobukhosi lukaDavide nokuphila kwangesikhathi sikaJesu.” Nakuba ukukholelwa eBhayibhelini kungaxhomekile kulokho okutholwa abavubukuli, lokho kunemba komlando yikho kanye obungakulindela encwadini ephefumulelwe uNkulunkulu.

Ukuhlakanipha okusebenzayo okuqukethwe iBhayibheli kuzuzisa abantu bazo zonke izizinda. Kudala ngaphambi kokuba kwaziwe ngamagciwane nendlela asakaza ngayo izifo, iBhayibheli latusa imikhuba yenhlanzeko esasebenza nanamuhla. (Levitikusi 11:32-40; Duteronomi 23:12, 13) Amalungu omndeni asebenzisa iseluleko seBhayibheli esikhuluma ngendlela yokuphathana ayajabula. (Efesu 5:28—6:4) Umuntu ophila ngezimiso zeBhayibheli angase abe isisebenzi esikhuthele ngokwengeziwe noma umqashi obonelela kakhudlwana. (Efesu 4:28; 6:5-9) Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kuyazuzisa nangokomzwelo. (IzAga 14:30; Efesu 4:31, 32; Kolose 3:8-10) Lesi seluleko esisebenzayo yisona ebesingasilindela kuMdali wethu.

UYINI UMVUZO? Ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kungenza ngisho nomuntu ongenalwazi ahlakaniphe. (IHubo 19:7) Ngaphezu kwalokho, lapho sesilethemba iBhayibheli, lingasisiza ukudlula noma iyiphi enye incwadi ukuze sikwazi ukuthatha isinyathelo esilandelayo sokuba nokholo oluqinile.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 2 esithi “IBhayibheli—Incwadi Evela KuNkulunkulu,” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela