Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 5/1 kk. 5-6
  • 2 Zuza Ulwazi Olunembile NgoNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 2 Zuza Ulwazi Olunembile NgoNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokuba Sidinge Ulwazi Oluqondile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • UJehova Uzibalile “Zona Kanye Izinwele Zekhanda Lenu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • UNkulunkulu—Ungubani?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • 2 UNkulunkulu Akabakhathaleli Ngempela Abantu Ingabe—Lokho Kuyiqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 5/1 kk. 5-6

2 Zuza Ulwazi Olunembile NgoNkulunkulu

“Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.”—Johane 17:3.

IYINI INSELELE? Abanye bathi uNkulunkulu akekho. Abanye bakholelwa ukuthi akayena umuntu, umane nje ungamandla amakhulu. Labo abakholelwa ukuthi ungumuntu ongokoqobo bafundisa izimfundiso ezingqubuzanayo ngalokho ayikho nangezimfanelo zakhe.

UNGAYINQOBA KANJANI LE NSELELE? Enye indlela yokuzuza ulwazi ngoNkulunkulu iwukubuka izinto azidalile. Umphostoli uPawulu wathi: “Izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.” (Roma 1:20) Ngokubukisisa indalo, ungafunda okuningi ngokuhlakanipha nangamandla oMdali wethu.—IHubo 104:24; Isaya 40:26.

Nokho, ukuze umuntu azuze ulwazi olunembile ngobuntu bukaNkulunkulu, kufanele afunde iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli, azihlolele lona. Ungavumeli abanye ukuba bathonye ukucabanga kwakho. Kunalokho, lalela iseluleko seBhayibheli: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Ngokwesibonelo, cabanga ngamaqiniso alandelayo iBhayibheli elisitshela wona ngoNkulunkulu.

UNkulunkulu unegama. Ekuqaleni igama likaNkulunkulu lalivela izikhathi eziyizinkulungwane kulo lonke iBhayibheli. Ezinguqulweni eziningi liyavela kumaHubo 83:18, ethi: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IBhayibheli lesiZulu elivamile.

UJehova uNkulunkulu unemizwa futhi lokho abantu abakwenzayo kuyamthinta. Ngemva kokuba uJehova ekhulule abantu bakwa-Israyeli ebugqilini baseGibhithe, ngezinye izikhathi babesishaya indiva iseluleko sakhe esihlakaniphile. Ukuvukela kwabo kwakumenza “azizwe kabuhlungu.” Izenzo zabo ‘zamzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli.’—IHubo 78:40, 41.

UJehova usinakekela njengabantu ngabanye. Ekhuluma nabafundi bakhe, uJesu wathi: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi. Kodwa zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi: Nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.”—Mathewu 10:29-31.

UNkulunkulu akakhethi uhlanga noma isizwe kunesinye. Umphostoli uPawulu watshela amaGreki ase-Athene ukuthi uNkulunkulu “wenza zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba.” Waphinde wathi uNkulunkulu ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:26, 27) Umphostoli uPetru wathi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.

UYINI UMVUZO? Abanye “banentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.” (Roma 10:2) Uma wazi ukuthi yini ngempela efundiswa iBhayibheli ngoNkulunkulu, ngeke udukiswe futhi uyokwazi ‘ukusondela kuNkulunkulu.’—Jakobe 4:8.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 1 esithi “Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?,” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 6]

Enye indlela yokuzuza ulwazi ngoNkulunkulu iwukubuka izinto azidalile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela