Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 5/1 kk. 7-8
  • 3 Funda Iqiniso NgoJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 3 Funda Iqiniso NgoJesu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abafundi Bokuqala BakaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Abafundi BakaJesu Bokuqala
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Uqala Ukwenza Abafundi
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Abantu Ababa Abafundi BakaJesu
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 5/1 kk. 7-8

3 Funda Iqiniso NgoJesu

“UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.

IYINI INSELELE? Abanye abantu bangakwenza ukholelwe ukuthi uJesu akakaze abe khona. Abanye bayavuma ukuthi waba khona, kodwa bagomela ngokuthi wayemane nje eyindoda evamile eyafa kudala.

UNGAYINQOBA KANJANI LE NSELELE? Lingisa umfundi uNathanayeli.a Umngane wakhe uFiliphu wamtshela ukuthi wayecabanga ukuthi umtholile uMesiya—“uJesu, indodana kaJosefa, waseNazaretha.” Kodwa, akavelanga nje wamkholelwa. Kunalokho wabuza: “Ingabe kukhona okuhle okungaphuma eNazaretha?” Yize kunjalo, wasamukela isimemo sikaFiliphu sokuba ‘eze azozibonela.’ (Johane 1:43-51) Nawe uyozuza ngokuzihlolela ubufakazi obuphathelene noJesu. Yini ongayenza?

Hlola ubufakazi obungokomlando bokuthi uJesu wayengumuntu ongokoqobo. UJosephus noTacitus babeyizazi-mlando ezihlonishwayo ezaphila ekhulwini lokuqala ezazingewona amaKristu. Bathi uJesu Kristu wake waba khona emlandweni. Echaza indlela uNero uMbusi waseRoma asola ngayo amaKristu ngomlilo owaqubuka eRoma ngo-64 C.E., uTacitus wabhala: “UNero walibheca ngecala futhi walishushisa kabuhlungu ngokwedlulele iqembu elalizondwa ngenxa yezenzo zalo ezenyanyekayo, umphakathi owawulibiza ngokuthi amaKristu. UChristus [uKristu], okwasuselwa kuye igama elithi amaKristu, wabulawa omunye umbusi wakithi wesifunda uPontiyu Pilatu ngesikhathi kubusa uTiberiyu.”

Ngokuqondene nalokho okwabhalwa izazi-mlando zangekhulu lokuqala nelesibili ngoJesu nangamaKristu ekhulu lokuqala, i-Encyclopædia Britannica, uHlelo lwango-2002, ithi: “Lokho kulandisa okuhlukahlukene kubonisa ukuthi ezikhathini zasendulo ngisho nezitha zobuKristu zazingangabazi ukuthi uJesu wayekhona ngempela, okwaze kwaqala ukuphikwa ekupheleni kwekhulu le-18, phakathi nekhulu le-19 nasekuqaleni kwekhulu lama-20, futhi kungenazizathu ezanele.” Ngo-2002, isihloko somhleli esavela kuyi-Wall Street Journal, sathi: “Izazi eziningi, ngaphandle kwezimbalwa ezithi uNkulunkulu akekho sezikwamukele kakade ukuthi uJesu waseNazaretha wake waba khona ngempela emlandweni.”

Cabangela ubufakazi bokuthi uJesu wavuswa. Lapho uJesu eboshwa abaphikisi bakhe, abangane bakhe abakhulu bamhlamuka, futhi umngane wakhe uPetru wafikelwa ukwesaba waphika ukuthi uyamazi. (Mathewu 26:55, 56, 69-75) Ngemva kokuboshwa kukaJesu, abalandeli bakhe bahlakazeka. (Mathewu 26:31) Kodwa kungakabiphi, baphinde baba matasa emsebenzini wokushumayela. UPetru noJohane babhekana ngesibindi nayo kanye indoda eyabangela ukuba uJesu abulawe. Abafundi bakaJesu baba nogqozi kangangokuthi basakaza imfundiso yakhe kuwo wonke uMbuso WaseRoma, bencamela ukufa kunokuhlehla ezinkolelweni zabo.

Yini eyabangela ukuba isimo sabo sengqondo sishintshe kangaka? Umphostoli uPawulu uchaza ukuthi uJesu wavuswa kwabafileyo futhi “wabonakala kuKhefase [uPetru], kwase kuba kwabayishumi nambili.” Uyanezela: “Ngemva kwesikhathi wabonakala kubazalwane abangaphezu kwamakhulu amahlanu ngesikhathi esisodwa.” Iningi lalabo abambona lalisaphila ngesikhathi uPawulu ebhala lawo mazwi. (1 Korinte 15:3-7) Kwakungase kube lula ngabagxeki ukuphika ubufakazi bomuntu oyedwa noma ababili abazibonela. (Luka 24:1-11) Kodwa ubufakazi babangaphezu kwamakhulu amahlanu buwubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJesu wavuswa kwabafileyo.

UYINI UMVUZO? Labo abanokholo kuJesu futhi abamlalelayo bangathethelelwa izono zabo futhi babe nonembeza ohlanzekile. (Marku 2:5-12; 1 Thimothewu 1:19; 1 Petru 3:16-22) Uma befa, uJesu uthembisa ukubavusa “ngosuku lokugcina.”—Johane 6:40.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 4 esithi “Ungubani UJesu Kristu?” nesahluko 5, esithi “Isihlengo—Isipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke,” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?b

[Imibhalo yaphansi]

a Ababhali bamaVangeli, uMathewu, uMarku noLuka kungenzeka babebiza uNathanayeli ngokuthi uBartolomewu.

b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 7]

NjengoNathanayeli, hlola ubufakazi ngoJesu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela