4 Qeda Ukungabaza Onakho
“Wena onokholo oluncane, kungani uhlulwé ukungabaza?”—Mathewu 14:31.
IYINI INSELELE? Ngisho nabafundi bakaJesu ngezinye izikhathi babeke bangabaze. (Mathewu 14:30; Luka 24:36-39; Johane 20:24, 25) Empeleni, iBhayibheli lithi ukuntula ukholo ‘kuyisono esisithandela kalula.’ (Hebheru 12:1) Umphostoli uPawulu wabhala: “Ukholo alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thesalonika 3:2) Akukhona ukuthi abanye abantu abanakuyibonisa le mfanelo. Kunalokho, abaningi abayisebenzeli. UNkulunkulu uyoyibusisa imizamo yalabo abalwela ukuba nalo.
UNGAYINQOBA KANJANI LE NSELELE? Thola ukuthi yini ekwenza ungabaze. Ngokwesibonelo, umfundi uTomase wayengabaza ukuthi uJesu wayevusiwe nakuba abanye abafundi babethe bambonile. Wayefuna ubufakazi. Waba yini umphumela? UJesu wamnikeza ubufakazi ayebudinga ukuze abe nokholo oluqinile.—Johane 20:24-29.
UJehova uNkulunkulu ulungiselele iBhayibheli ukuze sithole izimpendulo esizidingayo zokuqeda ukungabaza. Ngokwesibonelo, abaningi baphelelwa ukholo kuNkulunkulu ngenxa yokuthi bamsola ngokuqondile noma bagigiyele ngokuthi nguyena obangela izimpi, ubudlova nosizi olukhungethe isintu. Lithini iBhayibheli ngale ndaba?
UNkulunkulu akabusi ngohulumeni babantu. UJesu wabiza uSathane, isidalwa somoya esingabonakali, ngokuthi “umbusi waleli zwe.” (Johane 14:30) USathane wathembisa ukunikeza uJesu igunya phezu kwayo yonke imibuso yomhlaba uma enza isenzo esisodwa sokukhulekela. Wathi: “Ngizokunika lonke leli gunya nenkazimulo yale mibuso, ngoba linikezwe mina, futhi ngilinika noma ubani engithanda ukumnika lona.” UJesu akamphikisanga. Kunalokho waphendula: “Kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’” (Luka 4:5-8) NguSathane nohulumeni babantu okufanele babekwe icala ngosizi olusemhlabeni, hhayi uNkulunkulu.—IsAmbulo 12:9, 12.
Maduze, uJehova uNkulunkulu uzoqeda zonke izinto ezibangela ukuhlupheka. Usewuhlelile uMbuso, noma uhulumeni ozobusa isintu, futhi inkosi yawo iNdodana yakhe, uKristu Jesu. (Mathewu 6:9, 10; 1 Korinte 15:20-28) Isiprofetho seBhayibheli sokushunyayelwa kwezindaba ezinhle zalo Mbuso emhlabeni wonke siyagcwaliseka. (Mathewu 24:14) Maduze nje, lo Mbuso uzobhubhisa bonke abamelene nawo, uqede zonke izimbangela zokuhlupheka kwabantu.—Daniyeli 2:44; Mathewu 25:31-33, 46; IsAmbulo 21:3, 4.
UYINI UMVUZO? Labo abavumela ukungabaza bafana namagagasi ajikijelwa ngapha nangapha “yiyo yonke imimoya yemfundiso ngokukhohlisa kwabantu.” (Efesu 4:14; 2 Petru 2:1) Kodwa labo abathola izimpendulo ezanelisayo zemibuzo abanayo bayakwazi ‘ukuma baqine okholweni.’—1 Korinte 16:13.
OFakazi BakaJehova, abanyathelisi balo magazini, bangathanda ukukusiza ukuba uthole izimpendulo zemibuzo okungenzeka ibekela ukholo lwakho inselele. Bakucela ukuba uzihlanganise nabo futhi uzihlolele izimfundiso zabo. Ukwenza kanjalo kuyoluqinisa kakhulu ukholo lwakho kuNkulunkulu.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 8 esithi “Uyini UMbuso KaNkulunkulu?” nesahluko 11 esithi “Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi ahambisana nesithombe ekhasini 9]
Labo abathola izimpendulo ezanelisayo baba nesisekelo esiqinile sokholo