Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 5/1 kk. 29-31
  • Ukuthola Injabulo Naphezu Kokukhubazeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthola Injabulo Naphezu Kokukhubazeka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngacindezeleka
  • Ukululama Kuthatha Isikhathi Eside
  • Umsebenzi Omusha
  • Ngiyabonga Ngokusekela KukaJehova Okuqinisekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indlela Engazuza Ngayo Ekukhathaleleni KukaNkulunkulu
    I-Phaphama!—1995
  • Ukuthola Amandla Ebuthakathakeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Umbono Wethemba Naphezu Kokukhubazeka
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 5/1 kk. 29-31

Ukuthola Injabulo Naphezu Kokukhubazeka

Ilandiswa uPaulette Gaspar

Nakuba ngazalwa nginesisindo esikahle esingamakhilogremu amathathu, udokotela wabona ukuthi kukhona okwakungahambi kahle ngami. Ngaphuka amathambo ngesikhathi ngizalwa. Inkinga yami ukuthi nginesifo esibizwa ngokuthi i-“osteogenesis imperfecta,” ngokuvamile esibizwa ngokuthi isifo sokudleka kwamathambo. Ngaphuthunyiswa egumbini lokuhlinza, kodwa odokotela babengenathemba lokuthi ngizosinda. Babelindele ukuthi ngizofa lungakapheli nosuku.

NGAZALELWA eCanberra, enhloko-dolobha yase-Australia, ngo-June 14, 1972. Nakuba abaningi base belilahlile ithemba, usuku lwaphela ngisaphila. Kusenjalo ngangenwa i-pneumonia. Ngenxa yokuthi babecabanga ukuthi ngeke ngisinde, odokotela abazange banginike mithi futhi bathi kungcono “kwenzeke okwenzekayo.” Kwenzeka okuhlukile, ngasinda.

Ngiyacabanga nje ukuthi leso sikhathi sasinzima kangakanani kubazali bami. Ngenxa yokuthi kwase kubonwa ngokusa, odokotela nabahlengikazi ababenezinhloso ezinhle beluleka abazali bami ukuba bangabuqinisi kakhulu ubuhlobo nami. Empeleni, phakathi nezinyanga ezintathu zokuqala engazihlala esibhedlela, abazali bami babengavunyelwe nokungithinta. Kwakulula kakhulu ukuba bangilimaze. Lapho kuba sobala ukuthi ngangizosinda, odokotela basikisela ukuba abazali bami bangiyise ekhaya lezingane ezikhubazekile.

Nokho, banquma ukungiyisa ekhaya. Phela umama wayesanda kuqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lokho ayekufunda kwamenza waqaphela nakakhulu ukuthi unesibopho sokunginakekela. Kodwa kumelwe ukuba kwakunzima ukusondelana nami ngoba wonke amandla akhe ayeqedwa umsebenzi omkhulu okwakudingeka awenze enginakekela. Njalo nje ngangivame ukuphuthunyiswa esibhedlela. Amathambo ami ayephulwa nayinto ewubala, njengokugezwa. Ayephuka ngisho noma ngithimula nje.

Ngacindezeleka

Ngakhula ngisebenzisa isihlalo sabakhubazekile. Eyokuzama ukufunda ukuhamba yayingakhulunywa nokukhulunywa. Naphezu kobunzima, abazali bami banginakekela kahle kakhulu.

Ngaphezu kwalokho, umama wazama ngawo wonke amandla ukungifundisa isigijimi seBhayibheli esiduduzayo. Ngokwesibonelo, wangifundisa ukuthi esikhathini esizayo, uNkulunkulu uyokwenza lo mhlaba ube yipharadesi futhi bonke abantu ngeke besagula ngokomoya nangokwengqondo futhi bayoba imiqemane. (IHubo 37:10, 11; Isaya 33:24) Nokho, umama wavuma ukuthi kuze kufike leso sikhathi, akaboni ukuthi ngiyoke ngikwazi ukujabulela ukuphila kahle.

Ngaqale ngafunda esikoleni sabakhubazekile. Ayikho imigomo othisha bami ababethi mangizibekele yona, kwamina ngangingazibekeli. Empeleni, ukuya nje esikoleni kwakuyinselele enkulu kakhulu. Izingane eziningi zazingiphatha ngonya. Kamuva, ngafunda esikoleni esivamile. Ngathola ukuthi ukujwayelana nabanye abantu kwakungikhandla emzimbeni, engqondweni nangokomzwelo. Yize kunjalo, ngangizimisele ukuqeda isikole.

Ngesikhathi ngifunda amabanga aphakeme, ngacabanga ngendlela ukuphila kwabanye abafundi okwakubonakala kungenathemba futhi kungenanjongo ngayo. Ngacabanga nangalokho umama ayengifundise khona eBhayibhelini. Engqondweni yami ngangazi ukuthi ayengifundise khona kwakuyiqiniso. Kodwa izimfundiso zeBhayibheli azizange zifinyelele inhliziyo yami ngaleso sikhathi. Okwesikhathi esithile, nganquma ukuphila ngokuzijabulisa, ngingafuni ukuzihlupha ngokwazi ukuthi ikusasa lingiphatheleni.

Lapho ngineminyaka engu-18, ngahamba ekhaya ngayohlala kwenye indlu kanye nabanye abantu abakhubazekile. Lesi sinqumo sasingijabulisa kodwa futhi singethusa. Kwakukhanga kakhulu ukucabanga ukuthi ngizoba nenkululeko, ngizimele, ngibe nabangane futhi ngibe nezikhathi ezimnandi nabo. Abaningi babangane bami bashada, ngakho nami ngafisa ukushada nokuthola uthando. Kodwa ayemancane kakhulu amathuba okuthola umyeni njengoba ngikhubazekile. Lelo qiniso lalingidumaza.

Kodwa angikaze ngisole uNkulunkulu ngesimo sami. Ngangifunde izinto eziningi ngaye futhi ngangazi ukuthi akasoze enza into engenabulungisa. (Jobe 34:10) Ngazama ukwamukela ukuphila kwami njengoba kunjalo. Noma kunjalo, ngacindezeleka kakhulu.

Ukululama Kuthatha Isikhathi Eside

Ngenhlanhla, umama waqaphela ukuthi ngicindezelekile futhi wathintana nabadala bebandla ababehlala eduze. Umdala othile wangishayela ucingo wangicela ukuba ngize emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova lendawo. Ngaphezu kwalokho, udade othile ebandleni waqala ukungifundela iBhayibheli isonto ngalinye.

Njengoba ngangilokhu ngikhumbula amaqiniso eBhayibheli umama ayengifundise wona, yashintsha indlela engangibheka ngayo ukuphila. Ngaqala ukujabulela ukuba namanye amaKristu. Kodwa ngase ngifunde ukuyigodla imizwa yami ngoba ngesaba ukuthi hleze kube khona ongizwisa ubuhlungu. Ngicabanga ukuthi lokho kwenza kwaba nzima ngami ukuba nothando olujulile ngoNkulunkulu. Noma kunjalo, ngangazi ukuthi kwakufanele nginikezele ukuphila kwami kuye. Ngakho, ngo-December 1991, ngabhapathizwa ngibonakalisa ukuzinikezela kwami.

Ngathutha endlini engangihlala kuyo nabanye abakhubazekile, ngazitholela ifulethi. Lolu shintsho lwaba nezinzuzo nezinkinga. Ngokwesibonelo, ngaba nesizungu. Ngangethuka nalapho ngicabanga ukuthi ngingase ngingenelwe izigebengu. Ngakho, ngaphinde ngacindezeleka kakhulu. Nakuba ngangiziqinisa, ngihleka lapho nginabantu, izinto zazingahambi neze kahle. Ngangimdinga ngempela umngane omuhle, owayengeke angishiye.

Nginomuzwa wokuthi uJehova uNkulunkulu wanginika lowo mngane engangimdinga. Abadala bebandla baba nomusa benza ilungiselelo lokuba uSuzie, udade othile oshadile, aqhubeke efunda iBhayibheli nami. USuzie wayengaphezu nje komuntu ongifundisa iBhayibheli. Sasondelana kakhulu futhi angive ngimthanda.

USuzie wangiqeqesha ukuba ngizihlanganyele nabanye izinto engangizifunda—enkonzweni yendlu ngendlu nangokwethukela. Ngaqala ukuzazisa ngokugcwele izimfanelo zikaNkulunkulu. Nakuba ngase ngibhapathiziwe, ngangingakabi nothando olujulile ngoNkulunkulu. Ngesinye isikhathi, ngake ngacabanga nokuyeka ukumkhonza. Ngathululela isifuba sami kuSuzie futhi wangisiza phakathi naleso sikhathi esibucayi.

Wangisiza nokuba ngiqaphele ukuthi isizathu esikhulu esasenza ngingajabuli ukuthi ngangisalokhu ngizihlanganisa nabantu ababengenalo uthando oluqinile ngoJehova. Ngakho, ngaqala ukwakha ubungane nabantu ababekhonza uNkulunkulu ngobuqotho—ikakhulu asebekhulile. Ubuhlobo bami nomama babungahambi kahle; ngakho ngaqala ukubuyisana naye nomfowethu. Ngathola injabulo engangingakaze ngiyizwe ngaphambili. Abafowethu nodadewethu abangokomoya nabasekhaya baba umthombo wenjabulo namandla kimi, kodwa nguJehova owangiqinisa kakhulu.—IHubo 28:7.

Umsebenzi Omusha

Lapho ngibuya emhlanganweni wesigodi engezwa kuwo inkulumo eyayiqokomisa injabulo abaningi abayithola enkonzweni yobuKristu yesikhathi esigcwele, ngacabanga, ‘Phela nami ngingakwenza lokhu!’ Yiqiniso, ngangazi ukuthi lokhu kwakuyowukhandla ngempela umzimba wami. Kodwa ngemva kokucabangela le ndaba ngomthandazo, nganquma ukufaka isicelo sokuba umfundisi weBhayibheli wesikhathi esigcwele, futhi ngaqala lo msebenzi ngo-April 1998.

Ngishumayela kanjani kulesi simo sami? Ngokwemvelo, ngingumuntu othanda ukuzimela futhi angithandi ukuba umthwalo kubantu; angithandi ukuthembela kwabanye ngento yokuhamba noma ngezinye izinto. Ngakho, uSuzie nomyeni wakhe uMichael beza neqhinga lokuba ngithenge isithuthuthu. Kodwa ngangizosishayela kanjani? Njengoba isithombe esikulesi sihloko sibonisa, isithuthuthu sami senzelwa mina ngokukhethekile. Njengoba umzinjana wami ungamakhilogremu angu-19, ngingena ngaso isihlalo sabakhubazekile esithuthuthwini!

Isithuthuthu sami singinika inkululeko futhi singisiza ukuba ngiye kubantu, ngifunde nabo iBhayibheli ngesikhathi esikahle kimina nakubo. Kumelwe ngisho ukuthi angive ngikuthanda ukuhamba ngesithuthuthu sami ngipheshethwe umoya ebusweni—lokhu kungenye yezinto ezincane ezijabulisayo ekuphileni!

Ngiyakujabulela ukuqala ingxoxo nabantu emigwaqweni futhi ngokuvamile bayangihlonipha. Ngiyakujabulela ukusiza abantu ukuba bazi iBhayibheli. Ngiye ngihleke uma ngikhumbula okwenzeka ngishumayela endlini ngendlu ngihamba nothile omude kakhulu. Wabingelela umninikhaya owavele nje wangigqolozelela emangele, wabe esebuza engangihamba naye, “Uyakwazi yini ukukhuluma lona?” Sobabili savele safa insini. Lapho ngiqeda ukumshumayeza, lona wesifazane wayesazi kahle ukuthi ngikwazi ngempela ukukhuluma!

Sengiyakujabulela ukuphila, futhi ngiye ngafunda ukumthanda uJehova uNkulunkulu. Angive ngimbonga umama ngokungifundisa amaqiniso eBhayibheli, futhi ngibheke phambili ngokuqiniseka esikhathini esizayo esiseduze lapho uNkulunkulu ‘eyokwenza konke kube kusha,’ kuhlanganise nomzinjana wami.—IsAmbulo 21:4, 5.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 30]

“Ngazama ukwamukela ukuphila kwami njengoba kunjalo. Noma kunjalo, ngacindezeleka kakhulu”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela